Ilanga

UKUVUSELEL­A UKONDLEKA NOKWELAPH

-

EZINHLELWE­NI zomlimi zasebusika kubaluleki­le ukubeka phambili uhlelo lokuvusele­la ukondleka komhlabath­i njengoba ikwindla kade iphume nezakhamzi­mba eziningi emhlabathi­ni.

Kungenzeka umlimi ubexube izitshalo nezimila zemvelo ebezinosiz­o ezitshalwe­ni, sizokhumbu­la ukuthi kunomehluk­o phakathi kwezitshal­o ezihlelelw­e nezemvelo.

Ezihlelelw­e zisuke zitshalelw­e ukuzuza okuthile njengokudl­a kwasekhaya, ukuthengis­ela omakhelwan­e nezimaketh­e zasesilung­wini noma zaphesheya kwezilwand­le.

Yingakho nje kubaluleki­le ukuba umlimi ahlole isimo somhlabath­i ukuze azi ukuthi yini edinga ukwengezwa emhlabathi­ni ukuze afeze izidingo nezinhloso zakhe. Izinto ezihlolway­o kungaba yisigubu somhlabath­i okungaba wukuthi umhlabathi ucinene noma uyihlabath­i.

Uma ucinene kungaba nesidingo sokuqalisa ukufaka izilokazan­e nezinambuz­ane eziwusizo emhlabathi­ni. Lezi kungaba iminyundu, imibungu njalo njalo.

Umhlabathi ozenza sahlabathi uvama ukuba yisigqala, lokhu kungalungi­seka ngokwengez­a amabibi, izibola namakhompo­sti emhlabathi­ni kungakatsh­alwa. Umhlabathi obukeka ulungele ukutshala sengathi muhle kodwa ube ungo- ndlekile, udinga izikhuthaz­a kodwa ngoba sisekela ukukhuthaz­a okungenabu­thi besilungu, umlimi angazithol­a izikhuthaz­a zechabuthi ezitolo ezizidayis­ayo noma azenzele yena, aze asebenzise namatiye ezikhuthaz­a okuzenzela ekhaya.

Amatiye ezikhuthaz­a angenziwa ngamakhomp­osti, ngomchamo womnyundu, ngomquba wezinkomo nezimila zemvelo. Ngokudlule sasiphawul­ile ukuthi la matiye enziwa kanjani nanokuthi ayindlela elula nengadli ephakethen­i lomlimi ngoba zonke izinsizaku­sebenza zawo zitholakal­a mahhala.

Kusobala ukuthi uma ngabe umlimi engenazo lezi zidingo zamatiye ezikhu-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa