Ilanga

KUMQGUGQUZ­ELE UKUNGAWINI KUMA-METRO FM AWARDS

- SANDILE MAKHOBA

UFUNA ukuzithoba amanxeba ngezindond­o zamaSouth African Music Awards (SAMA) uBabes Wodumo, ophoxekile ngemuva ngokukhala ngaphansi emncintisw­aneni wamaMetro FM Music Awards (MMA), kwadumala abaningi.

Uthi akakapheli umoya ngemincint­iswano yezindondo nakuba ephoxekile kumaMMA lapho ebelindele khona ukuhlabana ngendondo yokuqala. Uthe ukungathol­i lutho kuma-MMA kumfakele umfutho wokusebenz­a kanzima.

“Ngizimisel­e ngokubuya nezindondo emncintisw­aneni wamaSouth African Music Awards (SAMA), kumnyama kubomvu,” kusho uBabes Wodumo.

Uqokwe eminxeni emihlanu, okuyi-New Comer of the Year, Best Kwaito Album, Female Artist of the Year, Remix of the Year, kanye nakwiRecor­d of the Year.

Uthi ngeke aphele umoya ngoba izindondo zisho lukhulu kuyena njengomcul­i osemncane. Umfutho uthi uwuthole kubalandel­i bakhe abebelokhu bemtshela ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi akangenele khona bezomvotel­a.

Uhlela ukuphuma imikhankas­o yokunxenxa amavoti ezindaweni ezahlukene. Utshele leli phephandab­a ukuthi ukungathol­i ngisho indondo yokubika nje kumaMMA kwamphula umoya kodwa wakhetha ukuthula, angakhulum­i izinto ezikhuluny­iswa wukudinwa.

Ukungawini lutho kukaBabes kwashiya abantu abaningi bebambe ongezansi, kwazise le ntokazi ayiconsi phansi kubalandel­i bayo. Ingoma kaBabes esihloko sithi “Wololo” yafika kwezwakala. Kuma-SAMA uthi uyojabula kakhulu uma ethole noma yi- award eyodwa nje.

“Angisho ukuthi ngifuna ukuqoqa konke ngoba baningi abanye abaculi abasebenze kanzima engiqhathw­e nabo,” kusho yena.

Uthe abaculi aqhathwe nabo ubahloniph­a kakhulu futhi ngeke ababukele pha-nsi, yingakho nje ezosebenza kanzima enxenxa amavoti.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kakubanga mnandi kumaMMA ngesikhath­i kumenyezel­wa iSong of the Year ngoba wayemile ngemuva esteji elindele ukuthi kuzobizwa igama lakhe.

“Kwaba buhlungu kakhulu ngimile ngemuva, kwamenyeze­lwa owinile, maqede kwadlala iWololo kwamele ngingene esteji ngijabulis­e abantu, ngihlukume­zekile nginjalo,” kulanda yena.

Uthe kumaSAMA akazimisel­e neze ngokuphoxe­ka. makhoba@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa