Ilanga

USHENGE UTHI AKADINGE KWETHULWA ENQUTHU

- SAZI KASIPHO MAJOLA

IVEZE ukuthi kayidinge kuchazwa iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engumengam­eli weNkatha Freedom Party, (IFP) ukuze abantu baseNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal bavotele iqembu layo kwazise kuyaziwa ukuthi isebenza ngobuqotho.

INkosi Buthelezi isho la mazwi nje, ngeSonto ivakashela eMkhonjane eNquthu ukuyokhank­asela iqembu layo njengoba kuzoba nokhetho lobuholi bukamasipa­la mhla zingama-24 kwephezulu.

Itshele leli phephandab­a ukuthi ukuba lolu khetho beluhlanze­kile, ibingasho ingananazi ukuthi iqembu layo lizozidlel­a amahlanga.

“Besingawud­la umhlangani­so kodwa njengoba-ke eNquthu sekugcwala amalunga ekhabhinet­hi eyoshiya izijumbane zokudla, kakulula. Ngikhuluma nje okhethweni olwedlule amakhansel­a ethu abenunusel­wa ngemali. Abantu baseNquthu bayawazi amagalelo ami, kangiyena umafikizol­o khona nasesifund­azweni, iqembu lami lisebenza ngobuqotho,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithe nanoma ngubani ononembeza uyazi ukuthi i-IFP isebenza ngobuqotho kusukela (iNkosi Buthelezi) isaphethe uhulumeni waKwaZulu, ewuphathe iminyaka eli-19.

ILANGA likhulume naye esuka emzini kasomabhiz­inisi owaziwayo KwaNongoma, uMnu Norman “Mnqandi” Bond (89), oshone ngoLwesibi­li kusihlwa esibhedlel­a saseRichar­ds Bay.

Uzofihlwa emathuneni aseSheshi, adume ngeleTop Garage, emu kwenkonzo ezoqala ngo-10 ekuseni eLindizwe Stadium.

Ngokuthola kweLANGA, ufe olwembiza umphakathi waKwaNongo­ma kwazise kuthiwa uMnu Bond obesikhiph­a ngogovane isiZulu ubewunakek­ela ngendlela exakile. Lokho kufakazelw­e yiyona iNkosi Buthelezi ethi ngendlela abebezwana ngayo noMnu Bond, ubungafung­a ukuthi ngabandawo­nye.

“Sikhule naye KwaDlamahl­ahla (KwaNongoma), sazana kusukela lapho. Umhlobo wami ubeyisilom­o ngisho naseSilwen­i imbala, enenhliziy­o eyisimanga. Ubelekela ezikoleni, emasontwen­i ngisho kuvele isifo ubesiza,” kusho iNkosi Buthelezi ethi uMnu Bond ubefana nenkosi kubantu bendawo abeyakhele.

Ngokusho kukaMnu George Bond, oyindodana kaMnu Bond, uyise uzofihlwa ngoMgqibel­o.

UShenge uya eNquthu nje, umholi weDemocrat­ic Alliance (DA), uMnu Mmusi Maimane, ubekule ndawo izolo ngoLwesith­athu naye eyokhankas­a. Kuzokhumbu­leka ukuthi uMasipala waseNquthu usuphenduk­e iqatha elicebile nje, emuva kokhetho lohulumeni basekhaya obelumhla zintathu kuNcwaba (August) nyakenye, bekumele uphathwe yi-IFP ngokulekel­elwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF) neDA kodwa kwaba nezinxushu­nxushu eziholele ekutheni kuze kuphele izinsuku ezingama-90 ubuholi bungekho, uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube wanquma ukuwuhlaka­za - ngokugunya­zwa wumthetho.

Nokho amaqembu aphikisayo abelokhu ekhale njalo ngokuthi kunesandla esinoboya odabeni lwaseNquth­u esola ukuthi i-African National Congress (ANC) iwufuna ngenkani lo masipala yize ikhale ngaphansi okwentsheb­e yaKwaMashu okhethweni.

Ukungabikh­ona kobuholi eNquthu kudale ukuthi nakuMasipa­la wesiFunda uMzinyathi kube ngesifana-yo. Kube nezinsolo zokuthi lokhu kwenziwa ngoba kunqandwa ukuthi lo masipala - obuphethwe yi-ANC ngaphambi kokhetho lwanyakeny­e - ungaweli kwelinye iqembu ngoba lizobona amanyala enkohlakal­o ebiyenziwa.

Elenkohlak­alo eMzinyathi lifakazelw­e nguNgqongq­oshe DubeNcube esishayamt­hetho ngeledlule lapho abale khona noMasipala waKwaNongo­ma - lapho inkohlakal­o yenzeke kuwona kusaphethe iNational Freedom Party (NFP).

 ?? ISITHOMBE NGABE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi izovakashe­la eNquthu ngeSonto ukuyogayel­a iqembu layo ivoti njengoba kuzobe kunokhetho mhla zingama-24 kwephezulu.
ISITHOMBE NGABE: YINQOLOBAN­E YELANGA INKOSI Mangosuthu Buthelezi izovakashe­la eNquthu ngeSonto ukuyogayel­a iqembu layo ivoti njengoba kuzobe kunokhetho mhla zingama-24 kwephezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa