Ungazitholi uyinyoni, uthi uphethe inyoni
UKUTHANDANA nomuntu ongakulandeli ezintweni ozenzayo noma ongakuxini kungakwenza ukhululeke kakhulu futhi kungakubeka esimeni sokuzitshela ukuthi ukuthi ungumaqondana kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.
Abanye abantu bayingozi kakhulu uma bethule. Kungcono ujabulele ukuthi umuntu wakho unolaka noma unesikhwele kunokuthi ujabulele ukuthi uyakuyeka nje ube wuvanzi, angakuxini ngemibuzo yokuthi uphumaphi, ubuwenzani futhi nobani.
Abanye abantu bayakubuka nje bangasho lutho kanti bahlezi phezu kwamaqhinga okukugudluza. Njengoba siphila kulo mhlaba, sinabantu abangakuthandi neze ukukhuluma kodwa abavele benze izinto ezizokuthusa ekugcineni.
Ungakujabuleli ukuthi umuntu wakho akakubuzi ukuthi uphumaphi noma uyaphi. Lokho akusho kuphela ukuthi ulungile kodwa kungabuye kusho ukuthi usekhathele wukukhuluma noma ukucabangela okuthile. Umuntu uyakwazi ukuthandana nawe, akunike sonke isikhathi osidingayo kanti uyalobola ngasese.
Wena uzoqhoshela abangani bakho uthi uzibambele inyoni yakho engakubuzi ngisho ubuya ebusuku kanti lutho inyoni nguwena uqobo, kuyalotsholwa ngasese.
Ngakho-ke ungazishayi isifuba kakhulu ube ungazi ukuthi kwenzekani. Uma umuntu wakho engenaso isikhwele ngawe noma elalela wonke amanga omtshela wona kumele ukhathazeke. Kunamanga okumele ubone nawe ukuthi be- kumele ubanjwe kuwona kodwa umuntu avele akukholwe kalula nje. Lapho kumele wazi ukuthi ubhekene nosomaqhinga.
Ikakhulukazi uma ekade ekuthethisa nisaqala ukuthandana kodwa kuthi ngokuhamba kwesikhathi evele azithulele nje abuke, kumele ubone ukuthi kukhona okushaya amanzi.
Isibonelo nje esilula - ake sithi nje unguthisha esikoleni samabanga aphansi, bese kuthi esithubeni uthi uya phesheya kwezilwandle ngokomsebenzi. Uzokukholwa okokuqala nokwesibili kodwa uma usuya njalo kuzobuya emqondweni wakhe ukuthi yini eyenziwa wuthisha osemabangeni aphansi phesheya kwezilwandle.
Lokho kuzomnika umqondo wokuthi akusafanele akwethembe bese eyazibhekisisa izindlela zakho. Omunye-ke ngeke akutshele uma esekubambile kodwa uzozama ukuthola omunye umuntu ozolungisa amaphutha akho.
Abanye abantu bayakuzonda ukwenziwa isilima noma ukukhohliswa. Omunye uzokwenza sengathi akanendaba nomuntu ongakwazi ukupheka, nawe ukhululeke uthi “eyami indoda nje yazi kahle, angihlangani nebhodwe, uma ngiyivakashele sidla ezitolo.”
Lutho-ke sisi, ukhona ozitubuzela amagabadi ngokuphekela indoda yakho. Engingakusho nje ekugcineni wukuthi kumele uzikhathaze ngezinto umuntu wakho angenandaba nazo. Kanjalo nabesilisa, uzothi umuntu wakho ukhululekile kanti lutho uyalotsholwa ngasese. Wena akasenandaba nawe kodwa useyazidelisa nje ukuqedela uthando abenalo ngawe. Vula amehlo.