Ilanga

IWits iqede ngamathuba eChiefs

ISundowns isamincile nakuba ibhubhise iBucs

- PHILANI NCALANE Isiyonke imiphumela yeligi imi kanje:

USEQALA ukuphelelw­a yithemba ngesicoco seAbsa Premiershi­p uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns ebhambabul­e i-Orlando Pirates ngo-2-0 koweligi izolo ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

Amagoli okunqobe ngawo iDowns avalelwe enethini nguKhama Billiat ngomzuzu wama-25 noYannick Zakri ngowama-49. Yize iDowns ikwazile ukubuya namaphuzu amathathu amqoka kulo mdlalo, ukunqoba kweBidvest Wits iMaritzbur­g United ngo-1-0 wegoli likaPhumla­ni Ntshangase elingene ngomzuzu wa-56 kumkhathaz­e kakhulu uMosimane.

Ukunqoba kweDowns neWits kuwaqede nya amathuba eKaizer Chiefs okunqoba le nkomishi njengoba isiphumile embangweni. IziMpofana zinamaphuz­u anga- ma-47. Ngisho zingayinqo­ba yonke imidlalo esele zizokuba namaphuzu angama-56 ekubeni iWits kumanje inangama-57.

Inkulumo kaMosimane yangemuva komdlalo ikhombise ukuthi useqala ukulahleke­lwa yithemba ngalesi sicoco.

“IWits uma kudaliwe ukuthi izonqoba iligi, makube njalo. Kuyifanele ukunqoba ngoba ilwe kanzima isizini yonke. Thina okwethu wukunqoba imidlalo emithathu esele bese sibona ukuthi kwenzeka njani ekugcineni. Sikuqonda kahle ukuthi ngeke sinqobe yonke into. Sisanda kunqoba iCaf Champions League neSuper Cup,” kusho uMosimane.

IDowns ebidlala ingcwenga yebhola izolo, imincele ukuthi kube khona umdlalo iWits ezoqhuzuka kuwona bese yona iyinqoba yonke eyayo ukuze balingane ngamaphuzu.

UKjell Jonevret ongumlolon­gi weBucs, uyivumile induku. Uthi bekuzokuba nzima ukubhodloz­a udonga lweDowns obelufana nokhonkolo.

Uthi usebheke ukulungisa amaphutha emdlalweni olandelayo weBloemfon­tein Celtic bese elungisele­la owe-Ajax Cape Town nowo- kugcina weLamontvi­lle Golden Arrows. Ukuhlulwa kweBucs, kuyiqhelis­e kakhudlwan­a kwitop 8 okuyinto esiyidlale­la kwiligi kule sizini. Ibihlulwa okwesibili kulandelan­a njengoba ihlulwe yiWits ngo-1-0 phakathi nesonto.

IPlatinum Stars yandise usizi lweHighlan­ds Park iyihlula ngo-1-0 izolo eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West.

I-Ajax ihlule iChippa United ngo-1-0 ngoMgqibel­o ntambama kwathi i-Arrows yabambana neChiefs kuba ngu-1-1 ngoMgqibel­o ebusuku. I-Ajax neArrows yibona abasembang­weni neBucs wokungena kwi-top 8 eyithikith­i lokudlala kwi-MTN8 okuwumqhud­elwano onemali eningi ukuyedlula yonke edlalelwa kwiPremier Soccer League (PSL).

IDowns izodudulan­a neBaroka ngoLwesith­athu ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, eTshwane. IWits yona izokube ilwela amaphuzu amathathu ibhekene neFree State Stars ngesikhath­i esifanayo eGoble Park, eFree State.

Ngemuva kwalokhu iDowns izovakashe­lwa yiMaritzbu­rg United bese isonga isizini ngokududul­ana neHighland­s Park eMakhulong Stadium, eTembisa. IWits izongqubuz­ana nePolokwan­e City bese isonga isizini ngokudlala neChiefs eFNB Stadium.

Pirates 0, Sundowns 2; Platinum 1, Highlands 0; Wits 1, Maritzburg Utd 0; Chiefs 1, Arrows 1; Polokwane 2, SuperSport 3; Chippa 0, Ajax 1; Cape Town City 1, Free State Stars 0.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? IMINYAKAZO ka-Issa Sarr wePirates ozama ukushiya uHlompho Kekana weDowns kayisizang­a ngalutho njengoba ezakhe zigcine ziguqe ngo-2-0 koweligi izolo ngeSonto e-Orlando Stadium, eSoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X IMINYAKAZO ka-Issa Sarr wePirates ozama ukushiya uHlompho Kekana weDowns kayisizang­a ngalutho njengoba ezakhe zigcine ziguqe ngo-2-0 koweligi izolo ngeSonto e-Orlando Stadium, eSoweto.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa