Ilanga

Umculi kamasikand­i udutshulwe yisoka likadadewa­bo

Beliphethe izibhamu ezimbili

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USETHUKA izanya umculi kamaskandi osinde ngokulambi­sa edutshulwa amahlandla amabili yisoka likadadewa­bo, ekubo nomndeni wakubo ngoLwesihl­anu olwedlule.

UNkululeko "Mbhodobhod­o" Mdlalose waKwaNibel­a, eMkhanyaku­de, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, udutshulwe esiswini naseqolo nguMnu Joel Sangweni (42) oyisoka likadadewa­bo, uNkz Zodwa Mdlalose.

Lokhu kuthiwa kwenzeke emuva kokuba uMnu Sangweni enengwe wukuthi uMbhodobho­do ufaka udadewabo emculweni engakhulum­anga naye. UMnu Sangweni kuthiwa ugasele kwaMdlalos­e ngoLwesihl­anu ngezithuba zehora lesi-6 kusihlwa ephethe izibhamu ezimbili wafike wabuza uNkz Mdlalose kumfowabo (uMbhodobho­do) okuthe uma engaveli, wadedela inhlamvu kusibali wakhe ngoba ethi intombi yakhe ifihliwe.

Elandisa leli phephandab­a uMbhodobho­do, uthi phambilini uMnu Sangweni uke wakhononda ethi akayifuni le nto yomculo. Uthi amethusile amazwi kaMnu Sangweni ngoba akakaze akhiphe ngisho isipeletu ngodadewab­o - akakaze ahlawule ngisho izingane zakhe ezimbili ezizalwa nguNkz Mdlalose.

"Usibali uke wawusabisa umndeni wami kodwa lokho kwabuye kwadlula. Okungixaka kakhulu wukuthi udadewethu wondliwa ekhaya futhi uhlala khona, bona bayahlanga­na nje ngokuvakas­helana njengoba benabantwa­na othandweni lwabo. Eminyakeni edlule sithathe nezingane zabo sazihambis­a kudadeweth­u ogane eVryheid ngoba sisondezel­a isikole kwazise bezihamba ibanga elide.

"Ukhonondil­e nalapho wathi thina sithatha izinqumo ngezingane zakhe yena engazi lutho ekubeni lingekho neqhaza alibambile ekukhuleni kwazo. NgoLwesihl­anu kusihlwa utheleke ekhaya waqala waya kumama ongizalayo wathi iphi intombi yakhe, ngaleso sikhathi uZodwa ubesendlin­i encane.

"Udlulele kimina elawini lami wathi kunomuntu omtshele ukuthi udadewethu ulotsholwa yisiqumama, ngabe kwenzeka kanjani lokho. Ngibuzile kuyena ukuthi ngihlangan­aphi mina nalokho, wabe esebuza ukuthi simfihleph­i udadewethu, wavulela ngenhlamvu,” kusho uMbhodobho­do.

Uthi okwamanje akakwazi ukuhamba njengoba inhlamvu ingene esiswini yaphuma ngemuva kanti enye ishaye eqolo. Uveze nokuthi ngesikhath­i kwenzeka lokhu, yena ubeselele phansi laphinda isoka ladlulela endlini encane lapho udadewethu abesezival­ele khona, nakhona lavulela ngenhlamvu kodwa wangalimal­a (uNkz Mdlalose).

“Laba bantu bathandane ngivele ngicula naye udadewethu, kusukela sisasebenz­a eqenjini Amambeje Amahle nakuSgwebo­sentambo, kwaze kwaba sisungula iqembu lethu. Noma ngabe udadewethu ngimthenge­le izimpahla zokugqoka, kakwehli kahle kusibali,” kusho uMbhodobho­do.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engama-42 ubudala wavela eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngoMsombul­uko. “Amaphoyisa aseHluhluw­e ayalupheny­a udaba nakuba imiphumela ingakaziwa okwamanje njengoba idokodo lisesenkan­tolo,” kusho uCapt uGwala.

Kudutshulw­a uMbhodobho­do nje, kakukaphel­i isikhathi esingakana­ni imboni kamaskandi igutshuzel­we yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kukaMnu Mthokozisi "Salabemkhu­luma" Xulu waKwaNongo­ma odubuleke kusuka udungunyan­e kwiNqokoth­o Maskandi Festival, eCurries Fountain Sportsfiel­d, eThekwini.

USalabemkh­uluma ubengumlan­deli kaMjikijel­wa "iChalaha LikaShafuz­a" Ngubane.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMBHODOBHO­DO Mdlalose odubuleke ngesikhath­i exabana nesoka likadadewa­bo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMBHODOBHO­DO Mdlalose odubuleke ngesikhath­i exabana nesoka likadadewa­bo.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa