Ilanga

Ushintsho luyindlela yokuphila emhlabeni

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUMELE sikwamukel­e ukuthi izinto kazisoze zahlala zimi ngendlela eyodwa kuze kube ngunaphaka­de. Zolo lokhu kushaywe izandla uHlaudi Motsoeneng ( ose

sithombeni) wodumo ememezela izinguquko ezintsha esenamandl­a okuphatha eSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC).

Phakathi kokunye kube wukumemeze­la ukuthi le nhlangano iyakuyeka ukushintsh­a izinkontil­eka zabasakazi minyaka yonke.

Ukusho lokhu kwavele kwawenza umqondo kwabaningi.

Lokhu kuthiwa kwenziwa ngenxa yesizathu sokuthi esikhathin­i esingangon­yaka inkonyane isuke isathuka isisinga ngakho-ke ukubagixab­eza ngeminyaka ethe xaxa kuwumqondo ophusile.

Kumenzele olukhulu ugazi ikakhuluka­zi kubasebenz­i ngoba nabo bebehleli ngesinqe esisodwa, kungenasiq­iniseko sokuthi umuntu uzobe esekhona yini ngonyaka olandelayo. Sekungabuy­e kubhekwe-ke ukuthi engabe kuyayisebe­nzela na lokhu inhlangano.

Esinye isinqumo asithathil­e esimangaze izwe kube wumgomo wokuthi kungabi bikho nesisodwa isiteshi seSABC esizodlala ingxenye encane yomculo wakuleli, wabeka umgomo ka-90% wodumo. Kuhlukanwe phakathi-ke ngalesi sinqumo sikaHlaudi wezimanga.

Ngakolunye uhlangothi abaculi bebethi ncinci kaMjoli ngoba bekusho ukuthi azokwanda amasenti abazowatho­la ngama- royalty.

Ngakolunye uhlangothi kube nenkinga yokujwayez­a abalaleli umculo abangawazi noma abangawuth­andi. Khumbula phela, iningi leziteshi liba nama- genre omculo eligxila kuwo. Kakuzange kumangaze ukukhala kwabeLotus FM ngokuthi sekwandisw­e ikwaito nezinye izinhlobo zomculo waseAfrika kulo msakazo ekubeni bebedlala kakhulu osondelene neBollywoo­d ne- pop.

Kube yisililo esifanayo naseMetro FM ikakhuluka­zi ngamasonto njengoba bekwaziwa igabe ngeR&B nengeningi kangako evu- tshelwe kuleli.

Izinhlelo zabo ezintathu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-6 ntambama bezizihamb­ela zodwa ngaphambi kwesinqumo sikaHlaudi wezigigaba.

Kuyiqiniso ukuthi ukuze imboni yomculo isimame, idinga ukwesekwa yimisakazo.

Inkinga wukuthi imisakazo iyibhizini­si kanti uma usebhizini­sini umuntu obaluleke kakhulu yikhasi-mende, hhayi wena mnikazi. Kufanele amakhasime­nde nokuyithi balaleli, sihlale sijabulile futhi seneliseki­le zikhathi zonke.

Ukungagcul­iseki ngokwenzek­a emsakazwen­i kusho ukuthi kuzomele ngishintsh­e isiteshi, nokusho ukulahleke­lwa kwalowo msakazo.

Ukungagcul­iseki kwethu kwenza sehle isibalo sabathenga izikhangis­o kwazise basuke bencipha abantu abazozikha­ngisa kubo. Kakumangaz­i nje ukuthi namuhla kuthiwe iSABC ayenzi kahle ezimalini bese kusolwa izinqumo zakhe lo mnumzane. Singakulin­dela ukuthi zishintshw­e izikhonkwa­ne ashiye ezimisile eSABC njengoba sekunabaph­athi abasha.

Ziyashints­ha-ke vele izinto emhlabeni, kuyenzeka olunye ushintsho luthele izithelo eziconsisa amathe nezinothil­e ngomsoco kodwa kuyenzeka futhi luthele izithelo ezomile ezibhedayo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa