Baphelile beqolwa ngumthandazi- mbumbulu
Umphakathi ubungasangenelani
KUXABENE ubendle eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal kakhulukazi endaweni ebizwa ngokuthi yiKwaNqundu njengoba umphakathi ungasangenelani ngenxa yokugilwa ngumthandazi-mbumbulu obehlolela abantu ocingweni egagula "abathakathi" ngamagama.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Andile Mchunu (26) waseNkandla, ubezibiza ngaMama Zwane waseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal etshela abantu izinkinga zabo njengoba zinjalo ezifihlile ukuthi uyisakhamuzi endaweni.
Kuvela ukuthi kunesalukazi sakwaKhanyile esiphunyule singqongqiswa nendlu ngomlilo emuva kokuba sinukwe,"nguMama Zwane". Umthombo weLANGA uthi uMama Zwane lo ubehlolela amakhasimende akhe esebenzisa umakhalekhukhwini kanti noma esewelapha ubesebenzisa lona belu ucingo.
Lo mkhuba kuthiwa uwuqale ngoNhlangulana (June) nyakenye kanti kakusikhona kuphela eNkandla lapho eqothule khona amaphakethe amadoda, naseBabanango naseNquthu wenze esifanayo. Kubikwa ukuthi ubengawuqali umsebenzi uma ikhasimende lingakawufaki u-R300 wokuhlola esitolo lase lithumela nezinombolo zokuwukhipha naye waqinisekisa ukuthi hhiya, useyitholile.
Eyokwelapha kuthiwa ibingaphezulu kuka-R3 000, bekuya ngezinkinga zakho. Uma eselapha, ubeyalela ikhasimende ngalo ucingo ukuba lithenge ini, liyihlanganise nani bese liyisebenzisa kanjani bese ligezela ngaphandle komuzi. Kuthiwa iphimbo ubelishintsha kube ngelomuntu wesifazane kanti imali kubikwa ukuthi beyikhishwa eMelmoth nakwezinye izindawo.
"Isimo ngendlela esiyiyona, abantu baseNkandla kabangenelani. Lo muntu ubekutshela konke, ukholwe nawe uma ekuhlolela. Ubekutshela ngisho amagama omakhelwane nokuthi umuzi wakho unjani umbala. Kuqale laphoke ukuba abantu bathutheleke kuyena, efonelwa ngapha nangapha.
"Ubebuye azishintshe amaphimbo azibize ngoBaba Zwane ethi banesiphiwo sokusiza abantu nomyeni wakhe,” kusho umthombo. UMnu Thembani Xulu waseManzamnyama, khona eNkandla, uthi yena ukhokhe u-R3 250 kanti kunesihlobo sakhe esikhokhe u-R2 000 kodwa bangaluthola usizo lokwelashwa yize lo Mama Zwane ebahlolele bakholelwa kuyena.
Uthi unazo izinkulumo eziqoshiwe behlolelwa ocingweni kodwa okumxakile wukuthi kuthe uma sekumele uMama Zwane ayokwe- lapha, wabeka izaba zokuthi baningi kakhulu abantu abamlindile kungcono balashelwe khona ocingweni.
“Ngibhubhile yilo muntu kodwa kangilivulanga icala,” kusho uMnu Xulu. ILANGA linawo ama- video aqoshwe nguMnu Mchunu esebanjiwe, ezivumela ngowakhe ukuthi usebenzise lesi sibongo sakwaZwane ngoba singandile endaweni.
“UMnu Bongi Ndima wakwaMtshwili, eNkandla, uthi uqale ukuphaphama emuva kokuba lo mthandazi ehluleke ukugagula amagama abathakatha amakhasimende akhe asuka emadolobheni kwazise bese kuyalelwana ngosizo lwakhe.
“Lo muntu ubekwazi ukuhlolela abantu bendawo kanti izindaba uzazi zonke ngoba uhlala nathi. Okuqaphelekile wukuthi akayedwa kule nto yakhe. Kalukho usizo lokwelashwa engilutholile kodwa ekuhloleni ubeshaya emhloleni,” kusho uMnu Ndima. Uthi yena ukhokhe imali engango-R1 250. Omunye wabaphumele obala ngokuqolwa, nguNdunankulu waseFigcalabeni eNkandla, uMnu Thembinkosi Mpungose, othi yena ukhokhe u-R250, bekusasele u-R1 800.
Uthi ushaye amakhala ngesikhathi lo mthandazi ethi ngeke akwazi ukuyokwelapha kwaMpungose, uzothumela abadala abangasekho bahlangane nezidalwa zakhona.
“Ngesikhathi engihlolela, ungitshele amagama abantu engibaziyo wathi yibona abathakathayo, wangitshela ngamabhizinisi abo njengoba enjalo nesikhundla engikusona.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMama Zwane lo ubethi faka imali esitolo bese edlulisa usuku ethi umfonele ngakusasa noma ntambama uzobe eseqala ehlola, okusolwa ukuthi ubesuke esenza ucwaningo ngalowo muntu uma kungesiyena oseduze kwesigodi sakhe. Ubanjwe ngeSonto komunye umuzi wakwaMgabhi, eMjahweni, khona eNkandla kade eyosebenza.
Ubesekhokhelwe imali yokuhlola. Kuthiwa ufikile wathi izinto zimapeketwane kakhulu kuzomele abuye ayokhuculula, umndeni mawulungise imali engango-R4 000.
“AbakwaMgabhi baxoxile ngalo muntu osebenzayo kanti kuvele kuyakhalwa ngaye. Amadoda asendaweni athe makafonelwe atshelwe ukuthi imali isihlangene.
“Abakulo mndeni bakwenzile lokho watheleka ebusuku kanti sekubizwe amaphoyisa wabanjwa kanjalo,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCapt Nqobile Gwala, uku- qinisekisile ukuboshwa kukaMnu Andile Mchunu (26) ngecala lokukhwabanisa.
Uthi uvelile eNkantolo yeMantshi eNkandla ngoLwesibili, icala lahlehliselwa umhla zingama-23 kwephezulu.