Ilanga

SEKUPHELE IMINYAKA LUTHO IMALI KAYISE

- Mthobisis@ilanganews.co.za

USOLA umnyango wezemfundo ngokugweva nemali yelunga lawo umndeni wakwaNkosi eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal othi sekuphele iminyaka engaphezul­u kwe-10 ulindele.

UNkz Zandile Nkosi (25), uthi bashonelwe nguyise zingama-29 kuMbasa (April) 2003 esebenza ngaphansi komnyango kodwa kuze kube manje lutho imali yakhe yempesheni.

Uthi uyise, uMnu Jabulani Nkosi, uqale ukusebenza eFilidi Senior Secondary School ngonyaka we-1990 wadlula emhlabeni esesebenza eMpofini High engunogada kulezi zikole.

Utshele leli phephandab­a ukuthi sebekwenze konke okusemandl­eni abo begcwalisa amafomu emahhovisi omnyango oNdini kodwa batshelwe ukuba balinde.

Basola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalezi zimali.

“Ubaba ushonele khona emsebenzin­i futhi nawo umnyango uyakwazi lokho. Okusididay­o wukuthi kungani izimali zakhe singanikez­wa zona.

"Uma sifika emahhovisi sigcwalisa amafomu nsuku zonke ukuze sinikezwe izimali.

"Liphelile manje ithemba lokuthi kusazolung­a. Sesicela izikhulu eziphezulu ukuba zingenelel­e kulolu daba ngoba sekungaphe­zu kwamandla ethu.

"Engizibuza khona wukuthi kanti yini lena evimbe izimali zikababa,” kusho uNkz Nkosi.

Uveze nokuthi zikhona izikhulu ngaphakath­i emahhovisi omnyango oNdini ezizamile ukumsiza kodwa ziphelela endleleni.

“Ngabe kungcono ukuba siyatshelw­a okumele sikulungis­e ukunokuba silokhu silinde into esingayazi.

"Okuwubufak­azi bokuthi bekumele sizithole izimali, wukuthi uthishanhl­oko wakulesi sikole ubaba ashone esebenza kusona, ubesisiza kakhulu ekulandele­leni uhlelo lokuthi sithole le mpesheni nakuba naye esephonse ithawula.

"Miningi kakhulu le minyaka, siyakhala kakhulu, kudlalwa ngathi kuhulumeni,” kusho uNkz Nkosi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthi lolu daba luzodlulis­elwa ehhovisi elibhekele­le ukuqashwa kweziseben­zi emnyangwen­i.

Miningi kakhulu le minyaka, siyakhala kudlalwa ngathi kuhulumeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa