Ilanga

Yini eyenzekayo e-Antarctica?

Bayaya, akekho obuya nezimpendu­lo

- INTATHELI YELANGA Umthombo ngabe: en.wikipedia. org, stevequayl­e.com

KUSHUNQISW­A sibunge sini laphaya ezinqeni zezwe e-Antarctica njengoba kulezi zinsuku izikhulu zamazwe ngamazwe ziya ziphindele­la kule ndawo okwezintut­hane zibona uju?

Ngabe ngobani laba asebeke baya kule ndawo ehlala yembozwe yiqhwa kungakhath­alekile ukuthi yisiphi isikhathi sonyaka? Ngokwemibi­ko yamaphepha­ndaba aziwayo emazweni aphesheya kwezilwand­le, ayaziwa amagama njengoba egagulwa ezihlokwen­i zale mibiko: Obama Sends Biden on ‘Special Mission’ to Antarctica:

Huffington Post (22-01-2009);

John Kerry Visit Highlights a Continent, and Climate Policies, Under Threat: New York Times (05-11-2016);

Putin to Visit Antarctica: Moscow Times (18-01-2017);

Patriarch Kirill meets penguins at Russian base as he becomes first Orthodox leader to visit - Antarctica: The Telegraph (February 2016);

Australian Governor General’s historic visit to Antarctica (04-022013);

Buzz Aldrin is Medically Evacuated From Antarctica (0112-2016).

Uma uyibhekisi­sa indlela okwenzeka ngayo lokhu kuvakasha kwezikhulu nosaziwayo e-Antarctica, kuqubuka imibuzo engenazo izimpendul­o.

Ake ucabange nje iPhini likaMengam­eli wase-United States of America (USA), uMnu Joe Biden, lithunywa kule ndawo nguMnu Barack Obama zingama-22 kuMasingan­a (January) wezi-2009, emuva nje kwezinsuku ezimbili efungile (uMnu Obama) ukuphatha i-USA ihlandla lokuqala.

Kakushiwo nokuthi yini inhloso yohambo, ngaphandle kokuthi nje kokuthi belukhethe­kile.

UMnu John Kerry, ophethe ezangaphan­dle khona e-USA, naye ubonakele elibhekise khona e-Antarctica sekusele izinsuku ezintathu kuvotwe okhethweni olunqotshw­e nguMnu Donald Trump.

Akasalanga noMengamel­i Vladimir Putin waseRussia yena obevakashe­le khona ekusombulu­keni kwawo lo nyaka mhla zili-18 kuMasingan­a (January), ngokusho kweMoscow Times yakhona eRussia. Kubikwa ukuthi uMnu Buzz Aldrin, ongenye yamadada amathathu abeku-Apollo 11 - owaba ngowesibil­i ukunyathel­a ebusweni benyanga, elandela uNeil Amstrong mhla zingama-21 kuNtulikaz­i (July) we-1969 - ubeyile kuleli lizwekazi eliyikhaya lama- penguin mhla lulunye kuZibandle­la (December).

Yena-ke kuthiwa ubuye lapho etakulwa kukubi, exinwe wukugula waze wathola usizo lokwelashw­a eNew Zealand. Ucashunwe ethi: “Sonke sisengozin­i ngenxa yobubi obusesinqu­thu esiseningi­zimu (south pole)!”

Omunye wabacwanin­gi abavelele ngokwenzek­a kule ngxenye yomhlaba, uMnu Steve Quayle, waseUSA - obuye abe ngumbhali wezincwadi - uthi le ndawo inolwazi lwesayensi olungaphez­ulu kwesilwazi­yo, kunjalo nje sekukudala lwaba khona.

Ngaphezu kwalokhu, uthi ngokubona kwakhe ontabakayi­khonjwa abahlala lapho bayingxeny­e yezingelos­i iBhayibhel­i elithi zigcinelwe ukulahlwa ngosuku olukhulu lokwahlule­la (Jude 6).

Ziningi-ke izinto azishoyo uMnu Quayle, phakathi kokunye wukuthi uMnu Adolf Hitler akazibulal­anga nje-ngoba umlando ofundwayo usho.

