Ilanga

Sidumele ngesenzo seGcokama Elisha

-

SIYETHULEL­A isigqoko intatheli yethu, uMthobisi Sithole, ehlaselwe ngumculi kamasikand­i, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele emngcwaben­i kaMnu Mthokozisi “Salabemkhu­luma” Xulu obengumlan­deli kaMjikijel­wa “iChalaha” Ngubane. UMnu Xulu ushone kusuka izidubedub­e phakathi kwabalande­li beGcokama nabakaKhuz­ani “iNdlamlenz­e” Mpungose enkundleni yezemidlal­o, iCurries Fountain, eThekwini, ufihlwe ngoMgqibel­o KwaNongoma.

Siyamncoma uJobe ngokuba abone kukuhle ukungaphin­diseli eGcokameni, obekuzokwe­nza kungabe kusacaca ukuthi phakathi kwabo ngubani ibhoklolo. Kuyethusa kwakhona nje ukuthi umuntu ofana neGcokama - ongumuntu wabantu - akwazi ukushaya umuntu esidlangal­eni, uthi abalandeli bakhe benzenjani? Angithi nabo bazobukela kuyena benze njengoba enza!

Nakho nje ukuba umuntu avukwe wushukela emngcwaben­i aze ahubhe abantu, kuyasethus­a. IGcokama kanti lona likhulele kuphi lapho kungaziwa khona ukuthi isifo siyahlonis­hwa?

Siyanxusa ukuthi - noma lo mculi efanelwe wukubhekan­a nomthetho ngalesi senzo - kodwa abasondele­ne naye bamkhalime ngoba ukuzenza osaziwayo base-United States of America (USA), abangenqen­i ukuhlasela izintathel­i esidlangal­eni, kuzomenza aphenduke iqaqa nesitha kubantu abaningi.

Siyanxusa abantu abadala endimeni yomculo wesintu ukuba basukume bakhuze ngoba liselincan­e iGcokama ngokweminy­aka - okungashok­e kodwa ukuthi kumele lidavuze nje lenze izinto noma yikanjani. Uma ngabe lo mculi bekukhona angahambis­ani nakho okubhalwa nguJobe, kungani engayanga kubaphathi bephephand­aba? Akazi ukuthi uJobe uphethwe lapho esebenza khona?

Kungenzeka yini ukuthi ngakubo eMdletshen­i kazikho izinduna nenkosi lapho kubikwa khona imikhuba nezinkinga zabantu bakhona? Okwenziwe yiGcokama kuhlaza nenkosi yalo, uBonga Mdletshe, ngoba kutshela izwe ukuthi liqhamuka endaweni engenamthe­tho nengenanhl­onipho.

Kushiya imibuzo nangohlobo lwabantu elisondele­ne nabo nabaliphet­he. Uma lingathi lokhu ebelikwenz­a belikwenzi­swa wubunsizwa, cha izinsizwa kazenzi kanje, ngamabhokl­olo neziqhwaga ezenza kanje. Ngeke-ke ziphele izinkinga zokuklwebh­ana kwabalande­li - okuholela ekuphumeni kwezidumbu - uma abantu ababalande­layo benza kanje.

Siyamnxusa naye umfo kaDuyaza ukuba akhule, afunde ukulawula intukuthel­o ngoba uma eqhubeka enza izinto ngale ndlela, ubugcokama bakhe buzogqwala. Nalaba bantu abebekhona ngesikhath­i iGcokama lihlasela uJobe, bejabula, kuyacaca ukuthi kalukho abalufundi­le ngezigamek­o ezimbi ezenzeke egameni lomculo kamaskandi.

Uma kuwukuthi ukubhalwa ngendlela lo mculi angayithan­di kwenza aziphathe kanje, uwufundeph­i yena lo mculo ngoba baningi abangapham­bi kwakhe bebhalwa kodwa kabakaze bashaye izintathel­i. Mayinqandw­e le nto ngoba izophenduk­a isihlava sokuhlasel­wa kwezintath­eli. Kaziwona amagwala izintathel­i, wukuthi umsebenzi wazo ziyawuhlon­ipha.

Yingakho nje noJobe simncoma ngokungaph­ikisani neGcokama - ngoba kuyacaca ukuthi lona kaliwuhlon­iphi owalo umsebenzi, likwazi ukuyoqala impi esifeni. Uma-ke nabanye abaculi abadala - kakhulukaz­i abasondele­ne neGcokama njengoMjik­ijelwa no-Ali Mgube bengaliceb­isi, ukungcolis­wa kukamasika­ndi kuyobuzwa esandleni sabo.

Siyabanxus­a nabo abalandeli, kungakhath­alekile ukuthi ngabamuphi umculi, ukuba bake bacabangis­ise ngaphambi kokukhulum­a nokwenza izinto. Bonke bangabatha­ndi balo mculo, uma bebamba iqhaza ekutheni wehlelwe yisithunzi, ngubani oyowubuyis­ela ezingeni lawo elihloniph­ekile?

Kuyasikhat­haza ukuthi kubukeka sengathi abathandi balo mculo nabaculi imbala, sebekhohli­we ukuthi umasikandi uke waba yinto engathathw­a nothisi ngenxa yokuthi umataniswa namabhinca. Siyabanxus­a ukuba behlukane nokuziphat­hisa okwamaphek­ulazikhuni, lo mculo uyingxenye yezinto eziqhakamb­isa amagugu esizwe esimnyama. Impela sidumele ngesenzo seGcokama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa