Sidumele ngesenzo seGcokama Elisha
SIYETHULELA isigqoko intatheli yethu, uMthobisi Sithole, ehlaselwe ngumculi kamasikandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele emngcwabeni kaMnu Mthokozisi “Salabemkhuluma” Xulu obengumlandeli kaMjikijelwa “iChalaha” Ngubane. UMnu Xulu ushone kusuka izidubedube phakathi kwabalandeli beGcokama nabakaKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose enkundleni yezemidlalo, iCurries Fountain, eThekwini, ufihlwe ngoMgqibelo KwaNongoma.
Siyamncoma uJobe ngokuba abone kukuhle ukungaphindiseli eGcokameni, obekuzokwenza kungabe kusacaca ukuthi phakathi kwabo ngubani ibhoklolo. Kuyethusa kwakhona nje ukuthi umuntu ofana neGcokama - ongumuntu wabantu - akwazi ukushaya umuntu esidlangaleni, uthi abalandeli bakhe benzenjani? Angithi nabo bazobukela kuyena benze njengoba enza!
Nakho nje ukuba umuntu avukwe wushukela emngcwabeni aze ahubhe abantu, kuyasethusa. IGcokama kanti lona likhulele kuphi lapho kungaziwa khona ukuthi isifo siyahlonishwa?
Siyanxusa ukuthi - noma lo mculi efanelwe wukubhekana nomthetho ngalesi senzo - kodwa abasondelene naye bamkhalime ngoba ukuzenza osaziwayo base-United States of America (USA), abangenqeni ukuhlasela izintatheli esidlangaleni, kuzomenza aphenduke iqaqa nesitha kubantu abaningi.
Siyanxusa abantu abadala endimeni yomculo wesintu ukuba basukume bakhuze ngoba liselincane iGcokama ngokweminyaka - okungashoke kodwa ukuthi kumele lidavuze nje lenze izinto noma yikanjani. Uma ngabe lo mculi bekukhona angahambisani nakho okubhalwa nguJobe, kungani engayanga kubaphathi bephephandaba? Akazi ukuthi uJobe uphethwe lapho esebenza khona?
Kungenzeka yini ukuthi ngakubo eMdletsheni kazikho izinduna nenkosi lapho kubikwa khona imikhuba nezinkinga zabantu bakhona? Okwenziwe yiGcokama kuhlaza nenkosi yalo, uBonga Mdletshe, ngoba kutshela izwe ukuthi liqhamuka endaweni engenamthetho nengenanhlonipho.
Kushiya imibuzo nangohlobo lwabantu elisondelene nabo nabaliphethe. Uma lingathi lokhu ebelikwenza belikwenziswa wubunsizwa, cha izinsizwa kazenzi kanje, ngamabhoklolo neziqhwaga ezenza kanje. Ngeke-ke ziphele izinkinga zokuklwebhana kwabalandeli - okuholela ekuphumeni kwezidumbu - uma abantu ababalandelayo benza kanje.
Siyamnxusa naye umfo kaDuyaza ukuba akhule, afunde ukulawula intukuthelo ngoba uma eqhubeka enza izinto ngale ndlela, ubugcokama bakhe buzogqwala. Nalaba bantu abebekhona ngesikhathi iGcokama lihlasela uJobe, bejabula, kuyacaca ukuthi kalukho abalufundile ngezigameko ezimbi ezenzeke egameni lomculo kamaskandi.
Uma kuwukuthi ukubhalwa ngendlela lo mculi angayithandi kwenza aziphathe kanje, uwufundephi yena lo mculo ngoba baningi abangaphambi kwakhe bebhalwa kodwa kabakaze bashaye izintatheli. Mayinqandwe le nto ngoba izophenduka isihlava sokuhlaselwa kwezintatheli. Kaziwona amagwala izintatheli, wukuthi umsebenzi wazo ziyawuhlonipha.
Yingakho nje noJobe simncoma ngokungaphikisani neGcokama - ngoba kuyacaca ukuthi lona kaliwuhloniphi owalo umsebenzi, likwazi ukuyoqala impi esifeni. Uma-ke nabanye abaculi abadala - kakhulukazi abasondelene neGcokama njengoMjikijelwa no-Ali Mgube bengalicebisi, ukungcoliswa kukamasikandi kuyobuzwa esandleni sabo.
Siyabanxusa nabo abalandeli, kungakhathalekile ukuthi ngabamuphi umculi, ukuba bake bacabangisise ngaphambi kokukhuluma nokwenza izinto. Bonke bangabathandi balo mculo, uma bebamba iqhaza ekutheni wehlelwe yisithunzi, ngubani oyowubuyisela ezingeni lawo elihloniphekile?
Kuyasikhathaza ukuthi kubukeka sengathi abathandi balo mculo nabaculi imbala, sebekhohliwe ukuthi umasikandi uke waba yinto engathathwa nothisi ngenxa yokuthi umataniswa namabhinca. Siyabanxusa ukuba behlukane nokuziphathisa okwamaphekulazikhuni, lo mculo uyingxenye yezinto eziqhakambisa amagugu esizwe esimnyama. Impela sidumele ngesenzo seGcokama.