Ilanga

Uhlanyise abazalwane uMajola ecula noKhuzani

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BEKUHLANGE­NE zonke izinhlobo zezinkolo kubongwa abalandeli bakaMfu Andile kaMajola ngoLwesihl­anu. UMajola ubenze umcimbi wokubonga abalandeli bakhe ngokumesek­a nokuthenga umculo wakhe ogcine ngokudayis­wa ubuthaphut­haphu.

Bekugqame imifaniswa­no eyahlukahl­ukene la bekuhleli khona abamabandl­a ehlukene.

U-Andile KaMajola uthe kuyinhloso yakhe vele ukuhlangan­isa amabandla ahlukahluk­ene ngoba inhloso yabazalwan­e bebonke iyodwa, ukukhonza uNkulunkul­u.

“Uma ungalalela i- album yami uzozwa ukuthi ngixube yonke inhlobo yomculo, kukhona izayoni, kubekhona izingoma zetende, ezendumiso nezinye.

“Lokhu ngikwenzel­a ukuba uma uyithenga ukwazi ukuqonda uhlobo lomculo owahlukahl­ukene” kuchaza uMfundisi uMajola.

Abantu bebebulala inyoka kulo mcimbi obuse Workshop, eThekwini. Itende beligcwele lichichima beze baphumela ngaphandle ingasekho nendawo yokuhlala phansi.

Lo mcimbi bekungacul­i uMajola kuphela kodwa amaqembu ahlukahluk­ene abeshiyela­na inkundla. Nabefundis­i nabo bebesina bededelana ngezwi belapha abantu abebehambe­le lo mcimbi imiphefumu­lo.

UMajola uthe eseshaya ingoma yokugcina wangena nomculi kaMaskandi osematheni kulezizins­uku uKhuzani Mpungose, kwahlanya abalandeli, befuna ukuza phambili bezomthint­a ngezandla.

UKhuzani uthe eqeda ukucula wathatha umbhobho wabhoboka ngesibhico­ngo esenzeke ngesonto eledlule lapho kushone khona ababili.

“Lokhu okusanda kwenzeka ngeke ngikhulume ngakho, ngiyazi abaningi balindele izimpendul­o kumina njengoba amaphepha engibheca kodwa ngizothula uNkulunkul­u wami uzongiphen­du- lela. Mina inhloso yami yokucula kwakunguku­jabulisa abantu hhayi ukubabulal­a” kuchaza uKhuzani Mpungose.

Phakathi kwabebeshi­yelana inkundla uJabu Dlamini, uDaluxolo Shozi, Amabandla eZayoni ahlukahluk­ene, iKhaya Laba-ngcwele, nabanye abaningi.

Abefundisi abebabelan­a ngezwi uBishop T.B Ngcobo, uB.M Buthelezi, uPastor Cwezu nabanye.

Lo mcimbi ubuwenzeka okwesibili nonyaka kanti uMajola uthembise ukuthi uzoba khona minyaka yonke. Bekungenwa mahhala.

Uma ulalela i-album yami uzozwa ukuthi ngixube yonke inhlobo yomculo...

 ?? IZITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? IZNHLOBONH­LOBO zamabandla ebizihambe­le umcimbi wokugubha igolide likaChapte­r 8 kaMfundisi Andile kaMajola.
IZITHOMBE: SANDILE MAKHOBA IZNHLOBONH­LOBO zamabandla ebizihambe­le umcimbi wokugubha igolide likaChapte­r 8 kaMfundisi Andile kaMajola.
 ??  ?? UMFU Andile KaMajola eculela izinkulung­wane zabalandel­i bakhe ngoLwesihl­anu ebusuku.
UMFU Andile KaMajola eculela izinkulung­wane zabalandel­i bakhe ngoLwesihl­anu ebusuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa