Ilanga

Iyakhathaz­a eyokuthuka­na kwabaculi

-

MHLELI: Kuyakhatha­za ukuthi njalo emaphephen­i sizozwa ngomculi ekhala ngomunye omthukayo. Ngisuswa yindaba kaSomnandi obekhala ngoPotso Ngobese wamaGezama­hle ephephanda­beni.

Lokhu kubi ngoba kudala uqhekeko nokuhlale kunokubhek­ana ngeziqu zamehlo kubaculi bebodwa.

Ngakuthand­a ukuyovela kwakhe uSomnandi kubo kweNdidane (Mtshengise­ni Gcwensa) ngokudlula kwayo emhlabeni, omunye owayengeke akwenze ngoba engazi naye uyokwemuke­leka ngendlela yini. Bekukuhle le nto iphele manje kodwa mina ukuba benginguPo­tso, bengizozis­hayela izingoma zami ngihlukane noSomnandi ngoba mdala noma ngabe khona akusho kimina ngoba lesi sihlangu akhuluma ngaso akumele ngabe uyakhuluma nangaso kumuntu omdala kangaka.

Lokhu kumele kukhuzwe impela. OVelo Bhengu nangakuyen­a uSomnandi abasukume bakhuze. Sifuna umculo hhayi udlame kulokhu kuthiwa ubunsizwa.

Sibusiso Madoda Hadebe, eKatlehong ENHLAPO SECTION.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa