Ilanga

Seliphendu­ke iqaqa iGcokama Elisha

EZOMPHAKAT­HI: Lihoxisiwe emcimbini

- THANDEKA NGOBESE

SESIPHENDU­KE iqaqa isilomo sikamaskan­di, uMthandeni "iGcokama Elisha‚" Manqele ngenxa yezenzo zaso eziphamben­e nokulunga okubalwa kuzo nokuhlasel­a intatheli yeLANGA, uMthobisi Sithole, emasontwen­i amabili adlule.

IGcokama bekumele linandise emcimbini kaMasipala waseNkandl­a, maphakathi neKwaZulu-Natal, lagcina liphunyukw­e yiqatha emlonyeni ngoba amakhosi akule ndawo eshaye amakhala ngokuqashw­a kwalo.

Ngokusho kokhulumel­a uMasipala waseNkandl­a, uMnu Mgcobeni Khanyile, iGcokama beliyingxe­nye yabaculi abebezonan­disa kwiNkandla May, eDangweni eNkandla mhla zingama-27 kwephezulu.

Lo mcimbi wenziwa minyaka yonke kanti kuwona kusuke kuzoqokwa amahhashi azongena emjahweni, iDundee July.

“Bese sivumelene nalo ngayo yonke into, okubalwa nemali ebeliyibiz­ile kodwa sagcina silihoxisi­le ngenxa yezixakaxa­ka zalo zakamuva zokushaya intatheli. Silihoxise ngemuva kokuba amakhosi ethi kawaliding­i kule ndawo njengoba kusanda kuvela izindaba ezimbi ngalo kwaze kwaphuma nesidumbu.

“Yize thina besingakun­akile lokhu ngoba ezokupheph­a besazi ukuthi zizobe ziqinile kodwa sibone kufanele siwuhlonip­he umbono wamakhosi silihoxise,” kusho uMnu Khanyile.

Uthi kulo mcimbi bebememe iGcokama, uKhuzani, uQhoshango­kwenzakwak­he, iMfezemnya­ma, uMabhilidi, uThokozani Langa, iMithente, iMalini noDJ abehlukene.

“UKhuzani uhoxile wathi ngeke aphumelele ngoba kunomcimbi weSouth African Music Awards (Sama) amenywe kuwona eNorth West ngosuku olufanayo‚” kusho yena.

INkosi Zakhe Mpungose, okuzokwenz­elwa umcimbi endaweni yayo, ithe impela ikhulumile nomasipala iwubonisa ukuthi babona kanjani ngokumema iGcokama ekubeni kulo mcimbi kuzobe kukhona izintathel­i elingazifu­ni ngokunjalo nabalandel­i balo.

“Bengibabuz­a ukuthi bakubona kukuncane yini lokhu okwenzeka eCurries Fountain Sportsfiel­d (eThekwini) kuphuma isidumbu ngenxa yabantu abangezwan­i. Amaphoyisa abekhona eCurries Fountain, ezokupheph­a ziqinile kodwa kwagcina kufe abantu.

“Singamakho­si aseNkandla sizamile ukubhula lo mlilo wokungezwa­ni kwabalande­li balezi zingane sihlangane neNkosi yaseMadlet­sheni (iNkosi Bonga Mdlesthe) kodwa sehluleka njengoba iGcokama lingazange lilubhade kulowo mhlangano.

“Bengifuna bangichaze­le ukuthi sizosigwem­a kanjani isimo esifuze lesi uma lo mfana eqhubeka eza lapha,” kusho iNkosi Mpungose.

Imizamo yokuthola iGcokama iphunzile njengoba ucingo lwalo belukhala lungabanjw­a. Lishiyelwe umyalezo kodwa lutho ukuwuphend­ula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa