I-CHIEFS ISILWELA ISITHUNZI
I-KAIZER Chiefs ilwela ukubuyisa isithunzi ngeLamontville Golden Arrows abazobhekana nayo emdlalweni we-Absa Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 eFNB Stadium, eSoweto.
IChiefs iya kulo mdlalo ngenhloso yokuthola amaphuzu amathathu njengoba ikholwa wukuthi isenalo ithuba lokunqoba isicoco seligi. I-Arrows yona ilwela ukubuyela kwi- top 8 njengoba isingaphandle kwayo okokuqala ngqa selokhu kuqale isizini.
USiphiwe “Shabba” Tshabalala odlala esiswini kwiChiefs, uthi kuzofanele bavuke nge-Arrows uma besazimisele ngokulwela isicoco seligi.
“Siyakuqonda ukuthi ukunqoba kwethu isicoco seligi sekusemseni wamanye amakilabhu kodwa ithemba kalibulali, yibhola leli kusengenzeka noma yini. Okufanele sikwenze nje thina wukuqinisekisa ukuthi siyayinqoba imidlalo yethu ezayo kusukela ngalo we-Arrows.
“Okwenzeke emdlalweni weSuperSport United sekuwumlando, namaphutha esiwenzile siwalungisile. Okufanele sikwenze nje thina wukuvuka nge-Arrows ukuze siqhubeke nokufaka ingcindezi esicocweni seligi,” kusho uTshabalala.
UNduduzo “Sulumane” Sibiya odlala esiswini kwi-Arrows, uthi bazokwenza ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo.
“Umdlalo ngeke ube lula kodwa sizokulwa ngoba nathi siyawadinga amaphuzu aphelele. Sizimisele ngokubuyela kwi- top 8 ngakho-ke kubalulekile ukuthi siwunqobe lo mdlalo,” kusho uSibiya.