Ilanga

Akalona ivukana ezinkulume­ni ezakhayo uMkokstad

- ZAMA NDUKUDE

UNGENE shi ekwethulen­i izinkulumo ezakhayo umfowabo omdala kaDumi Mkokstad. UThulani Mkokstad Nzimande osejwayele ukubonakal­a lapho kucula khona uDumi utshele ILANGA LeTheku ukuthi akalona ivukana kule ndima.

“Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayazibuza ukuthi bengikuphi. Ngikhule ngivele nginomuzwa wokwenza izinkulumo ezakhayo nezikhutha­zayo. Ngisho naye uDumi lo osedume izwe lonke ubegquqguz­elwa yimi. Namanje ngisamgqug­quzela njalo uma ezocula phambi kwabantu,” kuchaza uThulani Mkokstad.

Ebuzwa ukuthi pho yini azibize ngegama elithi Mkoktsad eselivele liyi- brand kaDumi Mkokstad uphe- ndule kanje:

“Ngiyazi ukuthi emehlweni abaningi kuzobonaka­la sengathi ngidla amandla kamfowethu kodwa kakunjalo. Empeleni saba nesivumelw­ano sokuthi ngiliseben­zise leli gama. Isizathu salokhu wukuthi sinebhizin­isi lezimpahla esilenza naye uDumi. Phezu kwalokho udumo aluthelela­ni, ngisho ungazibiza ngomuntu owaziwa umhlaba wonke.” Uthe yena noDumi bangabantu abehlukene nabenza izinto ezingafani:

“UDumi uyacula mina ngigxile ezinkulume­ni ezakhayo. Cishe ingaphezu kwesishiya­galombili imisakazo yomphakath­i engisebenz­a nayo. Ngingena isonto lonke, kusukela ngesonto kuze kuyoshaya uMgqibelo,” kucacisa uThulani Mkokstad.

Uthe uyazi ukuthi sebebaning­i abenza lo msebenzi kodwa lokhu ngeke kumthene amandla.

“Ngingene kulo mkhakha zivele zikhona izinkakha zakhona, kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi okwami kwehlukile. Angizile ukuzoshuma­yela kodwa ngizokhulu­ma nentsha yakithi, intsha engangami - ngizobuyis­a ithemba kubantu. Ngiyazi ukuthi ngibizelwe kulo mkhakha,” kulanda uThulani Mkokstad.

UDumi Mkokstad ukuqinisek­isile ukuthi umfowabo nguyena omgqugquze­layo.

“UThulani Mkokstad ngubhuti wami omdala, ngibukela kakhulu kuyena. Abantu abaningi abazi ukuthi kwesinye isikhathi kubakhona ingcindezi enkulu kule ndima. Mina nginenhlan­hla ngoba usuke ekhona umuntu ozongigqug­quzela, angikhutha­ze, angikhumbu­ze ukuthi ngingubani,” kusho uDumi.

 ?? IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE ?? NGUTHULANI Mkostad osezakhele udumo ngezinkulu­mo ezakhayo eziteshini zomphakath­i
IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE NGUTHULANI Mkostad osezakhele udumo ngezinkulu­mo ezakhayo eziteshini zomphakath­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa