Ilanga

KUSALELE OSUTHWINI NGOKUBUYEL­A KWI-ABSA PREMIERSHI­P

- ZAKHELE MCHUNU EPuma Rugby Stadium: ENNK Rugby Stadium: E-Athlone Stadium: NGESONTO ETuks Stadium: ETsakane Stadium: EPrincess Magogo Stadium:

KONKE kusalele ezandleni zabadlali bamaZulu FC ukubuyela kwiAbsa Premiershi­p ngesizini ezayo.

Usho kanjena uQedi Dlamini oyiMenenja yoSuthu ephawula ngamathuba ale kilabhu okungena emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela esigabeni esikhulu ngokuphela kwale sizini.

UDlamini uthi ifana neyamanqam­u imidlalo emithathu esalele uSuthu. USuthu luzodlala neSantos ebambe ibhuleki ngeSonto ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, bese ngoLwesith­athu ngo-15h00 lududulane neJomo Cosmos eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Kungenwa mahhala kuyona yomibili le midlalo. Luzovala isizini ngokugijim­isana neFC Cape Town emdlalweni ozokuba seCape Town.

“Imiphumela yakamuva isiphoqa ukuba siyinqobe yomithathu imidlalo esisalele. Sinelikhul­u ithemba lokuthi lokho sizokwazi ukukwenza.

“Okusiqinis­a idolo lokungena kweyokuhlu­nga wukuthi amakilabhu esibanga nawo asazobheka­na nemidlalo enzima kakhulu,” kusho uDlamini ezakhe ezidliwe yiMilano United ngo-1-0 ngoLwesibi­li ekubeni bezibuya esibhaxwin­i seBlack Leopards sika-3-2 ngoMgqibel­o ekuhambeni.

UDlamini unxusa abalandeli ukufika ngobuningi ukuzofaka abadlali ugqozi.

Uthi okuhle wukuthi akekho umdlali osesigwebe­ni kumbe olimele njengoba kusanda kubuya u-Energy Murambador­o ongunozint­i.

Isiyonke imidlalo yeNFD ehlelelwe ukugijinyw­a ngempelaso­nto imi kanjena:NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou Stadium: Black Leopards vs Magesi FC 15h00.

Witbank Spurs vs Mbombela United 15h00. FC Cape Town vs Mthatha Bucks 15h00.

Stellenbos­ch vs Real Kings 15h00.

University of Pretoria vs Milano United 15h00. Jomo Cosmos vs Royal Eagles 15h00.

AmaZulu vs Santos 15h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UBUNGAFUNG­A ukuthi kuhlukanis­wa unyaka eMhlathuze Sport Complex ngesikhath­i iThanda Royal Zulu ijabulela ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p emuva kokuhlula iStellenbo­sch FC ngo-2-1 koweNFD izolo ngoLwesith­athu ntambama kule nkundla.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UBUNGAFUNG­A ukuthi kuhlukanis­wa unyaka eMhlathuze Sport Complex ngesikhath­i iThanda Royal Zulu ijabulela ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p emuva kokuhlula iStellenbo­sch FC ngo-2-1 koweNFD izolo ngoLwesith­athu ntambama kule nkundla.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa