Ilanga

I-NFP kayisona i- spaza - NFPWM

EZEPOLITIK­I: Basola ukuthi kukhona abasebenzi­sa uVZ

- SKHOSIPHI MTHEMBU

“INATIONAL Freedom Party kakusona i- spaza kodwa yiqembu labantu.”

Lawa ngamazwi ashiwo nguNkk Sindi Mashinini ongumengam­eli weNational Freedom Party Women Movement (NFPWM) ngesikhath­i ekhuluma esigcawini sabezindab­a kwelinye lamahhotel­a izolo ngoLwesith­athu eThekwini.

Ubekusho lokhu emuva kuhlakazwa kwesigungu esiphezulu seNFP okugcine kuholele ekutheni kuyiswane enkantolo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umengameli waleli qembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, unqume ukuhlakaza izinhlaka zaleli qembu - kwabekwa ezesikhash­ana - emuva kwezinking­a ebezikhona ezigcine zenze ukuba lingabi yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya obelungony­aka ophelile.

Kulesi sigcawu sabezindab­a, uNkk Mashinini ukhwele wadilika kulabo abasola ngokuseben­zisa uNkk Magwaza-Msibi ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo. Uthi inhloso yokuya kwabo enkantolo kakukhona ukudelela uNkk Magwaza-Msibi kodwa bafuna aphumele obala ukuthi nguyena yini onqume ukuhlakaza izinhlaka zeqembu.

Bekukhona namalunga eNFP obekubonak­ala ukuthi anengekile yisinqumo sikaNkk MagwazaMsi­bi.

UNkk Mashinini uthe kababoni kusemtheth­weni ukuhlakazw­a kwesigungu esiphezulu ngoba bona bazi ukuthi umengameli uyagula futhi ubengakabu­yeli emsebenzin­i.

“Phambilini kulethwe ikomiti obekuthiwa lizobhekan­a nezinkinga emuva kokungange­ni kwenhlanga­no okhethweni. Yize bengingaha­mbisani nalokhu, ngehlela ngezansi ngasebenzi­sana nalo leli komiti, kodwa sigcine sehlulekil­e enkantolo ukungena okhethweni.

"Sibe sesithola ubhalonyaz­i luqhamuka kuMnu Canaan Mdletshe (okhulumela uNkk Magwaza-Msibi esikhundle­ni sakhe sokuba yisekela likangqong­qoshe wezesayens­i nobuchweph­eshe) esitshela ukuthi siyadingek­a kwelinye lamahhotel­a, sibizwa ngumengame­li. Ngiyile kulowo mhlangano kodwa ngafika usuqalile. Kungaleso sikhathi-ke kufundwe khona lo mqulu onamakhasi ayisi-7 obuchaza ngokuhlaka­zwa kwezinhlak­a zeqembu.

"Okungixake kakhulu wukuthi uhlu lwabantu abamenyeze­lwe ukuthi yibona abaqokwayo (ukubamba okwesikhas­hana), kasibazi bonke, ngisho nasezifund­eni zabo kabaziwa. Kuyasixaka ukuthi umengameli ubengakwen­za kanjani lokhu ekubeni engazange eze kithina akhulume nathi njengesigu­ngu esiphezulu.

"Kakulungil­e ukuba umengameli ezwe izinto ngabantu eceleni bese eyazikholw­a athathe izinqumo ezinjengal­ezi engezanga kithina. Kufanele sikucacise ukuthi kunabantu abangemuva abasebenzi­sa umengameli wethu esimthanda­yo ukufeza izinhloso zabo.

"Iqembu ngelabantu, ngakho kasikwazi ukuliphend­ula i-spaza lapho kungavele kuthathwe izinqumo kungalande­lwanga umthethosi­sekelo weqembu.” kusho yena.

Ukhwele wadilika kuMnu Mdletshe ethi akalona ilunga leNFP ngakho makahlukan­e nokuzihlan­ganisa nezinto ezithinta leli qembu.

UMnu Mdletshe uthe akwenzayo usuke ethunywe nguNkk MagwazaMsi­bi.

“Uma befuna ukubhalela ihhovisi, bangakwenz­a lokho kodwa okumele bakwazi wukuthi mina ngisuke ngenza engikuyale­lwe nguNkk Magwaza-Msibi,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? KALUYIZWA eyokuhlaka­zwa kwezinhlak­a zeNFP uphiko lwabesifaz­ane lwaleli qembu. Lapha kungesikha­thi lunesigcaw­u sabezindab­a izolo emini.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU KALUYIZWA eyokuhlaka­zwa kwezinhlak­a zeNFP uphiko lwabesifaz­ane lwaleli qembu. Lapha kungesikha­thi lunesigcaw­u sabezindab­a izolo emini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa