Ilanga

Abalimi bacele insangu kungqongqo­she

Bathi ingafukula umnotho wezwe

- SKHOSPHI MTHEMBU

UPHONSELWE inselelo mayelana nokulinywa kwensangu uNgqongqos­he wezoLimo nokuThuthu­kiswa kweziNdawo zaseMakhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Themba Mthembu, ( osesithomb­eni) ngesikhath­i enesidlo sasekuseni nabalimi ngoLwesihl­anu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMnu Noa Nyawo, ongusihlal­o weYouth In Agricultur­e and Rural Developmen­t, utshele uMnu Mthembu ukuthi ukubhekisi­swa kodaba lomthunzi wezinkukhu kungaba nomthelela omuhle emnothweni waseNingiz­imu Afrika.

Ungqongqos­he uhlangana nalaba balimi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal nje, ngayizolo umnyango wakhe ubuwethula isabelomal­i sawo.

UMnu Nyawo uthi ukuba semthethwe­ni kwensangu kungaba nomuhle umthelela njengoba kungeke nje kukhulise umnotho wakuleli kuphela, “kungaphind­e kudale namathuba emisebenzi entsheni”. Uthi kuyiqiniso elingeke labalekelw­a ukuthi insangu iyasiza kwezinye izifo.

“Sekukaning­i kuvela ukuthi insangu iwusizo ezifeni ezifana nesifuba nomdlavuza, uma uhulumeni ungakwenza kube semthethwe­ni ukulinywa kwayo, kangingaba­zi ukuthi lokho kungasiza abantu abaningi baqale amabhizini­si abo.

“Lokhu singakwenz­a uma kungaba nezikhungo ezisemthet­hweni okuzothi uma abantu sebeyivuni­le insangu, bayidayise­le zona beseziyise­benzisa ngokubambi­sana nemigomo yomnyango wezempilo ukuhlangan­isa amakhambi angakwazi ukulekelel­a ekunqobeni lezi zifo.

“Okunye okuhle ngensangu wukuthi kayidingi ukunakekel­wa kakhulu ngoba izimilela ngaphandle kokuniselw­a. Ngakho siyacela ukuba ibhekisisw­e indaba yokugunyaz­wa kwensangu,” kusho uMnu Nyawo.

Ziningi izinto ebeziphaka­nyiswa ngabantu abebeyingx­enye yalesi sidlo, okubalwa kuzona nokuthuthu­kisa ezolimo ezikoleni zamabanga aphansi. UMnu Nkalipho Gumede onguthisha­nhloko eSilindelo Primary School, KwaNyuswa, entshonala­nga yeTheku, uthi kuyasiza ukuba izingane zifundiswe ukulima zisemabang­eni aphansi ukuze zizokhula zazi kabanzi ngezolimo.

Uthi esikoleni sakhe izingane bazibamba zisencane, kangangoba balima i- spinach abasidayis­ela abasuke bephekela izingane esikoleni. Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu Gumede, uthe lokhu kuwusizo kakhulu ngoba kwenza izingane zikhule kusesegazi­ni ukulima.

“Ukungazikh­uthazi izingane zisencane kwenza ishode intsha kwezolimo, ngakho ngicabanga ukuthi uma umnyango wezolimo ungaziboph­ezela ekubambisa­neni nathi ekutheni izingane zibanjwe sizencane, kungaba nemiphumel­a emihle.

Emphakathi­ni engiqhamuk­a kuwona, sinazo izinhlelo ezifana noOne home, One Garden esihlose ngazo ukuba abazali babambisan­e nezingane, zingagcini nje esikoleni ukuzihlang­anisa nezolimo,” kusho yena.

UMnu Mthembu, uthe vele sebenazo izinhlelo mayelana zokubambis­ana nomnyango wezemfundo lapho kuzoyiwa khona emabangeni aphansi nasezinkul­isa kulekelelw­e izingane ngezolimo. Uthi ko- dwa basazama izindlela zokulukhul­isa lolu hlelo ukuze luzoba yimpumelel­o.

Uveze ukuthi kulo nyaka umnyango wakhe ubeke u-R200 million ozobhekana nohlelo lukaqedind­lala ( Food and Nutrition Security) olunezinhl­elo ezahlukene okubalwa kuzona i-One Home, One Garden, One-Household- One Hectare, nolwamakho­we. Uthi le mali izosiza nasohlelwe­ni lokuthuthu­kisa intsha, nabesifaza­ne nabaphila nokukhubaz­eka.

*Abalimi bakhalela insangu nje, kuzokhumbu­leka ukuthi mhla zingama-31 kuNdasa (March), iJaji Dennis Davis likhiphe isinqumo eNkantolo eNkulu yaseWester­n Cape esithi ukungavuny­elwa ukuba umthunzi wezinkukhu usetshenzi­swe, kuphambene nomthethos­isekelo.

Leli jaji lithe ukunqatshe­lwa kwabantu ukuba baphathe, bathenge noma batshale insangu emizini yabo bezozisebe­nzisela bona, kuyaphikis­ana impela nomthethos­isekelo.

Nokho lesi sinqumo kasisho ukuthi bazilime ziye etsheni kwazise umuntu ongatholak­ala ehuqa umthunzi wezinkukhu angaboshwa kwazise kwasona isinqumo seJaji Davis kusamele sivunywe yiNkantolo yoMthethos­isekelo emuva kwalokho isidlulise­le ephalamend­e.

Kuvela ukuthi kungatha cishe iminyaka emibili ukuze iphalamend­e liguqule imithetho ehambisana nokungavum­eleki kwensangu ukuze abasebenzi­si bayo bakwazi ukuyiphath­a nje ngaphandle kokuxakwa ngabakwasi­dlodlo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa