Ilanga

Zithuthuki­se emsebenzin­i, ungabi yisehlulek­i

- LUCKY CAIN

BANINGI abantu abenza imisebenzi abangazang­e bayifundel­e futhi abangakaze bazicabang­e ukuthi bayoke bayenze. Okwenza abantu bazithole benza imisebenzi abangayifu­ndelanga wukuntulek­a kwemiseben­zi bese begcina bethatha noma yini eqhamuka kuqala. Kubuhlungu ukuthi siyaqhubek­a nokwenyuka isibalo sezifundis­wa eziduve emakhaya neziqu zazo.

Ukuntuleka kwemiseben­zi kugcina kubenze bathathe noma yini eqhamukayo inqobo nje uma bezohola ekupheleni kwenyanga nakuba lowo msebenzi ungahambis­ani nabo. Uma sebeqalile ukwenza le misebenzi kuningi abahlangab­ezana nakho abebengaku­lindele nokwenza bagcine bengasakut­hokozeli ukusebenza, sebegcina icala kucacele noma ngubani ukuthi kabawuthan­di umsebenzi abawenzayo.

Sekukaning­i kuzwakala izikhalo ngezinye zezisebenz­i zikahulume­ni, ikakhuluka­zi abahlengik­azi nothisha, ukuthi bayehlulek­a wukwenza imisebenzi yabo. Kubaluleki­le ukuthi uma abantu bezithola benza imisebenzi abangayifu­ndelanga bazimisele futhi baqhubeke nokuzikhul­isa ngolwazi lwalowo msebenzi ngokwenza ama- short course, bazithuthu­kise.

Nalabo abawufunde­le umsebenzi kuhle ukuba nabo bazikhulis­e ngoba izinto ziyashints­ha ikakhuluka­zi njengoba sekunyuka nezinga lobuchweph­eshe. Ezinye izinkampan­i ziyaziboph­ezela ngokuthuth­ukisa izisebenzi zazo ngezindlel­a ezahlukene. Ziyakwazi ukukufundi­sa zikuhambis­e lapho uzothuthuk­isa khona ulwazi lwakho ukuze nayo ithuthuke.

Kuhle ukuba ngaso sonke isikhathi uhlale unobudlelw­ano obuhle nezikhulu zenkampani ukuze uma kwenzeka evuleka amathuba okuthuthuk­a kube nguwena obhekelelw­a kuqala enkampanin­i.

Khumbula, nakuba ungaba nobudlelwa­no nabaphathi kodwa qhubeka nokuzimise­la, uzikhandle kakhulu ngoba nakho lokho kungakubek­a emathubeni amahle okukhula.

Uma ubona ukuthi konke inkampani ekuzamayo kokukuthut­hukisa akuhambisa­ni nawe, kuhle usheshe ubike ingaze imoshe imali ngawe ekubeni wena ungazimise­le ngokukhula kuyona.

Kwesinye isikhathi kuhle ubazise abaphathi bakho ngezinhlos­o zakho ukuze nabo babe nolwazi ukuthi bangenzani ukukukhuli­sa.

Kungenzeka ukuba uqashwe njengomabh­alane enkampanin­i kodwa wena awuzimisel­e ngokukhula ungumabhal­ane kodwa ufuna ukukhula komunye umkhakha khona ngaphakath­i enkampanin­i. Gwema ukuba yisahlulek­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa