Ilanga

LISOLWA NGOKWEBA ISEKELA-MEYA

- SKHOSIPHI MTHEMBU noPAMELA ZUNGU

LIZIFAKE ehlazweni iphini lemeya kamasipala waKwaZulu-Natal elisolwa ngokweba izicathulo zikanokush­o kwesinye sezitolo zasoPhongo­lo, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi lolu daba lukhulunye­lwa phansi ngaphansi kukamasipa­la waleli sekela-meya njengoba luthinta umuntu omkhulu futhi ohloniphek­ile.

Ngokuthola kweLANGA, leli sekela-meya lingene kulesi sitolo liyokhonon­da ngezicathu­lo ebelizithe­ngile phambilini, lifuna ukuba zishintshw­e. Kuthiwa kube nokuhilizi­sana phakathi kwakhe nemenenja yesitolo kwazise bebenqaba ukumshints­hela izicathulo. Kuthiwa lokhu kulicasuli­le isekela-meya lavele lathatha ezinye izicathulo lashaya lachitha nazo.

Umthombo weLANGA uthi lolu daba sekukhona abazama ukulunyath­ela ngoba luthinta umuntu ohlonishwa­yo endaweni. Uthi lubikiwe emaphoyise­ni kodwa kuze kube manje, akaze aboshwe umsolwa ngoba nakhu emkhulu futhi ehlonishwa.

“Ngokuzwa kwethu, "u" (egagula isekelamey­a) ubekade ethenge izicathulo kulesi sitolo, kasazi noma ubesezigqo­kile yini. Uziphindis­ele esitolo ngoba engaseneme ngazo. Ufike wahilizisa­na nabasesito­lo ngoba benqaba ukumshints­hela lezi zicathulo.

“Kuthe uma ebona ukuthi kabamshint­sheli, wazijikije­la le kude maqede wathatha ezinye ezikanokus­ho bebuka esitolo, waphuma nazo", kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kunecala lokweba elivuliwe emuva kokuba owesifazan­e ethathe izicathulo esitolo engazikhok­helanga. Uthi okwamanje bekungakab­oshwa muntu kanti amaphoyisa asaphenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa