Ilanga

AZOBABHINC­ISELA NXANYE AMABHINCA KWI-VDJ

- LUCKY CAIN

KUHLANGANE abaMantsho­ntsho kaMaskandi neMpucuzek­o Skills and Developmen­t ngenhloso yokuqhakam­bisa ukuzigqaja kwamabhinc­a eNingizimu Afrika.

Laba bahlangane bazibiza ngokuthi yiHlahla Lamabhinca kanti bazoba nezinhlelo ezahlukene abazoba nazo zokuqhakam­bisa ububhinca. Ngokusho kukaZazi Nxele ongumxhuma­nisi weHlahla Lamabhinca, kubaluleki­le ukuba sibuyise ukuzigqaja kwabantu ngalokhu abayikho.

“Njengoba sekubekwe kwacaca ukuthi lona ngunyaka wamabhinca kuhle ukuba abantu sibabekele isithombe sokuthi kuyini ukuba yibhinca.

“Abantu abaningi banolwazi olungaqini­sekisiwe ngokuba yibhinca ngakho kuhle ukuba sibafundis­e, sibakhutha­ze ukuba bazigqaje ngaphandle kokuzizwa bebukeleka phansi,” kuchaza uNxele. Uthi ngaphansi kwezinhlel­o abanazo wukuthi babe netende lamabhinca kwiVodacom Durban July.

“Kuleli tende sizokhutha­za abantu ukuba bavunule banconse ngengqephu yesintu. Sifuna futhi nokukhombi­sa abantu ukuthi akumele uze ushintshe ubuwena ukuze uhambele imicimbi emikhulu ungaba yibhinca elisezintw­eni ukhululeke kunoma imuphi umcimbi,” esho.

“Sisaxhuman­a nezinhlaka ezahlukene ukuze zibe yingxenye yaleli tende. Sikhuthaza osomabhizi­nisi asebephume­lele futhi abazigqaja­yo ukuba babenathi,” eqhuba.

UNxele uthi bazohlela futhi uhambo lapho bezoya kobuka umdlalo webhola likanobhut­shuzwayo lezimbangi zaseSoweto.

“Ukuba yibhinca akusho ukuba wumZulu kuphela kodwa ungaba umXhosa oyibhinca noma umSuthu noma yibuphi ubuzwe, inqobo nje uma uzigqaja ngobuwena,” kusho uNxele.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngemuva kokuba uMroza ehlukanise unyaka ngengoma yakhe esihloko sithi “Elamanqamu” iningi labantu lizwakalis­e ukuthi lona ngunyaka wamabhinca.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa