Ilanga

IMIBONO YABAFUNDI KU-FACEBOOK NGOKUHHEWU­LWA KWABAHOLI BE-AFRICAN NATIONAL CONGRESS (ANC) E-FREE STATE, KWAZULUNAT­AL NASELIMPOP­O NGOSUKU LWEZISEBEN­ZI, I-MAY DAY:

-

INESIBINDI nayo le ndoda yakwaZuma, iyabona umonakalo esiwudalil­e ezweni kepha iyaqhubeka kunokuba ishenxe, ihlukane nobumengam­eli ngoba buyayehlul­a. Mbongeni Shezi

KAKULULA ukuba yehle (le ndoda) ngoba iyazi izobhekana nejele. Ndukenhle Cebekhulu

KUNGAKHALW­A nje ngoba ukukhala kwabekwa kepha umuntu ongaqedang­a kwasikole angaliphat­ha kanjani nje izwe? Nize niyamvuna nithi uvikela umnotho, nini khona ngoba kade enza ihlaya ngokuwa kwerandi nje kwacaca nalapho ukuthi akazi lutho ngezomnoth­o, wedukisa abantu abangazi njengaye. Sanele S Hlongwane

UMUNTU osathi uMsholozi makaboshwe usebumnyam­eni ngempela. Isitha la yilaba abamelene

nenoguquko olunqala kwezomnoth­o, inqwaba yenu engazi nokuthi imeleni, nci ncii nciii. Kusekude phambili esizweni esimnyama.

NGIYAYITHA­NDA le nto eyenzeke eBloemfont­ein, uZuma kumele ehle esikhundle­ni. Abantu abaningi kabawuqond­i umonakalo asewenze nalaba bakwaGupta emnothweni wezwe. David Sisilana

VIVA Msholozi viva! Wubala lolu, vele uma unokholo oluncane sikubona ngokufika kwezivungu­vungu zikuketule uvume phansi. Thembi Madlamini Nkwanyana

IZIPHUKUPH­UKU zamvotela uZuma, zihlulwa yini ukulinda unyaka wezi-2019 bese zivotela lowo ezimfunayo? Mehlow Jwara

LABA abathi makehle uZuma bathi makungene bani abanesiqin­iseko esingakana­ni sokuthi uzodala ushintsho? Masingabha­yiziswa yilaba abavele bengamavuk­elambuso. Mhlawumbe lokhu uZuma abezokusho bekuzobahl­omulisa abanye kodwa bamvimbile. Somkhu Khulekani

NGICIKEKIL­E ngalab’ oskhotheni engingazi ukuthi bebeyaphi eralini uma bengasafun­i kukhulume umengameli. Lindy Raigns

WANGENA ngevoti uZuma esikhundle­ni, uyophuma ngalo futhi. Fana Maphalala

UMNU Thabo Mbeki naye wayengene ngevoti kodwa wakhishwa singashayi­le isikhathi. Okwenziwa komunye makuphindw­e nakuZuma. Jabulani Mjeyi Mhlongo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa