Ilanga

INJABULO ITHANDA IBUYELA KWI-ABSA PREMIERSHI­P

- SENZO SOKHELA Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD imi kanje:

KUQHUME imikikizo, kwaduma ingoma, kwaphuzwa amawayini, uRoger Sikhakhane ongumqeqes­hi wandiza emoyeni iThanda Royal Zulu ibuyela kwi-Absa Premiershi­p emuva kokuba iguqise iStellenbo­sch FC ngo-2-1 koweNation­al First Division (NFD) izolo ngoLwesith­athu ntambama eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay.

Amagoli abuyisele iThanda kwiPremier­ship abhakuzisw­e enethini nguKhotso Malope ngomzuzu wama-33 noMichael Gumede ngowama -68. Elokubika ekhaya leStellenb­osch kube yiphenathi kaMame Niang ayibhajisw­e ezintanjen­i ngomzuzu wama-55.

USifiso “Jomo” Biyela, obesemanzi te yiwayini, uthembise abalandeli bale kilabhu isiphihli somcimbi ukubabonga ngokubesek­a ngokufika ngobuningi emidlalwen­i yale kilabhu.

“Sizokwenza indumezulu yomcimbi uma sesiphethe indebe ukubonga abalandeli abebewa bevuka nathi kunzima,” kusho uBiyela eqhulula ingoma.

ULunga Sokhela oyiMenenja­jikelele yamaZulu FC obehambele lo mdlalo, ubongele iThanda ngempumele­lo yayo.

“Ukuphumele­la kweThanda kusijabusi­le kakhulu futhi kwasifaka umfutho ukuthi nathi silwe ukungena kwiPremier­ship. Ithuba sisenalo. Sizozama ukuyinqoba le midlalo yethu esele,” kusho uSokhela. USikhakhan­e akaqali ukufaka ikilabhu kwiPremier­ship kwazise eminyakeni embalwa edlule ukhuphulel­e kulesi sigaba iChippa United emxoshise okwenja. Santos 1, Cosmos 1; Thanda 2, Stellenbos­ch FC 1; Eagles 0, Leopards 0; Mbombela 3, FC Cape Town 1; Magesi FC 1, Cape Town All Stars 0; Mthatha 0, Universiy of Pretoria 0; Kings 1, Spurs 1; Milano 1, AmaZulu 0.

Ithuba sisenalo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa