SIKHULEKELA IZIKHULU ZETHANDA ZINGADAKWA YINJABULO
YAZE yayind’ indlela yathath’ iminyaka - ngizofika nini eGingindlovu ngizodlula nin’ eManzimeleni - ngiyowela nin’ eMlalazi - ngiphikelel’ eMhlathuze mama - lapho kukhon’ inkaba yami - lapho kubhong’ amaBhubesi - Thanda Royal Zulu’s den... We bafokazana we bafokazana - ngizovukel’ eMsasandle - ngiyochoph’ ingqakala kuncanyw’ izintombi - zakwaMjadu eNkonjane - ezakwaMjad’ eMhlathuze - kwaSkhakhane eMsasandle - ngizoziqoqa zonke sikhwel’ iKhwezi - siyobuk ‘iThand’ eLishas Bay...
Thina-ke magagu uma seneme sivele sivukwe wusinga siqambe ingoma! Ngizwe ngibusiseka emoyeni ngesikhathi iThanda Royal Zulu, iqembu langakithi eMhlathuze linyukela kwi-Absa Premiership, into ekade kwasa siyilangazelele.
Sengibulawa yikhona nje ukuthi “ngingumfokazi laph’ eThekwini ukhon’ uMhlathuze ikhaya lami...” ngabe iThanda ngiyibuka yonke imidlalo yayo yasekhaya manje ngiyasebenza eThekwini.
Nina-ke bantu bangakithi eMhlathuze, nakuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, ningafani-ke nabantu baseLamontville okuthi iGolden Arrows idlala emuva kwendlu nePlatinum Stars bathi ngeke bona bayibuke, basaphotha iKaizer Chips or i-Orlando Pie rats.
Hambani niyobuka iThanda niyinike umfutho ukuze ingafani neJomo Cosmos eyi- tourist le-Absa Premiership, ihlathi seliphenduke ikhaya layo. Ngizocela-ke sivale amehlo sithandazele iThanda Royal Zulu nawo wonke nje amakilabhu kanobhutshuzwayo aKwaMchunu-Natal.
“Emagameni amabili amathathu, elikayise, elendodana nelikaMoya oNgcwele.
“Baba siyacela bandla ngomusa wakho ongangamaphutha kaMengameli Zuma ukuba usize izikhulu zeThanda zingadakwa yinjabulo bese kuthi uma ikilabhu ihlulwa yimidlalo emithathu ilandelana zixoshe umqeqeshi, uMbongeni Roger Sikhakhane nabadlali.
“Nkosi kangiceleli uRoger ukuba angaphelelwa wumsebenzi ngoba nakhu intombi yokuqala eyathi iyangithanda kwakunguThobile Sikhakhane ngikhumbula kahle kwakuwu-1992 ngaseQambokwethu Primary School Nkosi yokulunga.
“Nkosi ngicela ukuba bangamxoshi ngoba kuzobe kungaqali ngaye ukuhlulwa imidlalo ilandelana, buza iPirates, isike yashaywa kabili kule sizini ngamagoli ayisikimu se- netball esine- red card.
“Baba mninimandla wonke, kasifisi iThanda ifane nePirates ebe nabaqeqeshi ababalelwa empameni ngesizini eyodwa ngoba nje kusha induku.
“Siyamcelela naye uRoger kuwena Alpha and Omega ukuba aqhelelane nezinto ezizomfakela isigcwagcwa kubaqashi, uyazazi yena ngeke ngazibeka lapha ngepeni ngoba phela ngiyahlonipha kwaSikhakhane intombi yakhona yagcina ingangalanga, okusho ukuthi ngokomthetho ngisengusibali kuyena.
“Kasifisi iThanda ifane namaZulu FC ongasazi noma yiqembu okanye yisitokofela songoqo abasidlala ngo-R10 njalo ngenyanga.
AmaZulu FC Nkosi ungafunga ukuthi yi- psychopomp, ehlathini ayele ukuyotakula abafuna ukunyukela kwi-Absa Premieship ngokubanikelela ngamaphuzu.
“Siyawacelela ukuba ahlukane nokulanda amakhehla asephelelwe wusawoti ngoba anayo i-development. Uma-ke ethanda amaxhegu kulungile Nkosi, wasize-ke aqhubeke ahlale ehlathini kuze kuse inkungu.
“Kufana neRoyal Eagles Mdali weZulu nomhlaba, izikhulu zale kilabhu zinesibindi esiyisimanga. Uma zingafika esihogweni amadimoni etelekile, ekhala nge- salary increase, angathi uma ezibona adideke akhale nge-salary decrease.
Uwubasa kanjani umlilo ngezi- ngodo ngoba phela ubaswa ngezinswani? Kunomalume abalandwa eGauteng ukuba bayosiza leya kilabhu yakwaMpisane baba.
“Labo malume baba baya kuyona ngoba ushatini usubaphelele. Empeleni kakubona omalume, ngo-dedushka. Sinxusela i-Arrows Jehova ukuthi okungenani itholeke abalandeli babe babili kwazise ivele ibukwe yizihlalo.
“Uma kuwukuthi kumele igeze idlozi ukuze ithole abalandeli, kulungile singayixhumanisa noGodolulalamankankane Mthembu inyanga yaKwaMhlabuyalingana.
“Le kilabhu yakwaMadlala Nkosi ifana namakilabhu aseFree State aphelezele abayowina izicoco njenge-Everton, Watford, Southampton (England), Malaga, Real Sociedad, Valencia (Spain), etc.
“Nkosi nawe uyazi ube uzihlalele ezulwini ukuthi la makilabhu ane- trophyphobia. Sicelela neMaritzburg United ukuba iwine-ke Nkosi okungenani iRev Mkhekhelezi Cup. Sicela ishintshe nejezi layo baba, kalihehi, ungathi ngeleSi-gumbuqu Highlanders sikababa u-Ace Cele ngaseDesai, eMarian- hill engangigijima kusona sidla abantu.
“Singakhohlwa ngamakilabhu e-ABC Motsepe League KwaZuluNatal, angezwani ne- promotion. Sengiphetha Nkosi, ngizocela uMasipala waseMhlathuze ungafani nalabo masipala abavulela kakhulu ngaphansi kwekhala sengathi ngumculi we- hip-hop - ecula ingoma enama- lyric amaningi sengathi it’s a feature story ngeMpi yaseSandlwana kodwa mawenze.
“Mawulekele iThanda ngoba lokho kuzosiza ukuthuthukisa umnotho wangakithi. Ngikhulekela iReal Kings yaseHammarsdale ukuba ingabi yiRoyal Servants kwiNFD.
“Ngibonge nje Nkosi ukuthi umalume wami uBethuel Four Dumezweni Jose dos Monhique “Mambazo” Mkhwanazi usezoyibuka eduze iPirates yakhe idlala neThanda.
“Okokugcina ngci Nkosi, sicela ukushayela lo muntu owashaya i- bartering system noMengameli Zuma wathatha inhliziyo nesibindi sakhe kwenyama yena wamnika okuyinsimbi uyakwazi ukwenza.
“Umengameli unesibindi nje... njengomjita wakwaGovender odlala i- rugby. Phela Nkosi uyazi nawe ukuthi i- rugby noGovender, Pillay, Moodly, Gupta Singh yiselesele nenyoka. Ungangibuzi-ke Nkosi ukuthi ngubani oyinyoka ngubani oyiselesele. Amen.” Ikhensile ngopfu ma-Afrika!
Baba mninimanda wonke, kasifisi iThanda ifane nePirates ebe nabaqeqe...