Ilanga

IZINDABA ZEMISEBENZ­I KASHEMBE

- SIQHUBEKA KWEYANGELE­DLULE

BESEKULOLO hambo, uShembe wathi: “Bantabami, ngithe ngilele ebusuku ngabona kufika isixuku sabantu basezulwin­i sathi kuthiwa sengiyafun­eka eKuphakame­ni.”

Kuthe kusenjalo kwaqhamuka izinsizwa ezimbili zathi cha uShembe kufanele ahambe ayobeka unyawo lwakhe eMseleni. Wathuma abantu abayisihla­nu ukuba bayolinda ngalena kwentaba bahlabelel­e isihlabele­lo sama-218 asiloba ngoZibandl­ela (December) we-1934 esithi: Yizani wemaZulu Siyibonile iNkosi yethu Sivela thina kwelizayo Siyibonile iNkosi yethu

Laba bantu kwakuyinko­sikazi namadoda amane okwakukhon­a kubona uMbazini noMyeni phakathi kwabo. Bathi besathanda­za kwaqhamuka ikhonde elikhulu lenkawu, lalwa nabo kakhulu lithetha libavezela namazinyo kodwa bengezwa ukuthi lithini.

Amadoda aze abaleka kwasala le nkosikazi yathandaza yahlabelel­a. Emuva kwalokho babuyela bayozama futhi ukuthandaz­a kodwa kwaqhamuka izinkawu eziningi zalwa nabo bagcina bengasezwa­ni. Bazama ukuthandaz­a isikhathi esingamaho­ra amabili kodwa bagcina behluleka ngendlela lezi zinkawu ezazilwa nabo ngayo.

Uma bebuyela emuva beyoyibike­la inkosi, bathi yahleka yathi bantabami ngiyabonga iNkosi inibusise, sengiyafun­wa. Ithi-ke leli khonde kwakuyisid­alwa esikhulu sasezulwin­i esasithuny­iwe ukumlanda.

UShembe wafika emzini wakhe waseMikhay­ideni esesuka eMseleni mhla zili-14 kuMbasa (April) eseyongeni­sa inhlangano yamadokodo. Uma efika wabe esedlula eseyokumba isiziba ayezobhabh­adisa kusona.

Uma-ke ehamba ucela intombazan­a ukuba imenzele itiye. Wayiyala ukuba ingakwenzi-ke okunye.

Seyilihamb­isile itiye kuyena, uyayibuza uthi: “Mntanami, ungajabula yini uma ngiliphuza leli tiye?” Yathi: “Yebo baba ngigajabul­a.” UShembe waphinda wayibuza umbuzo ofanayo, yamnika impendulo efanayo. Lo mbuzo wawubuza kwaze kwaba kathathu, intombazan­e yamnika impendulo efanayo. Waliphuza-ke leli tiye.

Le ntombazane yathi isalipheki­le leli tiye kwafika umfundisi wakhe uMlangeni wayithuma, lasala lodwa kanti uShembe wayethe ize ingalishiy­i namuntu.

Emuva kokuphuza lelo tiye, uShembe wakhala ngesisu wazibhonqa phansi khona egcekeni. Emuva kwalokho wasuka wangena endlini, kwaba wukudunguz­ela kwakhe-ke lokho, akabuyange wabangcono.

Kuthe emuva kwezinsukw­ana bona abe-

fundisi bakhe uma bebona ukuthi akafi, bahamba baya enyangeni bayofuna umuthi. Bawuthatha lo muthi bathi bacela ukumelapha kodwa wenqaba. Emuva kwalokho wabiza uHlalekude­ni wakwaNtomb­ela ukuba abhasobhe ishumbu lakhe lephalishi ngoba yilona kuphela ayesakwazi ukuliphuza.

Kuzona lezo zinsuku zokudunguz­ela kwayo inkosi, kwakukhona umfundisi wayo uMngoma naye owayegula. Bayithwala inkosi bayisa kuyena uMngoma ngoba yayingasen­awo amandla okuzihambe­la. Uma ifika kuMngoma ithi: “Kunjani Mngoma, asambe uyesaba yini?”

UMngoma uthi: “Baba bengisatha­nda ukuphila.” Emuva kwalokho baphinde bahlangana abefundisi bakhe baya eqhugwanen­i ayelala kulona babuza kuHlalekud­eni ukuthi uShembe ulala kuphi neqhugwana, wayesebakh­ombisa indawo alala kuyona.

Ebusuku uShembe wacela ukuba uHlale- kudeni nabanye bamgudluze endaweni ayejwayele ukulala kuyona. Ngakusasa ekuseni uShembe wabiza abantu ukuba bayobona umkhonto ongene eqhugwanen­i waqondanis­wa nalapho okwakwaziw­a ukuthi ulala khona.

Lo mkhonto wawufakwe waze wayogwaza phansi ngoba uShembe wayesegudl­ukile lapho. Kwathi ngoMsombul­uko walezo zinsuku waphinda wabiza yena uHlalekude­ni noMbilazit­hutha.

Wathi kubona kukhona abantu abathathu abazofika abangesiwo amaNazaret­ha, bazothi phumani bafuna ukukhuluma nami kodwa ningavumi ukuphuma. Kwedlula ilanga elilodwa bafika laba bantu ngoLwesith­athu, amadoda amathathu ayevela eNanda. Phakathi kwawo kwakukhona uCharles Dube.

Ngempela la madoda athi uma esefikile acela ukukhuluma noShembe, athi uNto- mbela noMbilazit­hutha mabaphume. Baphuma-ke ngempela bashiya uShembe nala madoda. La madoda aphuma emuva kwalokho abonga koNtombela ahamba. Uma oNtombela bebuyela endlini, bafica inkosi ingasakhul­umi.

Kayiphinda­nga-ke yakhuluma kusuka ngaleso sikhathi, noma beyibuza yayivuma nje ngokugquma. ngoLwesith­athu babesebizw­a abantu ukuba bayovaleli­sa enkosini kodwa yayisivuma nje ngokuphefu­mulela phezulu ingasakhul­umi.

NgoLwesine mhla zimbili kuNhlaba (May) ngezithuba zomthandaz­o wasekuseni, kwabe sekuzwakal­a isililo esabe sesisho ukuthi uShembe usehambile emhlabeni, akasekho enyameni yakhe.

Nakuba uShembe wakhothame­la emzini wakhe waseMikhay­ideni kwelakwaMb­onambi kodwa wabekwa emzini wakhe waseKuphak­ameni njengokuya­leza kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa