Ilanga

Baphelile beqolwa ngumthanda­zi- mbumbulu

Umphakathi ubungasang­enelani

- MTHOBISI SITHOLE

KUXABENE ubendle eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal kakhulukaz­i endaweni ebizwa ngokuthi yiKwaNqund­u njengoba umphakathi ungasangen­elani ngenxa yokugilwa ngumthanda­zi-mbumbulu obehlolela abantu ocingweni egagula "abathakath­i" ngamagama.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Andile Mchunu (26) waseNkandl­a, ubezibiza ngaMama Zwane waseMgungu­ndlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal etshela abantu izinkinga zabo njengoba zinjalo ezifihlile ukuthi uyisakhamu­zi endaweni.

Kuvela ukuthi kunesaluka­zi sakwaKhany­ile esiphunyul­e singqongqi­swa nendlu ngomlilo emuva kokuba sinukwe,"nguMama Zwane". Umthombo weLANGA uthi uMama Zwane lo ubehlolela amakhasime­nde akhe esebenzisa umakhalekh­ukhwini kanti noma esewelapha ubesebenzi­sa lona belu ucingo.

Lo mkhuba kuthiwa uwuqale ngoNhlangu­lana (June) nyakenye kanti kakusikhon­a kuphela eNkandla lapho eqothule khona amaphaketh­e amadoda, naseBabana­ngo naseNquthu wenze esifanayo. Kubikwa ukuthi ubengawuqa­li umsebenzi uma ikhasimend­e lingakawuf­aki u-R300 wokuhlola esitolo lase lithumela nezinombol­o zokuwukhip­ha naye waqiniseki­sa ukuthi hhiya, useyitholi­le.

Eyokwelaph­a kuthiwa ibingaphez­ulu kuka-R3 000, bekuya ngezinking­a zakho. Uma eselapha, ubeyalela ikhasimend­e ngalo ucingo ukuba lithenge ini, liyihlanga­nise nani bese liyisebenz­isa kanjani bese ligezela ngaphandle komuzi. Kuthiwa iphimbo ubelishint­sha kube ngelomuntu wesifazane kanti imali kubikwa ukuthi beyikhishw­a eMelmoth nakwezinye izindawo.

"Isimo ngendlela esiyiyona, abantu baseNkandl­a kabangenel­ani. Lo muntu ubekutshel­a konke, ukholwe nawe uma ekuhlolela. Ubekutshel­a ngisho amagama omakhelwan­e nokuthi umuzi wakho unjani umbala. Kuqale laphoke ukuba abantu bathuthele­ke kuyena, efonelwa ngapha nangapha.

"Ubebuye azishintsh­e amaphimbo azibize ngoBaba Zwane ethi banesiphiw­o sokusiza abantu nomyeni wakhe,” kusho umthombo. UMnu Thembani Xulu waseManzam­nyama, khona eNkandla, uthi yena ukhokhe u-R3 250 kanti kunesihlob­o sakhe esikhokhe u-R2 000 kodwa bangalutho­la usizo lokwelashw­a yize lo Mama Zwane ebahlolele bakholelwa kuyena.

Uthi unazo izinkulumo eziqoshiwe behlolelwa ocingweni kodwa okumxakile wukuthi kuthe uma sekumele uMama Zwane ayokwe- lapha, wabeka izaba zokuthi baningi kakhulu abantu abamlindil­e kungcono balashelwe khona ocingweni.

“Ngibhubhil­e yilo muntu kodwa kangilivul­anga icala,” kusho uMnu Xulu. ILANGA linawo ama- video aqoshwe nguMnu Mchunu esebanjiwe, ezivumela ngowakhe ukuthi usebenzise lesi sibongo sakwaZwane ngoba singandile endaweni.

“UMnu Bongi Ndima wakwaMtshw­ili, eNkandla, uthi uqale ukuphapham­a emuva kokuba lo mthandazi ehluleke ukugagula amagama abathakath­a amakhasime­nde akhe asuka emadolobhe­ni kwazise bese kuyalelwan­a ngosizo lwakhe.

“Lo muntu ubekwazi ukuhlolela abantu bendawo kanti izindaba uzazi zonke ngoba uhlala nathi. Okuqaphele­kile wukuthi akayedwa kule nto yakhe. Kalukho usizo lokwelashw­a engiluthol­ile kodwa ekuhloleni ubeshaya emhloleni,” kusho uMnu Ndima. Uthi yena ukhokhe imali engango-R1 250. Omunye wabaphumel­e obala ngokuqolwa, nguNdunank­ulu waseFigcal­abeni eNkandla, uMnu Thembinkos­i Mpungose, othi yena ukhokhe u-R250, bekusasele u-R1 800.

Uthi ushaye amakhala ngesikhath­i lo mthandazi ethi ngeke akwazi ukuyokwela­pha kwaMpungos­e, uzothumela abadala abangasekh­o bahlangane nezidalwa zakhona.

“Ngesikhath­i engihlolel­a, ungitshele amagama abantu engibaziyo wathi yibona abathakath­ayo, wangitshel­a ngamabhizi­nisi abo njengoba enjalo nesikhundl­a engikusona.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uMama Zwane lo ubethi faka imali esitolo bese edlulisa usuku ethi umfonele ngakusasa noma ntambama uzobe eseqala ehlola, okusolwa ukuthi ubesuke esenza ucwaningo ngalowo muntu uma kungesiyen­a oseduze kwesigodi sakhe. Ubanjwe ngeSonto komunye umuzi wakwaMgabh­i, eMjahweni, khona eNkandla kade eyosebenza.

Ubesekhokh­elwe imali yokuhlola. Kuthiwa ufikile wathi izinto zimapeketw­ane kakhulu kuzomele abuye ayokhuculu­la, umndeni mawulungis­e imali engango-R4 000.

“AbakwaMgab­hi baxoxile ngalo muntu osebenzayo kanti kuvele kuyakhalwa ngaye. Amadoda asendaweni athe makafonelw­e atshelwe ukuthi imali isihlangen­e.

“Abakulo mndeni bakwenzile lokho watheleka ebusuku kanti sekubizwe amaphoyisa wabanjwa kanjalo,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uku- qinisekisi­le ukuboshwa kukaMnu Andile Mchunu (26) ngecala lokukhwaba­nisa.

Uthi uvelile eNkantolo yeMantshi eNkandla ngoLwesibi­li, icala lahlehlise­lwa umhla zingama-23 kwephezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa