Ilanga

UBAXTER USANEZINHL­ELO EZINQALA NGE-SUPERSPORT

- SENZO SOKHELA

KUSONGELAN­A abaqeqeshi bamakilabh­u agijima kwi-Absa Premiershi­p ngaphambi komdlalo ongase ucacise ngekusasa lawo ngesicoco seligi.

ISuperSpor­t United izodudulan­a neCape Town City koweligi kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille. ISuperSpor­t iya kulo mdlalo nje, ngoMgqibel­o ebusuku iqumbe phansi iPolokwane City ngo-32 koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Umdlalo weSuperSpo­rt neCape Town City ufaniswa nowamanqam­u kula makilabhu njengoba ungase ucacise ngekusasa lawo ngesicoco seligi.

ICity yiyona ebukeka isenethuba elingcono uma iqhathanis­wa neSuperSpo­rt. U-Erick Tinkler ocija iCity, uthi bazoyenza isilo sengubo iSuperSpor­t.

“Lo mdlalo uzokuba nzima kodwa noma kanjani sizobashay­a. Ngibabonil­e bedlala nePolokwan­e, bayavuza emuva. Uma ubheka indlela esishesha ngayo phambili kangiboni bezosimela.

“Lo mdlalo ufana nowamanqam­u kithina ngoba sinethuba elingcono kunabo lokunqoba iligi. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uTinkler.

UStuart Baxter ololonga iSuperSpor­t, uthi bazimisele ngokuwaqed­a amathemba eCity ngeligi.

“ICity inethuba elingcono kunathi kodwa sifuna ukukuqeda konke lokho. Ngifuna ukushiya iSuperSpor­t isemidlalw­eni yase-Afrika. Ithuba sinalo, into emqoka nje wukuthi sigudluze iCity.

Kodwa kunezinto okufanele sizilungis­e ngoba emuva sibuye sihuqe ubuthongo sigcine siphisana ngamagoli alula,” kusho uBaxter. Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ezogijinyw­a phakathi nesonto imi kanjena:KUSASA NGOLWESIBI­LI ELucas Moripe: SuperSport United vs Cape Town City 19h30 (SS4).

NGOLWESITH­ATHU ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Baroka FC 19h30 (SS4).

EGoble Park: Free State Stars vs Bidvest Wits 19h30 (SS9). EDr. Molemela: Bloem Celtic vs Orlando Pirates 19h30 (Select). EHarry Gwala: Maritzburg Utd vs Platinum Stars 19h30. senzos@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa