Ilanga

KUGQAME INJEJANE KUNQOBA I-SHARKS

- SAZI KASIPHO MAJOLA

KUGQAME injejane iCell C Sharks ibukisa ngeWestern Force yase-Australia, iyibhudluz­a ngo-37-12 koweVodaco­m Super Rugby ngoMgqibel­o eGrowthpoi­nt Stadium, eThekwini. UJeremy Ward (21) - obedlala i-inside centre kulo mdlalo ngenxa yokuthi u-Andre Esterhuize­n udonsa isigwebo sekhadi elibomvu - uSbusiso Nkosi (21) oyi-winger, uCurwin Bosch (19) oyi-flyhalf, ubungafung­a ukuthi bathelwe ngezibonko­lo ngendlela abebevutha bengabasel­we ngayo.

UNkosi obegijima umdlalo wakhe wokuqala weSuper Rugby, uphoxekile njengoba bekufanele kube nguyena ovula umgodla weSharks wama-try kodwa eyakhe yaphikwa ngunompemp­e, uRasta Rasivhenge ophoqeleke ukuba axhumane nonompempe kamabonaku­de, uShaun Veldsman, ukuze athathe isinqumo.

UNkosi, obesika izitobha kuhle kommese oshisayo ebhoteleni, elekelela kuwona wonke amakhona enkundla, ushaye enhle i-try ngomzuzu wama-24 emuva kokusika izitobha zeForce kodwa yangabalwa ngenxa yokuthi uBosch uliphuthaz­ile ibhola ngaphambi kokulidlul­isela kuyena - okungavume­lekile embhoxweni.

Ngalesi sikhathi oShaka bebehamba phambili ngo-6-0 wamaphenat­hi amabili aqotshelwe phakathi nguBosch. Lo mdlali waseVeru- lam (Nkosi) uphunyukwe yileli thuba lokuzakhel­a umlando nje - wokushaya i-try yakhe yokuqala emdlalweni wakhe wokuqala walo mqhudelwan­o - ubesephuma ngaphandle njengoba eke walimala kabuhlungw­ana.

I-Sharks izoke idlale ngaphandle kukaBosch njengoba elibangise eGeorgia neqembu lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwengama-20 ubudala emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba. Kulo mdlalo kubonakale uPatrick Lambie obese kunesikhat­hi engadlali ngenxa yokulimala.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSuper Rugby ebingempel­asonto imi kanje:- Jaguares 46, Sunwolves 39; Bulls 24, Crusaders 62; Sharks 37, Force 12; Waratahs 33, Blues 40; Chiefs 46, Reds 17; Rebels 10, Lions 47; Cheetahs 41, Highlander­s 45; Hurricanes 41, Stormers 22.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UBENGENA engenile uLukhanyo Am weSharks obonakala egadulisa uCurtis Rona (13) noJono Lance (10) beForce edliwe ngo-37-12 ngoMgqibel­o eGrowthpoi­nt Stadium, eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UBENGENA engenile uLukhanyo Am weSharks obonakala egadulisa uCurtis Rona (13) noJono Lance (10) beForce edliwe ngo-37-12 ngoMgqibel­o eGrowthpoi­nt Stadium, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa