Iyakhathaza eyokuthukana kwabaculi
MHLELI: Kuyakhathaza ukuthi njalo emaphepheni sizozwa ngomculi ekhala ngomunye omthukayo. Ngisuswa yindaba kaSomnandi obekhala ngoPotso Ngobese wamaGezamahle ephephandabeni.
Lokhu kubi ngoba kudala uqhekeko nokuhlale kunokubhekana ngeziqu zamehlo kubaculi bebodwa.
Ngakuthanda ukuyovela kwakhe uSomnandi kubo kweNdidane (Mtshengiseni Gcwensa) ngokudlula kwayo emhlabeni, omunye owayengeke akwenze ngoba engazi naye uyokwemukeleka ngendlela yini. Bekukuhle le nto iphele manje kodwa mina ukuba benginguPotso, bengizozishayela izingoma zami ngihlukane noSomnandi ngoba mdala noma ngabe khona akusho kimina ngoba lesi sihlangu akhuluma ngaso akumele ngabe uyakhuluma nangaso kumuntu omdala kangaka.
Lokhu kumele kukhuzwe impela. OVelo Bhengu nangakuyena uSomnandi abasukume bakhuze. Sifuna umculo hhayi udlame kulokhu kuthiwa ubunsizwa.
Sibusiso Madoda Hadebe, eKatlehong ENHLAPO SECTION.