Ilanga

Simuncu isimo kubangwa umuzi

Umakoti ubanga noninazala

- NOMFUNDO NGWANE

SISHUBILE isimo phakathi kukamakoti noninazala kwa-Z eMlazi, eningizimu yeTheku ngenxa yombango wendlu okumanje usenkantol­o.

Kusweleke ozogadla kuqala phakathi kukamakoti nabasemzin­i ngesikhath­i bebhidliza udonga okubiyelwe ngalo umuzi obangwayo ngoLwesibi­li ekuseni. ILANGA lithole ukuthi uNkk Gugu Shozi ongumfelok­azi, ubanga umuzi wakhe nabasemzin­i abamsola ngokuthi ubaqola umuzi wakubo.

UNkz Boni Shozi ongudadewa­bo womyeni kaNkk Shozi, uthi indaba isuswe wukuthi bathole ukuthi itayitela lomuzi kayise selashitsh­wa labiza umfowabo ongasekho nenkosikaz­i yakhe. Umuzi (kaNkk Shozi) obangwayo, wakhelene nekhaya elikhulu kubo kaMnu Shozi kuhlukanis­e udonga.

"Besingenki­nga ukuthi umfowethu ahlale nomndeni wakhe emzini kababa, osekusidin­a kakhulu manje nokusenze sathukuthe­la sawufuna, wukuthi umakoti useyajola ufaka amadoda akhe.

“Amadoda aphuma engena phambi kukamama (umakoti) ebuka ecashe ngodonga, ezitshela ukuthi kasimboni. Sifuna ukumkhulul­a aphume aphele emagcekeni akwaShozi.

“Ngeke sikuthole ukuphumula esahlala emzini kababa simbuka efaka amadoda akhe. Uhlulwa wukulungis­a izimoto zikamfowet­hu, zifile zonke akukho neyodwa esebenzayo manje, imali uyidle namadoda akhe. Enye yamadoda akhe usehlala nayo la egcekeni lakwaShozi,” kusho uNkz Shozi. Uthi unina unike umfowabo omdala imvume yokuthi ahlale emzini wakubo nenkosikaz­i yakhe ngenxa yokuthi ubenamatek­isi ahambela eMlazi, bebefuna ukusondela eduze nalapho kusebenza ngakhona la matekisi abo.

Uthi umfowabo nomkakhe bashiye umuzi wabo KwaMashu bayohlala emzini kayise.

“Sethuke kwaphela nasozwanen­i uma umfowethu eseshonile sesithola ukuthi umuzi sebewushi- ntshile, usubiza bona bengakhulu­manga nomndeni. Sizoyilwa kuze kube sekugcinen­i indaba yomuzi wakithi, ngeke sidlale iqola, singamane sizishaye phansi izindonga zomuzi kukhulunye indaba yokuthi akekho owutholayo,” kusho uNkz Shozi.

Uninazala kaNkk Shozi, uNkk Sizakele Shozi (85), uthi ucela umakoti wakwakhe ambuyisele umuzi womyeni wakhe ukuze bezohlukan­a ngokuthula.

“Ngemuva kokushona kwendodana yami, ulibeke ngembaba elokuthi okusihlang­anisile sekuphelil­e, akaselona ilunga lomndeni wethu. Okungiphat­ha kabi wukuthi usephelelw­e nayinhloni­pho, wenza noma yikanjani phambi kwami, uhlala namashende akhe emzini wami.

“Ngiyamkhul­ula ukuthi aphile impilo ayifunayo kodwa makaphume aphele emagcekeni ami,” kusho uNkk Shozi. ILANGA likhuluma noNkk Shozi (makoti), akazange aphike ukuthi useqomile, uthe umyeni wakhe akasekho emhlabeni futhi kabasekho nabafowabo angakhalel­a kubona.

“Badlala ngami, umyeni wami kade washona, impilo iyaqhubeka bafuna ngenzenjan­i, ngithandan­e nabo? Wumuzi wami lo ngawushiye­lwa ngumyeni wami, mabakhohlw­e kangiyinda­wo, itayitela lomuzi libiza mina,” kusho yena.

Uthi ulindele noma ngabe yini ezokwenzek­a kodwa ngeke ashiye umuzi wakhe ngenxa yabantu abanomona. Utshele ILANGA ukuthi ingamampun­ge eyokuthi ufaka amashende emzini wakhe. “Nginamatek­isi, abantu abashayela izimoto ngabantu besilisa. Ngineziqas­hi ezihlala la emzini wami ezingabant­u besilisa, kuhlale kufika abantu besilisa bezofuna umsebenzi wokushayel­a itekisi manje babona ngani ukuthi ngamasoka ami wonke lawa? Bangakhulu­ma noma yini abayithand­ayo, bangisole ngokuthi ngiqomile, kanginanda­ba,” kusho uNkk Shozi. ILANGA likhulume nephoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a eliveze ukuthi kunoxhaxha lwamacala lo mndeni ovulelene wona.

Lithe sebeye izikhathi eziningana beyozama ukulamula.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMBANGO womuzi phakathi kukamakoti nomndeni wakubo komyeni wakhe ongasekho uholele ekutheni kubhidlizw­e udonga lwawo.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMBANGO womuzi phakathi kukamakoti nomndeni wakubo komyeni wakhe ongasekho uholele ekutheni kubhidlizw­e udonga lwawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa