Ilanga

Ukhahlelwe waphuka ikhala owoSuthu

Lsalokoza inhlansi yethemba ngemidlalo yokuhlunga

- SENZO SOKHELA

AMAZULU FC abuyise ithemba lokungena kweyokuhlu­ngela ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p eguqisa iSantos ngo-3-0 koweNation­al First Division (NFD) izolo ngeSonto ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli oSuthu abhajiswe enethini nguSiyabon­ga Nomvethe kuyiphenat­hi ngomzuzu wama-29, u-Ovidy Karuru ngowama-37 noTapelo Nyongo ngowama-68. ISantos iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uJustin Dowood ngomzuzu wama-45. Uphule ikhala ngesicathu­lo uKaruru, unondweba wangananaz­a ukumnika ikhadi elibomvu. Indawo kaKaruru ithathwe nguLungelo Dlamini.

Lo mphumela ubuyise ithemba oSuthwini kwazise kalikaliph­onsi ithawula ngokuya kweyokuhlu­nga yize sekulele emseni wamanye amakilabhu. Lunqoba lo mdlalo nje, bese lugijime emibili imiphumela iphika, okuyiyona edale umonakalo.

UJoey Antipas ocija uSuthu, uthi nakuba umjabulisa lo mphumela kodwa bekufanele bahlohle inqwaba yamagoli.

“Ukuya kweyokuhlu­nga akusekho ezandleni zethu kodwa ithemba lisekhona ngoba izibalo zisasivuma.

“Ngijabule ngomphumel­a kodwa ngikholwa wukuthi bekufanele sihlohle inqwaba yamagoli kunalawa esiwatholi­le kodwa sawayeka. Amagoli abalulekil­e uma kunjena, yingakho uma livuma ithuba kufanele ungabi nazwelo,” kusho u-Antipas.

AmaZulu kuzokuthi ngoLwesith­athu ngo-15h00 abhekane neJomo Cosmos koweligi eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

U-Antipas ephawula ngalo mdlalo, uthe: “Isikhathi sokulahla amaphuzu kasisekho, manje kufanele siyinqobe yonke imidlalo. Umdlalo weCosmos umqoka kufanele siwunqobe. Yiwona ozocacisa ngekusasa lethu.

UTony de Nobrega ocija iSantos, uthi ukuphuma ngekhadi elibomvu komdlali wabo kubabulele.

“Besize ngenhloso yokuzoxova uSuthu kodwa izinto zangahamba ngokohlelo. Umdlalo siwuqale kahle sibulawe yikhadi elibomvu esilitholi­le.

“Lisikhiphi­le emdlalweni kanti vele nemimoya ibiphansi njengoba selisigenc­ile izembe,” kusho uDe Nobrega othi akakazi noma uzokwehla nayo yini le kilabhu ukuya kwi-ABC Motsepe League.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIYABONGA “Bhele” Nomvethe ongumgadli wamaZulu FC ushaye elinye lamagoli le kilabhu ihlula iSantos ngo-3-0 koweNFD izolo KwaMashu. USuthu luzodlala neCosmos ngoLwesith­athu ngo-15h00 eMlazi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIYABONGA “Bhele” Nomvethe ongumgadli wamaZulu FC ushaye elinye lamagoli le kilabhu ihlula iSantos ngo-3-0 koweNFD izolo KwaMashu. USuthu luzodlala neCosmos ngoLwesith­athu ngo-15h00 eMlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa