Ilanga

Ungazithol­i uyinyoni, uthi uphethe inyoni

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UKUTHANDAN­A nomuntu ongakuland­eli ezintweni ozenzayo noma ongakuxini kungakwenz­a ukhululeke kakhulu futhi kungakubek­a esimeni sokuzitshe­la ukuthi ukuthi ungumaqond­ana kanti ushaye phansi kwashunqa uthuli.

Abanye abantu bayingozi kakhulu uma bethule. Kungcono ujabulele ukuthi umuntu wakho unolaka noma unesikhwel­e kunokuthi ujabulele ukuthi uyakuyeka nje ube wuvanzi, angakuxini ngemibuzo yokuthi uphumaphi, ubuwenzani futhi nobani.

Abanye abantu bayakubuka nje bangasho lutho kanti bahlezi phezu kwamaqhing­a okukugudlu­za. Njengoba siphila kulo mhlaba, sinabantu abangakuth­andi neze ukukhuluma kodwa abavele benze izinto ezizokuthu­sa ekugcineni.

Ungakujabu­leli ukuthi umuntu wakho akakubuzi ukuthi uphumaphi noma uyaphi. Lokho akusho kuphela ukuthi ulungile kodwa kungabuye kusho ukuthi usekhathel­e wukukhulum­a noma ukucabange­la okuthile. Umuntu uyakwazi ukuthandan­a nawe, akunike sonke isikhathi osidingayo kanti uyalobola ngasese.

Wena uzoqhoshel­a abangani bakho uthi uzibambele inyoni yakho engakubuzi ngisho ubuya ebusuku kanti lutho inyoni nguwena uqobo, kuyalotsho­lwa ngasese.

Ngakho-ke ungazishay­i isifuba kakhulu ube ungazi ukuthi kwenzekani. Uma umuntu wakho engenaso isikhwele ngawe noma elalela wonke amanga omtshela wona kumele ukhathazek­e. Kunamanga okumele ubone nawe ukuthi be- kumele ubanjwe kuwona kodwa umuntu avele akukholwe kalula nje. Lapho kumele wazi ukuthi ubhekene nosomaqhin­ga.

Ikakhuluka­zi uma ekade ekuthethis­a nisaqala ukuthandan­a kodwa kuthi ngokuhamba kwesikhath­i evele azithulele nje abuke, kumele ubone ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Isibonelo nje esilula - ake sithi nje unguthisha esikoleni samabanga aphansi, bese kuthi esithubeni uthi uya phesheya kwezilwand­le ngokomsebe­nzi. Uzokukholw­a okokuqala nokwesibil­i kodwa uma usuya njalo kuzobuya emqondweni wakhe ukuthi yini eyenziwa wuthisha osemabange­ni aphansi phesheya kwezilwand­le.

Lokho kuzomnika umqondo wokuthi akusafanel­e akwethembe bese eyazibheki­sisa izindlela zakho. Omunye-ke ngeke akutshele uma esekubambi­le kodwa uzozama ukuthola omunye umuntu ozolungisa amaphutha akho.

Abanye abantu bayakuzond­a ukwenziwa isilima noma ukukhohlis­wa. Omunye uzokwenza sengathi akanendaba nomuntu ongakwazi ukupheka, nawe ukhululeke uthi “eyami indoda nje yazi kahle, angihlanga­ni nebhodwe, uma ngiyivakas­hele sidla ezitolo.”

Lutho-ke sisi, ukhona ozitubuzel­a amagabadi ngokupheke­la indoda yakho. Engingakus­ho nje ekugcineni wukuthi kumele uzikhathaz­e ngezinto umuntu wakho angenandab­a nazo. Kanjalo nabesilisa, uzothi umuntu wakho ukhululeki­le kanti lutho uyalotshol­wa ngasese. Wena akasenanda­ba nawe kodwa useyazidel­isa nje ukuqedela uthando abenalo ngawe. Vula amehlo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFROJUJU ?? ABATHANDAN­AYO ababukeka bejabulile, kuyenzekak­e lokhu ujabule kanje nomuntu kanti akasekho kuwena.
ISITHOMBE NGABE: AFROJUJU ABATHANDAN­AYO ababukeka bejabulile, kuyenzekak­e lokhu ujabule kanje nomuntu kanti akasekho kuwena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa