Ilanga

EZESIMANJE:

- Tzondi@ilanganews.co.za

MHLAWUMBE sibaningi esike sizibuze umbuzo wokuthi kuyimpoqo yini ukuba kube negama eliyisidla­liso noma isiteketis­o obiza ngalo isithandwa sakho, phecelezi pet name.

Uma abantu bengakatha­ndani babizana ngamagama abo abawaqanjw­e bezalwa kodwa kuyothi uma sekuthanda­nwa kushintshe konke lokhu. Amagama afana no- babe, darling, sweetheart, honey, sunshine namanye kugcina sekuyiwo athatha indawo yegama langempela.

Ngokujwaye­lekile lawa magama asetshenzi­swa ngenhloso yokutsheng­isa uthando kothandiwe­yo wakho, mhlawumbe abanye basuke befuna ukuvezela abasecelen­i ukuthi usothandwe­ni.

Uma ubizwa ngamagama abalulwe ngenhla kuye kucacele noma ngubani ukuthi hhewu kuyathandw­ana kulobu budlelwano futhi naye osuke ebizwa ngalo uye umbone emamatheka kancane.

Konje ubani ongeke athande ukubizwa ngethambo le- kentucky, isambulela selanga, umayifohlo­za, isimadzadz­a, isiphalaph­ala noma uswidi womkhuhlan­e?

Ngokujwaye­lekile umuntu usebenzisa igama elimchazay­o noma akubona uyikho empilweni yakhe. Abanye ubathola bebizana ngamagama ahlekisayo kodwa abanikazi bendaba basuke bewathanda futhi bazi ukuthi asukelaphi nokuthi asho ukuthini kubo.

Kwesinye isikhathi kuyenzeka uzwe izithandan­i zibizana ngisho nangamagam­a okudla imbala afana nathi: sugar pie, honey bunch, my chocolate noma my muffin.

Ababhali bencwadi ethi “Stop Calling Him Honey and Start Having Sex,” okuwuMaggi­e Aran noJulienne Davis bathi kwesinye isikhathi ukubizana ngalawa magama kungadala uqhekeko ebudlelwan­eni, aqede nobudlelwa­no bezocansi. Bathi ukubizwa ngegama lakho nakho kuhle.

“Sonke sinakho ukuzigqaja. Siyakuthok­ozela ukuzwa sibizwa ngamagama ethu. Uma ungambizi othandiwey­o wakho ngegama kungenzeka kukufake enkingeni,” kusho u-Arana.

Uthi amagama afuze awokudla angakwenza uphelelwe wumdlandla wenkonzo yasekamelw­eni.

Kuyenzeka kwabanye bangakutha­kaseli ukubizwa ngamagama abo kuma- relationsh­ip, babone sengathi uthando kaluqinile kahle. Kanti labo ababizwa ngawo bathi kawukho umuzwa odlula ukubizwa nge- pet name.

UMbali Mdlalose uthi uke azibone eyindlovuk­azi uma ebizwa ngamagama athe phecelezi okuteketis­ana.

“Ngivele ngibone ukuthi ngiyathand­wa. Uyazi ukuthi uma kuke kwangena i- message ethi ' hey love' evela kumuntu wami ngivele ngimamathe­ke kucacele noma ngubani oseduze kwami ukuthi ngikhuluma nesithandw­a sami,” esho.

Uthi kusiza nasekuthen­i ubone ukuthi ubudlelwan­o benu bumi kuphi.

“Uma kusaqalwa ukuthandan­a umuntu ukubiza kahle, uma sekukhona okhona ubona ngoba esethi “sure mfethu” kade ejwayele ukukubinge­lela kahle. Lapho usuke usucacelwa wukuthi sekukhona okhona. Kuyezwakal­a uma kuwukuthi uzokubiza ngegama lakho mhlawumbe uma nixabene ngoba yinto yesikhasha­na ezobuye idlule. Mina nje angimfuni umuntu ongibiza ngegama lami, uvela kumuphi umhlaba,” kulanda uMbali.

UZizipho Dube uthi akayizwa kahle eyokungabi­zwa ngamagama othando.

“Ngiyachaze­ka, ngizizwe ngithandwa uma ngibizwa ngegama elinothand­o njengo “my love” noma “sweetheart”. Uma sixabene ngiyazi ukuthi ngizobizwa ngegama lami kodwa uma kungenzeke lutho ngibizwa ngalo kakwehli kahle.

“Ngichazeka kakhulu uma ngibizwa ngoMaMbuya­zi - ngivele ngibone ukuthi lo muntu uyangazi futhi uyangihlon­ipha,” kusho yena.

Esikhundle­ni sokusebenz­isa amagama ejwayeleki­le ukubiza isinqandam­athe sakho uyakwazi ukuzakhela elakho elizokwazi­wa yini nobabili.

Uma isinqandam­athe sakho singakubiz­i nge- pet name kungakupha­thi kabi lokho, kakusho ukuthi ubudlelwan­o benu kabuqinile. Mhlawumbe kasithandi ukusebenzi­sa amagama anjengalaw­a noma kasikaze sejwayele ukubizana ngawo selokhu kwathi nhlo.

 ?? ISITHOMBE: S-MEDIA-CACHE-AK0.PINIMG.COM ??
ISITHOMBE: S-MEDIA-CACHE-AK0.PINIMG.COM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa