Ilanga

OweChiefs uveza isizathu esibakhiph­e embangweni

Udalula abakufuna emidlalwen­i esele

- SENZO SOKHELA Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isi yonke kule mpelasonto iqhathwe kanje: NGOMGQIBEL­O ENew Peter Mokaba Stadium: senzos@ilanganews.co.za

USOLA isigcwagcw­a akholwa wukuthi yiso esenze baphuma embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p umdlali weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandel­i bale kilabhu.

IChiefs izogadulis­ana nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h00 eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IChiefs iya kulo mdlalo nje vele sekucacile ukuthi ngeke isasithola isicoco seligi emuva kokuba idlale ngokulinga­na ngo-1-1 neLamontvi­lle Golden Arrows eFNB Stadium, eSoweto ngoMgqibel­o owedlule.

USiphiwe “Shabba” Tshabalala ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku uthi kuzofanele basukume njengoba kucaca ukuthi ezakhe zihaqwe yisigcwagc­wa.

“Uma ubheka selokhu kuqale isizini silahla amaphuzu emidlalwen­i okusuke kufanele ngabe siyayinqob­a kodwa kugcine kusibhedel­e.

“Bheka nje kamuva sikhavwa umdlalo sesihambil­e nawo kuvele kungacaci ukuthi kwenzakale­ni sonke sisale sibuzana.

“Kuyacaca ukuthi kukhona isigcwagcw­a esihamba naso okuzofanel­e sisisukume­le kungaze konakale izinto eziningi,” kusho uTshabalal­a.

Uthi uyavuma ukuthi sekuphelil­e ngabo kwiligi kodwa lokho akuchazi ukuthi bazogebisa amakhanda.

“Sifuna ukuyinqoba yonke imidlalo esele ukuze sibone ukuthi amaphuzu esizowatho­la azosibekap­hi.

“Sizoqala ngawo lo mdlalo wePolokwan­e City. Siyakuqond­a ukuthi ifuna ukuqinisa indawo yayo kwi- top 8 kodwa nathi sifuna ukusonga siphezulu kwi- log.

“Lo mdlalo uzoba mnandi ngoba nePolokwan­e idlala ibhola elihle. Kodwa-ke esikuyela kulo mdlalo ngamaphuzu amathathu hhayi okungaphan­si kwalokho,” kusho uTshabalal­a.

URodney Ramagalela umgadli wePolokwan­e uthi ngeke bayidedele iChiefs nangengozi.

“Ngikholwa wukuthi yiChiefs enengcinde­zi hhayi thina.

“Kulo mdlalo kuzobe kugcwele abalandeli babo ngoba balandelwa yonke indawo ngakho-ke bazobe bezele iwini okuzobafak­ela ingcindezi.

“Esizokwenz­a nje thina wukubehlul­a ukuze siqinise indawo yethu kwi- top 8,” kusho uRamagalel­a. NGOLWESIHL­ANU EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Chippa United 20h00. EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Baroka FC 15h00.

Polokwane City vs Kaizer Chiefs 18h00. E-Athlone Stadium: Ajax Cape Town vs Bloem Celtic 20h15.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X.COM ?? NGUSIPHIWE Tshabalala weKaizer Chiefs ofake ibhande likakapute­ni obona ezakhe zihaqwe yisigcwagc­wa kule sizini njengoba izosongwa zingenanko­mishi ekhabethen­i.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X.COM NGUSIPHIWE Tshabalala weKaizer Chiefs ofake ibhande likakapute­ni obona ezakhe zihaqwe yisigcwagc­wa kule sizini njengoba izosongwa zingenanko­mishi ekhabethen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa