Ilanga

Imeya yaseKZN yeseka uDlamini- Zuma

Ithi bazimisele ukwenza kahle

- THANDEKA NGOBESE

UKUBEKE emahlombe akhe ukusebenza kukamasipa­la owethiwe ngegama lakhe, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma oke waba nguSihlalo we-African Union Commission, obewethulw­a ngokuse-mthethweni eNkwezela, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoMsombul­uko.

Ekhuluma emcimbini wokwethulw­a kukaMasipa­la iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uDkt Dlamini-Zuma uthe ngeke umasipala uqanjwe ngegama lakhe bese ewuyekelel­a nje.

“Ngizoza ngizobheka ukuthi izimali zikamasipa­la zisebenza kanjani nokuthi amakhansel­a ayaziyisa yini izidingo emphakathi­ni,” kusho yena.

Lo masipala usunguleke kuhlangani­swa uMasipala iNgwe neKwaSani. IKwaSani ibinama- wadi amane bese kuthi Ingwe ibe nali-11. UDkt Dlamini Zuma uxwayise lo masipala ngokuthi ungenzi into eseke wayibona yenzeka kwabanye omasipala yokuba kushiswe izingqalas­izinda uma kubhikishw­a.

“Ningathi uma nifuna umtholampi­lo bese nishisa isikole, leyo nto yimbi ningalinge niyenze la eNkosazana Dlamini-Zuma, niyobe nilihlazil­e igama likamasipa­la wenu.

Ukubhikish­a kuyilungel­o elikumthet­hosisekelo wezwe kodwa kakukho emthethwen­i ukushisa impahla kahulumeni. Yicala lelo, otholwe elenza kuyofanele aboshwe ngoba yisigebeng­u leso,” kusho uDkt Dlamini-Zuma.

Imeya yaseDr Nkosazana Dlamini-Zuma, uNkk Ngeneleni Mncwabe, ithembise ukuthi kawukho unyaka ozodlula bengaziyis­anga izidingo emphakathi­ni.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi ngi- ngene kulo masipala izinto zivele zihamba kahle njengoba bobabili (omasipala) abahlangan­isiwe bebethole umbiko wezezimali ongenagcob­ho.

“Namanje sizoqhubek­a kanjalo ngoba lo masipala wethu uqanjwe ngomuntu owenza kahle futhi nathi siyaphoqel­eka ukwenza kahle,” kusho uNkk Mncwabe.

IMeya yaseBuhleb­ezwe, uMnu Zamo Nxumalo, ithe igama likaDkt Dlamini-Zuma lihle konke lapho abesebenza khona ubefike enze into ebonakalay­o.

Uthe abantu banomazisi abangamakh­adi nje, kungenxa yakhe.

“Igama likaNkosaz­ana Dlamini-Zuma yilona elidinga ukuphakany­iswa (ukuba abe ngumengame­li), kangazi ukuthi umuntu ongaqhamuk­a nelinye igama ngabe ulithathep­hi,” kusho iMeya Nxumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa