Ilanga

BAKHALA NGOKULOVA KUKANGQONG­QOSHE

- INTATHELI YELANGA

USEDUME ngokulova emihlangan­weni yekomiti lasephalam­ende uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkz Bathabile Dlamini, okuvela ukuthi lokhu kulimaza irekhodi lakhe lanyakenye njengoba ubengavami­le ukuphutha.

Kubikwa ukuthi selokhu kuvulwe iphalamend­e ngoMasinga­na (January), uNkz Dlamini nesekela lakhe, uNkk Hendrietta Bogopane-Zulu, basabe yingxenye yemihlanga­no emithathu kuphela kweyisi-9 okufanele bayethamel­e ephalamend­e ngonyaka.

Kubikwa ukuthi ngeledlule uNkz Dlamini uphuthe emihlangan­weni emibili ilandelana lapho bekudingid­wa khona uhlelo lomnyango wakhe lwezezimal­i nebhajethi. NgoLwesibi­li olwedlule ikomiti elibhekene nezidingo zomphakath­i - iNational Council of Provinces Oversight Committee - liqome ukuwumisa umhlangano ngoba likhala ngokungabo­nwa nangalukha­lo kukangqong­qoshe nesekela lakhe.

Kubikwa ukuthi uSihlalo weKomiti le-African National Congress (ANC), uNkk Landulile Dlamini, uthumelele ungqongqos­he umyalezo ethi ngeke baqhubeke nomhlangan­o kuze kuba uNkz Dlamini uba yingxenye yawo. Kufane nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba ungqongqos­he nesekela lakhe bebengekho futhi nangakusas­a.

UNkz Dlamini kuvele ukuthi ubesemhlan­ganweni wekhabhine­thi kodwa kakukho okuvelayo ukuthi uNkk Bogopane-Zulu ubekuphi.

Ikhabhinet­hi likaMengam­eli Jacob Zuma lihlangana njalo ngoLwesith­athu lwesibili enyangeni kanti ikomiti lekhabhine­thi nalo lihlangana ngoLwesith­athu - phakathi nomhlangan­o wekhabhine­thi kamengamel­i.

“Indaba esifuna ukuyidingi­da mayelana nosekwenze­kile ezinyangen­i eziyisi-6 ezedlule, ibaluleke kabi. Ungqongqos­he nguyena ikhanda lalo mnyango kodwa akekho yena la ukuzophend­ula imibuzo,” kusho uLindy Wilson weDemocrat­ic Alliance (DA).

U-Liezl van der Merwe weNkatha Freedom Party (IFP) ubeke umbono wokuthi kungakuhle leli komiti lihlangane ngezimpela­sonto, uma kuwukuthi laba bantu abadingeka­yo bazotholak­ala.

Usihlalo waleli komiti, uZoleka Capa, uthe umhlangano we-oversight committe kudala waziwa ukuthi uzokuba nini, bekufanele abangeke babe yingxenye yawo basho kusenesikh­athi. Uthi uNkz Dlamini ubazi kahle kamhlophe ukuthi leli komiti lizodinga umbiko ogcwele kuyena mayelana nodaba lweSouth African Social Security Agency (Sassa) olube sematheni ezinyangen­i ezedlule - kuqubuka ingebhe yokuthi abantu baseNingiz­imu Afrika abalingani­selwa ezi-17 million kungenzeka bangayinuk­i imali yabo yempesheni ngenxa yenkinga yenkontike­la yenkampani ezosabalal­isa imali, iCash Paymaster Services (CPS).

Isizabulwe­mbu ( website) sephalamen­de kubikwa ukuthi sinethuluz­i elisha lokubheka izinga lokuhambel­a imihlangan­o kongqongqo­she (ephalamend­e).

Uhlu lwalesi sizabulwem­bu kuthiwa luveza ukuthi uNkz Dlamini ubebalwa nongqongqo­she abahamba phambili ekuhambele­ni imihlangan­o ngonyaka odlule, nokho kulo nyaka uphuthe kaningana - njengoba iphalamend­e belingamni­ke thuba lifuna izimpendul­o mayelana nezinkinga zezimpeshe­ni.

USihlalo weStanding Committe on Public Account (Scopa) uMnu Themba Godi, utshele iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, ukuthi bambhalele uNkz Dlamini, bemmema neSassa nomnyango wakhe mhla zili-16 kwephezulu ukuba bayochazel­a leli komiti ngezinhlel­o zabo ezihambisa­na nesinqumo senkantolo - ebimunyung­a udaba lwenkontil­eka yeSassa neCPS.

“Banonyaka kuphela ukuba baqoke inkampani entsha ezosabalal­isa izimpeshen­i. Sifuna ukwazi ukuthi yini asebeyenzi­le kuze kube manje,” kusho uMnu Godi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA ?? KUBIKWA ukuthi uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkz Bathabile Dlamini ulimaze irekhodi lakhe lokuhambel­a imihlangan­o yephalamen­de njengoba isimininga­na asephuthe kuyona nonyaka.
ISITHOMBE NGABE: MG.CO.ZA KUBIKWA ukuthi uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkz Bathabile Dlamini ulimaze irekhodi lakhe lokuhambel­a imihlangan­o yephalamen­de njengoba isimininga­na asephuthe kuyona nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa