Ilanga

IMIBUZO NGOKUNGAFI­KI KUKANDOBE EMCIMBINI

- THANDEKA NGOBESE

ZIYAQINA izinsolo zokuthi iSekelanob­hala le-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal eliyimeya yaseHarry Gwala, uMnu Mluleki Ndobe, lingomunye wabaholi bakulesi sifundazwe abathwele ngeqoma isekela-mengameli lezwe neANC, uMnu Cyril Ramaphosa, ukuba libe ngumengame­li waleli qembu nezwe emuva kukaMnu Jacob Zuma.

I-ANC izoba nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi ngoZibandl­ela. Kubukeka umjaho wesokwenga­mela i-ANC uphakathi kukaMnu Ramaphosa noDkt Nkosazana DlaminiZum­a obeshade noMengamel­i Jacob Zuma.

Izinsolo zokweseka uMnu Ramaphosa ziqiniswe nawukuthi uMnu Ndobe akalubhada­nga emcimbini obungoMsom­buluko eNkwezela, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal wokwethulw­a ngokusemth­ethweni kukaMasipa­la iDr Nkosazana DlaminiZum­a, ongaphansi kowaseHarr­y Gwala.

UMnu Ndobe ubefakiwe ohlelweni lomcimbi ukuba ethule izicukuthw­ane kodwa zagcina zethulwe ngelinye lamakhanse­la aseDr Nkosazana Dlamini-Zuma.

Esinye sezakhamiz­i kulo masipala, uMnu Swelihle Ndlela, sithe ukungabi khona kukaMnu Ndobe kulo mci- mbi kukhombisi­le ukuthi akamhlonip­hi umholi obefike esifundeni iHarry Gwala, esho uDkt Dlamini-Zuma.

“UMnu Ndobe ungusokhay­a waseHarry Gwala, ungangabik­hona kanjani kufike izivakashi emzini wakho? Lokhu akwenzile kubi futhi abanye abantu bazokuthat­ha ngenye indlela njengoba sekubhekwe kule ngqungquth­ela ye-ANC yokukhetha ubuholi obusha.

“Noma kuthiwa uNkosazana Dlamini-Zuma akamfuni ukuba abe ngumengame­li kodwa kumele angakuvezi obala lokhu manje ngoba yena ungumholi,” kusho uMnu Ndlela.

Eziphendul­ela uMnu Ndobe, uthe zingamampu­nge nje lezi zinsolo. Uthe into emenze wangaya emcimbini yingoba ubehambele owe-ANC obuseThekw­ini.

“Lokhu ngikwenze ngokuvumel­ana nobuholi obuphezulu. Bengiyile futhi emcimbini wokukhulek­elwa kwakhe uDlamini-Zuma obukhona eBulwer ngeSonto. Abantu bayohlale bekhuluma izinto zabo ezingenasi­dingo,” kusho uMnu Ndobe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IMEYA yaseDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uNkk Ngeneleni Mncwabe, iMeya yaseBuhleb­ezwe uMnu Zamo Nxumalo noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma okuqanjwe ngaye umasipala obuwethulw­a eNkwezela, eBulwer, ngoMsombul­uko.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IMEYA yaseDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uNkk Ngeneleni Mncwabe, iMeya yaseBuhleb­ezwe uMnu Zamo Nxumalo noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma okuqanjwe ngaye umasipala obuwethulw­a eNkwezela, eBulwer, ngoMsombul­uko.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa