Ilanga

BASONGA UKUBOPHA UMNYANGO WEZEMPILO ABASHONELW­E

- PHUMLANI GAMA

UNYONYOBEL­WA yizindleko uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal njengoba umndeni wakwaGumbi eNgonini eNgwavuma, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, usonga ngokuthath­ela isibhedlel­a iMosvold (esiseNgwav­uma), izinyathel­o zomthetho ngokudlula emhlabeni kwelunga lawo.

Umndeni uthi uNkk Velephi Gumbi (47) udlule emhlabeni ngendlela engaqondak­ali kanti usola ukuthi ubenganake­kelwa ngendlela efanele. Kubikwa ukuthi ungeniswe kulesi sibhedlela ngoNhlolan­ja (February) emuva kokuba ephume kwakhe eya emtholampi­lo wendawo, eNkungwini exinwe yisifo sofuba.

Emtholampi­lo ubizelwe i-ambulensi waphuthuny­iswa eMosvold. Uyalelwe ukuba aqale ukudla amaphilisi alesi sifo. Ubuye wayalelwa ukuba angabe esaqhubeka nawo ngoba kuthiwa seselaphek­ile.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, mhla zili-16 kuNhlolanj­a, umufi udluliselw­e esibhedlel­a iNkosi Albert Luthuli Hospital, eThekwini. Engakafiki eThekwini, i-ambulensi abehamba ngayo ihlaselwe yizigilamk­huba zayingenel­a ngamatshe eMtubatuba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, umufi walimala kakhulu njengoba ephuke ithambo lehlombe eshaywa yitshe.

Uthathwe wayiswa esibhedlel­a saKwaMbona­mbi eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal wafakwa izitishi. Ususwe lapho washoniswa eNkosi Albert Luthuli. Ubuye wabuyiselw­a eMosvold.

Kubikwa ukuthi uze waqala ukunakwa lulunye kuNdasa (March) ngoba esezikhale­la. UMnu Mthokozisi Amen Gumbi (23), oyindodana kamufi, uthi bakholwa wukuthi unina ngabe usaphila ukuba ubenakekel­wa ngendlela efanele. Uthi bazophoqel­eka ukuthathel­a isibhedlel­a izinyathel­o zomthetho ngoba sehlulekil­e wukwenza umsebenzi waso. Okubadina kakhulu wukuthi namanje wukuba kayikho imiphumela yokuxilong­wa kwesidumbu sikamufi nezithombe ze-X-ray - njengoba elimale ithambo.

“Umama uze washona zingama-25 kuNdasa kophezulu elokhu ekhala ngesibhedl­ela nezisebenz­i zaso, ethi kaziyingen­i eyokumelap­ha zihlangani­se ithambo elephuke engozini yeambulens­i. Nomshayeli owehlelwe yingozi kabafuni ukusitshel­a ukuthi ungubani.

“Sihlela ukuphuma inqina sithole abazosimel­a kule nkinga ngoba sikholwa wukuthi uhulumeni kufanele uqhubeke nokondla izintandan­e ezishiywe ngumufi.

“Kasinababa kasinamama manje, kulukhuni. Ngeke sivumele ukuxhashaz­wa ngabantu esikholwa wukuthi yibona okufanele bavikele iziguli. Udaba silubikile eMnyangwen­i wezeMpilo,” kusho uMnu Gumbi.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukuxhumana nabaphathi balesi sibhedlela kodwa lutho ukubathola. Izingcingo zabo bezivaliwe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Agiza Hlongwane, ukuqinisek­isile ukungena kwesikhalo somndeni wakwaGumbi ehhovisini labo. Uthe bakwemukel­e kodwa basephezu kophenyo ukuze kuzocaca ukuthi likhona noma kalikho yini iphutha elenzekile.

Utshele ILANGA ukuthi uma kutholakal­a ukuthi kukhona ababe nobudedeng­u, kuyodingek­a bashushisw­e. “Uma sesiqedile ngophenyo sizobuyise­la izimpendul­o ezicacile emndenini wakwaGumbi. Nomshayeli owehlelwe yingozi sizompheny­a ukuze sithole kabanzi ngakho konke okwenzekil­e,” kusho uMnu Hlongwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa