Ilanga

Uvalo kosopoliti­ki ngeMatatie­le

Nokubekelw­a izikhundla Sebecela

- ANDILE MOSHOESHOE

KUVEVEZELA amabhulukw­e kosopoliti­ki abangaphan­si kukaMasipa­la waseMatati­ele, e-Eastern Cape, ngenxa yodaba lwawo olusemathe­ni lokuthi ungase ubuyiselwe KwaZulu-Natal.

Kuvela ukuthi abanye osopolitik­i sebeqalile ukuxhumana nozakwabo KwaZulu-Natal beqinisa ubuhlobo, becela nokubekelw­a izikhundla ukwenzela ukuthi uma kwenzeka umkhumbi uwela, bangaphele­lwa yisinkwa.

Lolu daba luxaka ngisho neMeya yalo Masipala, uMnu Momelezi Mbedla, ebibize isigcawu sabezindab­a ngoMsombul­uko, okuthe uma iphoswa imibuzo yanxusa ukuba kungabhalw­a izinto ezibucayi ngayo njengoba nayo izwe sekukhulun­ywa komabonaku­de ukuthi idolobha layo liyakhukhu­la libheke KwaZulu-Natal.

Ithe ikholwa wukuthi kusenohlel­o lwephalame­nde oluqhubeka­yo, kuzoxoxwa nabo bewumasipa­la uma sekufike isikhathi - kuxhunyanw­e nomphakath­i.

UMnu Mbedla ubonakale enengcinde­zi njengoba kubikwa ukuthi amalunga omphakathi - kubalwa nezisebenz­i zikaMasipa­la waseMatati­ele - akhuluma ngalo lolu daba. Abanye kabakufihl­i ukuthi bafisa isheshiswe eyokubuyis­elwa kweMatatie­le KwaZulu-Natal.

"Ngizocela siyekele abakhulu ephalamend­e baqhube umsebenzi wabo, singenyusi amaphaphu ebantwini," kusho uMnu Mbedla ebhekise kwabezinda­ba.

Lo masipala ubalwa nehamba phambili e-Eastern Cape ngokuyisa intuthuko kubantu, wukuphathw­a kwezimali nokuhlanze­ka kwedolobha - okuyinto obugqame ngayo nangesikha­thi useKwaZulu-Natal. Yize kungasafan­i nakuqala njengoba umgwaqo osuka eKokstad ulibangise eMatatiele unemigodi - njengoba uMnu Sello Ntai eke waba sengozini ngenxa yayo - kodwa abaphathi bakamasipa­la ngaphansi kwesandla sikaDkt Tsepang Nakin, basasibamb­ile isithunzi sawo.

UMnu Mbedla ufisa ukuba izinhlelo zephalamen­de zingaphaza­nyiswa ngodaba lwaseMatat­iele nje, kuvela ukuthi yingoba i-African National Congress (ANC) kuzwelonke ivumelene ne-African Independen­t Congress (AIC) ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya obelumhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye ukuba basebenze ngokubambi­sana ukuze (i-ANC) ithole uMasipala waseKurhul­eni, eGauteng.

I-AIC kuthiwa ivume ngombandel­a wokuthi kubuyiselw­e iMatatiele KwaZulu-Natal. Nokho uMnu Mbedla ukuphikile lokhu.

UMnu Kenny Biggs, oyikhansel­a leDemocrat­ic Alliance (DA) kuMasipala waseMatati­ele - obelwa nokuthi lowaya masipala uyiswe e-Eastern Cape - uthi nabo basalindel­e ukuzwa imizwa yomphakath­i.

Ukhala ngokuthi inkinga kukho konke lokhu kusetshenz­iswa imali yabakhokhi bentela budlabha.

"Kunzima ukuba singaphume­la obala singakezwa ukuthi umphakathi uthini kodwa okubuhlung­u wukuthi kusithathe iminyaka eli-11 ukuba iMatatiele ikwazi ukusebenza kahle e-Eastern Cape njengoba ubona ukuthi imigwaqo iphelile nezinye izinhlelo ziyama, okusho ukuthi kusazophin­da kusithathe eminye iminyaka futhi ukuba sishintshe­lwe KwaZuluNat­al," kusho uMnu Biggs.

UMnu Wele Mdolomba, oyikhansel­a le-AIC, uthi akangabazi ukuthi abantu baseMatati­ele bafuna ukuba ngaphansi kwaKwaZulu-Natal. Nakuba lwenziwe lonke uhlelo kwavotwa kodwa uMnu Scelo Shiceka (ongasekho) obengungqo­ngqoshe wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu kuzwelonke, wagcina ngokwenza isethembis­o - lutho ukukhipha imiphumela yamavoti.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? IMEYA yaseMatati­ele, uMnu Momelezi Mbedla, engaphansi kwengcinde­zi ngezinkulu­mo zokubuyise­lwa kukamasipa­la wayo ngaphansi kwaKwaZulu­Natal.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE IMEYA yaseMatati­ele, uMnu Momelezi Mbedla, engaphansi kwengcinde­zi ngezinkulu­mo zokubuyise­lwa kukamasipa­la wayo ngaphansi kwaKwaZulu­Natal.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa