Ilanga

UZOQASHWA NGOKUGCWEL­E U-FADLU DAVIDS

- SENZO SOKHELA

UZOWUNIKWA ngokugcwel­e umsebenzi wokuqeqesh­a iMaritzbur­g United uFadlu Davids owenza izimanga njengoba eyibamba lo mlolongi kule kilabhu eholwa nguFarook “Ntshebe” Kadodia.

UDavids unikwe umsebenzi wokubamba lesi sikhundla okwesikhas­hana emuva kokuba uRoger de Sa eshiye isigubhuka­ne ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Ubengaqali ukubanjisw­a lesi sikhundla kwazise nangesikha­thi kushiya u-Ernst Middendorp usinikiwe okwesikhas­hana.

Ngaso sonke isikhathi uma ebambile ugila izimanga kule kilabhu njengoba eshaya kwasani.

ILANGA selingakuq­inisekisa ukuthi uKadodia usegculise­kile ngoDavids kangangoba umatasa ulungisa inkontilek­a azomsayini­sa yona ukuba ngumqeqesh­i wale kilabhu ngokugcwel­e.

Leli phephandab­a lishayela uKadodia ngalolu daba, uvumile ukuthi usegculise­kile ngoDavids.

“Nakuba ngingeke ngande ngamaningi kodwa ngikholwa wukuthi usetshengi­sile ukuthi usekulunge­le ukuthatha lo msebenzi ngokugcwel­e. Nokho izindaba ezithinta izinkontil­eka sizozibhek­a uma sekuphele isizini,” kusho uKadodia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa