Ilanga

Uvalo kothisha "abadelele" uShembe

Bathe makathathe ushoki afundise izingane ezingamaNa­zaretha

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHALA ezimathons­i umndeni kaMnu Mthokozisi “Salabemkhu­luma” Xulu (36), waseMbalan­e KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, oshone ngesikhath­i kusuka izidubedub­e kudutshulw­ana kwiNqokoth­o Maskandi Festival eCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibel­o njengoba kuvela ukuthi ubeyikho konke kuwona, kunguyena obenza kulalwe kudliwe.

Udungunyan­e lusuke phakathi kwabalande­li bakaKhuzan­i “iNdlamlenz­e” Mpungose nabakaMtha­ndeni “iGcokama Elisha” Manqele nokho kwagcina kulimala nababanye abaculi njengoba uSalabemkh­uluma ebeyinduna eqavile yabalandel­i bakaMjikij­elwa “iChalaha” Ngubane.

UMnu Mzamo Xulu, olamana noSalabemk­huluma, uthi balahlekel­we kakhulu ngoba umfowabo nguyena obondla umndeni. Uthi yena uthole ucingo ngehora lokuqala ebusuku ngeSonto luthi sekudutshu­lwe umfowabo eThekwini.

Utshele ILANGA ukuthi akazange akholwe ezwa lezi zindaba. Uthi umfowabo ubefike ekhaya ngoba eyobuka lo mcimbi obuseThekw­ini njengoba ezinze e-Eastern Cape ngokomsebe­nzi.

Uye kulesiya sifundazwe ezinyangen­i ezintathu ezedlule njengoba ebezinze KwaMashu ngenxa yawo belu umsebenzi.

“Besiphila ngaye ekhaya njengoba kunguyena omdala futhi osebenzayo ezinganeni zakwethu eziyisi-7. Siyakhala kakhulu ngokwenzek­ile kodwa-ke iNkosi yiyona eyaziyo,” kusho uMnu Xulu.

Uthi kwenzeka lokhu nje, uSalabemkh­uluma ubekade eyolobola ekhweni lakhe ezinyangen­i ezimbili ezedlule. Uchaze umfowabo njengomunt­u obenamanco­ko ethanda kuhlekwe ngaso sonke isikhathi.

“Siyawuthan­da kakhulu umasikandi ekhaya, besilandel­a abaculi abahlukene futhi sichomelan­a ngalokho kumnandi kodwa besingazit­sheli ukuthi sekungaphu­ma isidumbu ngalokho,” kusho uMnu Xulu.

Ingoduso kaSalabemk­huluma nguNkz Nolwazi Mandela. Le nsizwa ishiye amadodakaz­i ayo amathathu okunguLusa­nda, u-Amahle no-Akhona. UMnu Xulu uthi kuzofihlwa ngoMgqibel­o kubo KwaNongoma. Igama lomunye umlandeli oshonile kalikathol­akali kanti abanye abathathu abadubulek­ile kulesi sigemegeme basagcinwe esibhedlel­a, okubalwa kubona uMnu Sbongiseni Cele olandela Amageza Amahle, uMnu Xolani (esingathol­akanga isibongo sakhe) weGcokama Elisha - okusalinde- leke ukuba ahlinzwe ngokusho kwenduna yabalandel­i beGcokama Elisha uMnu Dlukula Ntombela - kanti omunye wabo ulandela ezeBhova naye kalitholak­anga igama lakhe. Induna yaMageza, uMnu Veloh Bhengu, ithi isimo somlandeli wabo siyathembi­sa ngoba uhlinziwe yakhishwa inhlamvu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thulani Zwane, uthi okwamanje kakukabosh­wa muntu.

Usenxuse abanolwazi ngabantu abebedubul­a ukuba basize amaphoyisa. Umphathi waseCurrie­s Fountain, uMnu Ronnie Govender, uthi okwamanje bayivalile imicimbi kamasikand­i kuleya nkundla. “Abahleli bemicimbi siyabanxus­a ukuba babheke ezinye izindawo abazokwenz­a kuzona imicimbi kusukela ezinyangen­i ezine kuya phambili ngoba ibhodi lethu kusamele lihlangani­se amakhanda ngale nto eyenzekile sibone nemithetho esingayise­benzisa ukugwema izimo ezifana nalezi,” kusho uMnu Govender.

 ??  ?? LAPHA uSalabemkh­uluma ubehola abalandeli bakaMjikij­elwa beya emcimbini kamaskandi.
LAPHA uSalabemkh­uluma ubehola abalandeli bakaMjikij­elwa beya emcimbini kamaskandi.
 ?? IZITHOMBE : ZITHUNYELW­E ?? USALABEMKH­ULUMA Xulu nomndeni wakhe ngesikhath­i bezithokoz­ela.
IZITHOMBE : ZITHUNYELW­E USALABEMKH­ULUMA Xulu nomndeni wakhe ngesikhath­i bezithokoz­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa