EZESIMANJE:
MHLAWUMBE sibaningi esike sizibuze umbuzo wokuthi kuyimpoqo yini ukuba kube negama eliyisidlaliso noma isiteketiso obiza ngalo isithandwa sakho, phecelezi pet name.
Uma abantu bengakathandani babizana ngamagama abo abawaqanjwe bezalwa kodwa kuyothi uma sekuthandanwa kushintshe konke lokhu. Amagama afana no- babe, darling, sweetheart, honey, sunshine namanye kugcina sekuyiwo athatha indawo yegama langempela.
Ngokujwayelekile lawa magama asetshenziswa ngenhloso yokutshengisa uthando kothandiweyo wakho, mhlawumbe abanye basuke befuna ukuvezela abaseceleni ukuthi usothandweni.
Uma ubizwa ngamagama abalulwe ngenhla kuye kucacele noma ngubani ukuthi hhewu kuyathandwana kulobu budlelwano futhi naye osuke ebizwa ngalo uye umbone emamatheka kancane.
Konje ubani ongeke athande ukubizwa ngethambo le- kentucky, isambulela selanga, umayifohloza, isimadzadza, isiphalaphala noma uswidi womkhuhlane?
Ngokujwayelekile umuntu usebenzisa igama elimchazayo noma akubona uyikho empilweni yakhe. Abanye ubathola bebizana ngamagama ahlekisayo kodwa abanikazi bendaba basuke bewathanda futhi bazi ukuthi asukelaphi nokuthi asho ukuthini kubo.
Kwesinye isikhathi kuyenzeka uzwe izithandani zibizana ngisho nangamagama okudla imbala afana nathi: sugar pie, honey bunch, my chocolate noma my muffin.
Ababhali bencwadi ethi “Stop Calling Him Honey and Start Having Sex,” okuwuMaggie Aran noJulienne Davis bathi kwesinye isikhathi ukubizana ngalawa magama kungadala uqhekeko ebudlelwaneni, aqede nobudlelwano bezocansi. Bathi ukubizwa ngegama lakho nakho kuhle.
“Sonke sinakho ukuzigqaja. Siyakuthokozela ukuzwa sibizwa ngamagama ethu. Uma ungambizi othandiweyo wakho ngegama kungenzeka kukufake enkingeni,” kusho u-Arana.
Uthi amagama afuze awokudla angakwenza uphelelwe wumdlandla wenkonzo yasekamelweni.
Kuyenzeka kwabanye bangakuthakaseli ukubizwa ngamagama abo kuma- relationship, babone sengathi uthando kaluqinile kahle. Kanti labo ababizwa ngawo bathi kawukho umuzwa odlula ukubizwa nge- pet name.
UMbali Mdlalose uthi uke azibone eyindlovukazi uma ebizwa ngamagama athe phecelezi okuteketisana.
“Ngivele ngibone ukuthi ngiyathandwa. Uyazi ukuthi uma kuke kwangena i- message ethi ' hey love' evela kumuntu wami ngivele ngimamatheke kucacele noma ngubani oseduze kwami ukuthi ngikhuluma nesithandwa sami,” esho.
Uthi kusiza nasekutheni ubone ukuthi ubudlelwano benu bumi kuphi.
“Uma kusaqalwa ukuthandana umuntu ukubiza kahle, uma sekukhona okhona ubona ngoba esethi “sure mfethu” kade ejwayele ukukubingelela kahle. Lapho usuke usucacelwa wukuthi sekukhona okhona. Kuyezwakala uma kuwukuthi uzokubiza ngegama lakho mhlawumbe uma nixabene ngoba yinto yesikhashana ezobuye idlule. Mina nje angimfuni umuntu ongibiza ngegama lami, uvela kumuphi umhlaba,” kulanda uMbali.
UZizipho Dube uthi akayizwa kahle eyokungabizwa ngamagama othando.
“Ngiyachazeka, ngizizwe ngithandwa uma ngibizwa ngegama elinothando njengo “my love” noma “sweetheart”. Uma sixabene ngiyazi ukuthi ngizobizwa ngegama lami kodwa uma kungenzeke lutho ngibizwa ngalo kakwehli kahle.
“Ngichazeka kakhulu uma ngibizwa ngoMaMbuyazi - ngivele ngibone ukuthi lo muntu uyangazi futhi uyangihlonipha,” kusho yena.
Esikhundleni sokusebenzisa amagama ejwayelekile ukubiza isinqandamathe sakho uyakwazi ukuzakhela elakho elizokwaziwa yini nobabili.
Uma isinqandamathe sakho singakubizi nge- pet name kungakuphathi kabi lokho, kakusho ukuthi ubudlelwano benu kabuqinile. Mhlawumbe kasithandi ukusebenzisa amagama anjengalawa noma kasikaze sejwayele ukubizana ngawo selokhu kwathi nhlo.