AKAGODLANGA LUTHO UMARAH ENCWADINI YAKHE
ISIGCINE iphumile incwadi ekhuluma ngempilo yenkalakatha esineminyakanyaka iyibambile kwezokunandisa uMara(h) Louw (65) eqanjwe ngokuthi “It’s Me, Marah”.
Kulindeleke zigeleze kwabanye izinyembezi uma befunda le ncwadi njengoba kunezehlakalo ezishaqisayo athi ziqukethwe phakathi, nezikhihlisa kwayena isililo nanamuhla uma ekhuluma ngazo.
Uqale ukuyibhala ngowezi-2015. Bekungelula neze njengoba ebephoqeleka ukuyibuyekeza zikhathi zonke ukuze ibe senkathini yamanje ngokusho kwabeluleki bakhe, kanti yena ubeyenze yaba yinkathi edlule.
Uthi nakuba ukuyibhala kumsizile kwamelapha kodwa kuningi nanamuhla okusamthunuka amanxeba emphefumulweni wakhe mayelana nomlando wokuzalwa kwakhe.
Ekhuluma ngesikhathi yethulwa ekuqaleni kwenyanga edlule e-Auckland Park, eGoli wathi akasiboni isidingo sokugodla amagama abantu uma ubhala ngomlando womuntu, nokumenze wabhala ngendlela abhale ngayo ngomlisa owamhlukumeza namalungu omndeni wakhe.
Bazophoxeka nokho abebenethemba lokuthi uzongena agxile endabeni yakhe noGareth Cliff ngesikhathi esengelinye lamajaji kuma-Idols SA ngoba uyayihalamuza nje le ndaba neyabasematheni esolwa ngokuthi ubudlonyile esemsebenzini.
Kweyakhe incwadi uGareth ethi Cliffhanger, Confessions of a Shock Jock, udalula ukuthi nguye owanika uMarah isiphuzo esineVodka neRed Bull, nasiphuza ehlisa nemithi yezinhlungu. Wagcina exoshwa emsebenzini nokwamshiya emanaphanapha emehlweni abantu. Kulesi sithangami uthe
“Angifuni ukulibalula igama lakhe, angifuni nje ukuphinde ngikhulume naye, ungumfana omncane. Sasisondelene kakhulu naye kodwa manje kasisenabudlelwano nhlobo.” Ngale kwesigameko sokuzalwa kwakhe, kukhona nesango-1991 lapho ayenandisa emkhunjini i-Oceanos Cruise Ship owawusho ukuzika nabo ngoAugust zintathu. Uxoxa ngabo lobu busuku nalapho kwakunguye kuphela omnyama.
Azisali ezokucwaswa njengoba ayeshade nomlungu uBill Thompson iminyaka eyi-17. Ngale kwale ncwadi nokulingisa kwi-The Queen, kulindeleke akhiphe umculo athi uwuqopha noLebo M wodumo lweLion King.