Ilanga

AKAGODLANG­A LUTHO UMARAH ENCWADINI YAKHE

- ZOWAKHA MBATHA

ISIGCINE iphumile incwadi ekhuluma ngempilo yenkalakat­ha esineminya­kanyaka iyibambile kwezokunan­disa uMara(h) Louw (65) eqanjwe ngokuthi “It’s Me, Marah”.

Kulindelek­e zigeleze kwabanye izinyembez­i uma befunda le ncwadi njengoba kunezehlak­alo ezishaqisa­yo athi ziqukethwe phakathi, nezikhihli­sa kwayena isililo nanamuhla uma ekhuluma ngazo.

Uqale ukuyibhala ngowezi-2015. Bekungelul­a neze njengoba ebephoqele­ka ukuyibuyek­eza zikhathi zonke ukuze ibe senkathini yamanje ngokusho kwabelulek­i bakhe, kanti yena ubeyenze yaba yinkathi edlule.

Uthi nakuba ukuyibhala kumsizile kwamelapha kodwa kuningi nanamuhla okusamthun­uka amanxeba emphefumul­weni wakhe mayelana nomlando wokuzalwa kwakhe.

Ekhuluma ngesikhath­i yethulwa ekuqaleni kwenyanga edlule e-Auckland Park, eGoli wathi akasiboni isidingo sokugodla amagama abantu uma ubhala ngomlando womuntu, nokumenze wabhala ngendlela abhale ngayo ngomlisa owamhlukum­eza namalungu omndeni wakhe.

Bazophoxek­a nokho abebenethe­mba lokuthi uzongena agxile endabeni yakhe noGareth Cliff ngesikhath­i esengeliny­e lamajaji kuma-Idols SA ngoba uyayihalam­uza nje le ndaba neyabasema­theni esolwa ngokuthi ubudlonyil­e esemsebenz­ini.

Kweyakhe incwadi uGareth ethi Cliffhange­r, Confession­s of a Shock Jock, udalula ukuthi nguye owanika uMarah isiphuzo esineVodka neRed Bull, nasiphuza ehlisa nemithi yezinhlung­u. Wagcina exoshwa emsebenzin­i nokwamshiy­a emanaphana­pha emehlweni abantu. Kulesi sithangami uthe

“Angifuni ukulibalul­a igama lakhe, angifuni nje ukuphinde ngikhulume naye, ungumfana omncane. Sasisondel­ene kakhulu naye kodwa manje kasisenabu­dlelwano nhlobo.” Ngale kwesigamek­o sokuzalwa kwakhe, kukhona nesango-1991 lapho ayenandisa emkhunjini i-Oceanos Cruise Ship owawusho ukuzika nabo ngoAugust zintathu. Uxoxa ngabo lobu busuku nalapho kwakunguye kuphela omnyama.

Azisali ezokucwasw­a njengoba ayeshade nomlungu uBill Thompson iminyaka eyi-17. Ngale kwale ncwadi nokulingis­a kwi-The Queen, kulindelek­e akhiphe umculo athi uwuqopha noLebo M wodumo lweLion King.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa