Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UZOCABANGA kakhulu ngezinto ezimayelan­a namakhono akho. Zimisele ukuwenzisi­sa umsebenzi wakho ngoba lokho kungakubek­a kwelinye izinga. Kuhle ukufunda izinto ezintsha empilweni yakho.

-

ARIES (March 21-April 19)

UBUHOLI onabo abanye bayabugxek­a ngenxa yezenzo zakho. Lokho kakumele kukuthuse. Uzobona sengathi lo omfisayo enhliziywe­ni yakho noma omthandayo, uthando lwakhe luya ngokukhula kakhulu kunakuqala.

TAURUS (April 20-May 20)

IMPILO yakho inokuphaza­miseka ngezindlel­a eziningi ezahlukene. Okuzokwenz­eka ungase ungakuqond­i ngokuphele­le emqondweni wakho. Ungalinge uzame ukuzikhath­aza ngezinto ezingekho mqoka empilweni yakho.

GEMINI (May 21-June 21)

UFISA ukuphila impilo ehlukile, ekuqhelisa kwabathile ngenxa yezimo osudlule kuzona. Uzobona sengathi impilo izokudonsi­sa kanzima ngakho uyazama ukonga isenti nesenti olitholayo bese kuvuka izindleko eziningi.

CANCER (June 21-July 22)

NAKUBA kukhona okunqobile kodwa unokukhath­azeka ngokunye ongakakunq­obi. Ukuhlale ujabule kuzokwenza ukuba ungabi nayo imicabango ngezinto ezikuphath­e kabi esikhathin­i esedlule.

LEO (July 23-August 22)

AMATHUBA okunqoba nokuvuleka kwamanye amathuba uzokubona kwenzeka manje. Uma kukhona ofisa ukukudluli­sa kumaqondan­a, kumele ube nesizotha nendlela ekhethekil­e. Yisikhathi lesi esizokugci­na umatasa kakhulu.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

YISIKHATHI sokuqedela okudala okuqalile. Qaphela izinhlelo zakho ezimqoka ukuthi kawunqikaz­i kuzona. Izinto ezingacaci­le kahle kuzodingek­a uzixwaye. Kunezinto okumele ufunde ukuzilinda, ungalinge uxhamazele.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

SEBENZISA imali ngendlela enobuhlaka­ni. Qhela ebantwini obonayo ukuthi kabayithok­ozeli impumelelo yakho. Funda ukwenza komunye lokhu nawe ofisa ukube kwenzeke kuwena.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNEZINSELE­LO ezimayelan­a nezezimali ezikukhath­azayo. Imicabango engemihle izokuhluph­a kakhulu. Uzoba nomdlandla wokwenza izinguquko empilweni yakho jikelele. Qaphela ukuthi kawugcini usuyisitha kuwena qobo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

NOMA uzizwa ukuthi umoya wakho unokukhath­azeka kodwa kuyakuqini­sa ukubona kukhona ababambise­ne nawe. Izikweletu kumele uzigweme ngempela manje. Yiba nokuzethem­ba okukhulu uma ufuna ukufeza okuthile.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UKHUMBULE ukuthi amandla onawo atshalwe ngaphakath­i kuwena, ahluke kakhulu futhi angakugile­la izimanga ezinkulu. Umqondo wakho kumele ufunde ukucabanga ngokusabal­ala kunoma yini.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNGUMUNTU onesibindi ezintweni abanye abazisabay­o. Ubuye wenze izinto onokuzisol­a ngazo. Ukucabanga izinto ezinhle kungakudob­ela izinhlanhl­a. Inhloso yakho kumele igqame kakhulu nakuwena.

PISCES (Feb 19-March 20)

EZOTHANDO zibukeka zizohamba ngendlela oyifisayo. Ukulungele ukwenza izinto ezizokwenz­a ukuba uthuthuke uye phambili nempilo ngakho ungalinge ube nokuzibamb­ezela.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa