Simuncu isimo kubangwa umuzi
Umakoti ubanga noninazala
SISHUBILE isimo phakathi kukamakoti noninazala kwa-Z eMlazi, eningizimu yeTheku ngenxa yombango wendlu okumanje usenkantolo.
Kusweleke ozogadla kuqala phakathi kukamakoti nabasemzini ngesikhathi bebhidliza udonga okubiyelwe ngalo umuzi obangwayo ngoLwesibili ekuseni. ILANGA lithole ukuthi uNkk Gugu Shozi ongumfelokazi, ubanga umuzi wakhe nabasemzini abamsola ngokuthi ubaqola umuzi wakubo.
UNkz Boni Shozi ongudadewabo womyeni kaNkk Shozi, uthi indaba isuswe wukuthi bathole ukuthi itayitela lomuzi kayise selashitshwa labiza umfowabo ongasekho nenkosikazi yakhe. Umuzi (kaNkk Shozi) obangwayo, wakhelene nekhaya elikhulu kubo kaMnu Shozi kuhlukanise udonga.
"Besingenkinga ukuthi umfowethu ahlale nomndeni wakhe emzini kababa, osekusidina kakhulu manje nokusenze sathukuthela sawufuna, wukuthi umakoti useyajola ufaka amadoda akhe.
“Amadoda aphuma engena phambi kukamama (umakoti) ebuka ecashe ngodonga, ezitshela ukuthi kasimboni. Sifuna ukumkhulula aphume aphele emagcekeni akwaShozi.
“Ngeke sikuthole ukuphumula esahlala emzini kababa simbuka efaka amadoda akhe. Uhlulwa wukulungisa izimoto zikamfowethu, zifile zonke akukho neyodwa esebenzayo manje, imali uyidle namadoda akhe. Enye yamadoda akhe usehlala nayo la egcekeni lakwaShozi,” kusho uNkz Shozi. Uthi unina unike umfowabo omdala imvume yokuthi ahlale emzini wakubo nenkosikazi yakhe ngenxa yokuthi ubenamatekisi ahambela eMlazi, bebefuna ukusondela eduze nalapho kusebenza ngakhona la matekisi abo.
Uthi umfowabo nomkakhe bashiye umuzi wabo KwaMashu bayohlala emzini kayise.
“Sethuke kwaphela nasozwaneni uma umfowethu eseshonile sesithola ukuthi umuzi sebewushi- ntshile, usubiza bona bengakhulumanga nomndeni. Sizoyilwa kuze kube sekugcineni indaba yomuzi wakithi, ngeke sidlale iqola, singamane sizishaye phansi izindonga zomuzi kukhulunye indaba yokuthi akekho owutholayo,” kusho uNkz Shozi.
Uninazala kaNkk Shozi, uNkk Sizakele Shozi (85), uthi ucela umakoti wakwakhe ambuyisele umuzi womyeni wakhe ukuze bezohlukana ngokuthula.
“Ngemuva kokushona kwendodana yami, ulibeke ngembaba elokuthi okusihlanganisile sekuphelile, akaselona ilunga lomndeni wethu. Okungiphatha kabi wukuthi usephelelwe nayinhlonipho, wenza noma yikanjani phambi kwami, uhlala namashende akhe emzini wami.
“Ngiyamkhulula ukuthi aphile impilo ayifunayo kodwa makaphume aphele emagcekeni ami,” kusho uNkk Shozi. ILANGA likhuluma noNkk Shozi (makoti), akazange aphike ukuthi useqomile, uthe umyeni wakhe akasekho emhlabeni futhi kabasekho nabafowabo angakhalela kubona.
“Badlala ngami, umyeni wami kade washona, impilo iyaqhubeka bafuna ngenzenjani, ngithandane nabo? Wumuzi wami lo ngawushiyelwa ngumyeni wami, mabakhohlwe kangiyindawo, itayitela lomuzi libiza mina,” kusho yena.
Uthi ulindele noma ngabe yini ezokwenzeka kodwa ngeke ashiye umuzi wakhe ngenxa yabantu abanomona. Utshele ILANGA ukuthi ingamampunge eyokuthi ufaka amashende emzini wakhe. “Nginamatekisi, abantu abashayela izimoto ngabantu besilisa. Ngineziqashi ezihlala la emzini wami ezingabantu besilisa, kuhlale kufika abantu besilisa bezofuna umsebenzi wokushayela itekisi manje babona ngani ukuthi ngamasoka ami wonke lawa? Bangakhuluma noma yini abayithandayo, bangisole ngokuthi ngiqomile, kanginandaba,” kusho uNkk Shozi. ILANGA likhulume nephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba eliveze ukuthi kunoxhaxha lwamacala lo mndeni ovulelene wona.
Lithe sebeye izikhathi eziningana beyozama ukulamula.