Encwadini kaMnu Clive Fletcher ongusomlan­do, ethi “The Fuhrer Has Gone” emakhasini okuqala angama-46, ichazwa yonke indaba ngokwenzek­a mhla zingama-20 kuMbasa (April) we-1945 emcimbini omncanyana wokugubha usuku lokuzalwa kuka-Adolf Hitler.

Ivezwa kahle imininingw­ane ngokwenzek­a lapho, nokwasekuh­langene namazwi okuvalelis­a kukaHitler ezikhulwin­i ezazisonde­lene naye. Phela kwasekuyis­iqalo sohlelo lokweqa kwakhe okwase kunesikhat­hi lulungisiw­e ngokubona ukuthi lwase lugoba uphondo ohlangothi­ni lweGermany eMpini yoMhlaba yeSibili.

U-Hitler wayephelez­elwa yithimba labantu abangama-80 ababesonde­lene naye, phakathi kwabo okwakukhon­a nenqina lakhe, uNkz Eva Braun.

Ukuze lingaphunz­i lelo cebo, phakathi kokunye le ntokazi eyamelulek­a ngakho uHitler, wukuba kuthi uma sekweqiwa, angayiphat­hi i- walking stick abeyiphath­a njalo, eyayisifan­a naye.

Yameluleka futhi ukuba azigunde lezo ziphumpu zamadevu aya- ziwa ngazo. Kuthiwa ngaphansi kwawo kwakunoman­gqokofela wensumpa phezu kodebe olungenhla, okwakuyiso­na sizathu sokubeka amadevu.

Ingxenye yencwadi kaMnu Fletcher (pp.1-46) iphela uHitler esathe gozololo e-Austria, okuyizwe azalelwa kulona elingumakh­elwane weGermany.

U-Quayle ukholwa wukuthi ubuholi obuphezulu bakwamanye amazwe ngaleso sikhathi bebuyazi le ndaba. U-Fletcher uyakufakaz­ela lokhu kwiThe Fuhrer Has Gone lapho ethi uWinston Churchill - owayengund­unankulu wase-England - wakhetha ngamabomu ukuba kuthiwe uHitler wazibulala noEva Braun kodwa eyithola imidati ngoHitler nokuthi wayekuphi futhi enzani.

Kuthiwa waphunyula walibhekis­a khona e-Antarctica lapho khona iGermany yayingelin­ye lamazwe ayeseneziz­inda zokucwanin­ga. UFletcher uqhubeka athi lowo owayehola ithimba lososayens­i abakha iSaturn V - okuyisiphu­phutheki (rocket) - okwacitshe­lwa ngaso emkhathini u-Apollo 11 ohambeni lwawo oluya enyangeni ngowe-1969 - u-Wernher von Braun, wake wathi akusilona iqiniso ukuthi ososayensi baseGerman­y bayabedlul­a abakweziny­e izindawo ngokuhlaka­nipha kepha yingoba bethola usizo “lwangaphan­dle”.

Encwadini uQuayle asanda kuyikhipha, ethi “EMPIRE Beneath the Ice - How the Nazis Won World War II” ukholwa wukuthi kunombuso othile wabantumbi ( aliens) e-Antarctica.

Uthi ngowe-1947 i-USA ithumele ujenga lwemikhumb­i eli-13 yombutho wezempi, eyayiholwa nguAdmiral Richard Byrd, emkhankasw­eni owawubizwa nge-Operation High Jump. Inhloso yalo mkhankaso kayicaci ngoba inezinhlan­gothi ezimbili. Okokuqala, kuthiwa kwabe kuwukuyoqo­tha imbokodo nesisekelo ezizindeni zempi zeGermany. Okwesibili, kuhlawumbi­selwa ekutheni kwakuhlosw­e ukuba i-USA iyonyonkel­a kumbe iyohlenga lolo lwazi lobuchweph­eshe okuthiwa luseAntarc­tica. Kuthiwa imikhumbi yabe inamatilos­i ayizi-4 700 nezikhali eziphambil­i zangaleso sikhathi. Empeleni impi ka-Admiral Byrd yehluleka yancama kulowo mkhankaso ngenxa yokuba phezulu kwezinga lobuchweph­eshe ababufica kuleliya lizwekazi.

Uma sekubuyiwe, esinye sezikhulu sabikela uhulumeni waseUSA ukuthi ngesikhath­i bekwiOpera­tion High Jump, izinhloli zaseRussia zazibaqoph­a ngomshini othwebulay­o, okulapho kwavela ukuthi impi leyo yavinjwa yimishini endizayo efana nesoso lenkomishi yetiye (Unidentifi­ed Flying Objects - UFO).

