Useziduduza ngokusiza abahlwempu
Kayikatholakali
USEPHENDUKE umhambuma wasedolobheni iPinetown, entshonalanga yeTheku owesilisa waseNdunduma, KwaDabeka osekuphele iminyaka emithathu elahlekelwe yindodana yakhe ineminyaka eyisi-9 ubudala idlala emnyango.
UMnu Mduduzi Mbutho, uthi leli dolobha seliphenduke ikhaya kuyena njengoba njalo ekuseni evuka eyontunta emigwaqweni yakhona elandela umkhondo wendodana yakhe, uNdumiso Mbutho (12), okuvele ukuthi isike yabonakala khona.
Uthi lokhu sekumeze waze wajoyina inhlangano elekelela kakhulu abantu abahlwempu, ebizwa ngeCommunity Programme Trust. Ubuye asebenze kakhulu nezintandane, lokhu ukuqale emuva kokulahlekelwa yindodana yakhe okumhlukumeze kakhulu ngoba bakhona abantu abamncinze indlebe bethi iyabonakala ePinetown kanti akazi noma isuke ihamba yodwa noma kukhona oyebile.
Ucela noma ngabe ngubani ongamsiza akwazi ukuthola indodana yakhe. Konke lokhu uthi kuqale ngoNdasa ( March) wezi-2014 ngesikhathi indodana yakhe idlala emnyango koninalume KwaDabeka.
Uthi unina, uNkz Nosipho Ngcobo, yena ubesendlini ngesikhathi idlala emnyango, enganake lutho. “Kuhambe isikhathi yanyamalala khona lapho indodana yami. Ngizwe sengithola ucingo kunina engitshela ukuthi ilahlekile kabayazi ukuthi ishonephi.
"Ngiphuthumile ngaya khona saqala sabheka yonke indawo ebesiyicabanga ukuthi hleze iye kuyona kodwa sabuya silambatha.
"Ngiye emaphoyiseni ngayobika, kwaqala kwabhekwa. Amaphoyisa ayibhekile ehluleka, lize lavalwa idokodo ngoba ingatholakali. Kuthe kulo nyaka ngezwa ngomakhelwane bethi bayifanisile indodana yami ePinetown ihamba ngezinyawo.
"Lokhu kungenze ngasola ukuthi kayikho kude nasekhaya uma ibonakele ePinetown. Okungiphatha kabi wukuthi indodana yami ibuye ibe nokuphazamiseka emqondweni, okwenza ngikhathazeke kakhulu. Ngiyacela kunoma ngubani ongaba nolwazi lokuthi ikuphi asithinte ukuze sizoyibuyisa ekhaya.
"Unina naye uphatheke kabi kakhulu njengabo bonke abazali abakulesi simo," kusho uMnu Mbutho. "Kangimfiseli omunye umuntu ukuba ezwe lobu buhlungu esibuzwayo singabazali bale ngane ngoba kasazi ukuthi ilala idlile yini lapho ikhona noma isaphila. Yingakho sengiqale umkhankaso engihlose ngawo ukusebenzisana nezintandane nabanye abantu abasesimeni esifanayo nesami.
"Ngicabanga ukuthi lokhu kuzobasiza nabo ngoba sonke silahlekelwe ngabantu esibathandayo futhi abasondelene kakhulu nathi,” kusho yena.