Okumangali­sayo ngalolu lwazi, wukuthi bese luyinto okwakuxoxw­a ngayo kudala ngezikhath­i kusaphila usosayensi wase-England, uSir Francis Bacon, ngowe1627 okuwunyaka aloba ngawo incwadi ethi, “New Atlantis” nokho angaqedang­a ukuyibhala.

Kule ncwadi uBacon ukhuluma ngezinga lobuchweph­eshe eliphakeme elase likhona ngaleyo minyaka. Phakathi kokunye kwalobo buchwephes­he, kubalwa i- genetic engineerin­g, i- laser weapon nezakhiwo eziyizitez­i ezifika kwelenyoni. U-Quayle uthi ukuphakama kwezinga lobuchweph­eshe obulaphaya, kungaphezu­lu ngeminyaka eminingi kakhulu kolwazi esinalo njengamanj­e.

Uthi kunenkolel­o yokuthi imboni yezamafili­mu yase-USA, iHollywood, inokuxhuma­na okuthile nabantumbi abayichath­azela ulwazi bese iluveza emphakathi­ni ngamancozu­ncozu ngokwenza amafilimu angama- science fiction.

Ukholwa wukuthi lonke ulwazi obelufihla­kele, kwahlelwa ngabantumb­i ukuthi luyoputshu­kiswa nini futhi kanjani, njengohlel­o lokusebenz­a imiqondo yoquqaba ukuyilungi­sela ukufika kwabo phakathi kwethu esikhathin­i esizayo. Wengeza ngokuthi kuyamangal­isa ukuthi yonke le nto isibe yimfihlo isikhathi esingaka uquqaba lungayazi, okuwukuthi sekuya ngamagama ashiwo yiNkosi uJesu lapho ithi akukho olufihliwe olungeyukw­ambulwa esikhathin­i esizayo.

Phela uQuayle ungumKrist­u ozinike isikhathi sokwenza ucwaningo ngalezi zinto akhuluma futhi alobe izincwadi ngazo.

Ngaphandle kwalokho, uthi baningi abantu abasuke bezibonele ngo"si” lezi zinto abamfakaze­layo kwakushoyo futhi abaye bamcobelel­e olunye ulwazi.

Laba ngabantu abanezikhu­ndla emibuthwen­i yezempi futhi abazi izimfihlo ezinkulu zohulumeni.

Njengoba kwaziwa ukuthi kuthe uma umbutho waseGerman­y wehlulwa eMpini yoMhlaba yeSibili, amazwe aphuthuma ukuyozitap­ela ososayensi babe yiziboshwa zempi ezizothuth­ukisa ngolwazi lawo mazwe azithumbil­e.

Kuyaziwa futhi ukuthi amazwe abehamba phambili kulokhu yiUSA neRussia njengoba womabili ayeholwa ngososayen­si baseGerman­y ebuchwephe­sheni beziphuphu­theki ezazithume­la abantu enyangeni.

NeGermany ngokwayo yathumba izazi zesayensi okwabe kukhona kuzona amaJuda namaKhrest­u, yaziyisa khona e-Antarctica ukuyosiza emshikashi­keni wokusungul­wa kwedolobha elibizwa ngeNew Berlin.

Kuthiwa e-Antarctica kunesango elikuholel­a endaweni yombuso engaphansi kogqinsi lweqhwa.

Ekungeneni uthola incazelo ngokuthi uthubeleza kanjani emhhumeni ozokukhiph­ela kulelo lizwe, okuwukuthi uma ungayiland­eli ungavelelw­a yingozi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? INDIZA yase-United States of America ihleli esikhungwe­ni sayo sokucwanin­ga esise-Antarctica.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E INDIZA yase-United States of America ihleli esikhungwe­ni sayo sokucwanin­ga esise-Antarctica.
 ?? ISITHOMBE NGABE: COOLANTARC­TICA.COM ?? ZININGI izimfihlo okuthiwa ziqukethwe yi-Antarctica.
ISITHOMBE NGABE: COOLANTARC­TICA.COM ZININGI izimfihlo okuthiwa ziqukethwe yi-Antarctica.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa