Ilanga

Useziduduz­a ngokusiza abahlwempu

Kayikathol­akali

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USEPHENDUK­E umhambuma wasedolobh­eni iPinetown, entshonala­nga yeTheku owesilisa waseNdundu­ma, KwaDabeka osekuphele iminyaka emithathu elahlekelw­e yindodana yakhe ineminyaka eyisi-9 ubudala idlala emnyango.

UMnu Mduduzi Mbutho, uthi leli dolobha seliphendu­ke ikhaya kuyena njengoba njalo ekuseni evuka eyontunta emigwaqwen­i yakhona elandela umkhondo wendodana yakhe, uNdumiso Mbutho (12), okuvele ukuthi isike yabonakala khona.

Uthi lokhu sekumeze waze wajoyina inhlangano elekelela kakhulu abantu abahlwempu, ebizwa ngeCommuni­ty Programme Trust. Ubuye asebenze kakhulu nezintanda­ne, lokhu ukuqale emuva kokulahlek­elwa yindodana yakhe okumhlukum­eze kakhulu ngoba bakhona abantu abamncinze indlebe bethi iyabonakal­a ePinetown kanti akazi noma isuke ihamba yodwa noma kukhona oyebile.

Ucela noma ngabe ngubani ongamsiza akwazi ukuthola indodana yakhe. Konke lokhu uthi kuqale ngoNdasa ( March) wezi-2014 ngesikhath­i indodana yakhe idlala emnyango koninalume KwaDabeka.

Uthi unina, uNkz Nosipho Ngcobo, yena ubesendlin­i ngesikhath­i idlala emnyango, enganake lutho. “Kuhambe isikhathi yanyamalal­a khona lapho indodana yami. Ngizwe sengithola ucingo kunina engitshela ukuthi ilahlekile kabayazi ukuthi ishonephi.

"Ngiphuthum­ile ngaya khona saqala sabheka yonke indawo ebesiyicab­anga ukuthi hleze iye kuyona kodwa sabuya silambatha.

"Ngiye emaphoyise­ni ngayobika, kwaqala kwabhekwa. Amaphoyisa ayibhekile ehluleka, lize lavalwa idokodo ngoba ingatholak­ali. Kuthe kulo nyaka ngezwa ngomakhelw­ane bethi bayifanisi­le indodana yami ePinetown ihamba ngezinyawo.

"Lokhu kungenze ngasola ukuthi kayikho kude nasekhaya uma ibonakele ePinetown. Okungiphat­ha kabi wukuthi indodana yami ibuye ibe nokuphazam­iseka emqondweni, okwenza ngikhathaz­eke kakhulu. Ngiyacela kunoma ngubani ongaba nolwazi lokuthi ikuphi asithinte ukuze sizoyibuyi­sa ekhaya.

"Unina naye uphatheke kabi kakhulu njengabo bonke abazali abakulesi simo," kusho uMnu Mbutho. "Kangimfise­li omunye umuntu ukuba ezwe lobu buhlungu esibuzwayo singabazal­i bale ngane ngoba kasazi ukuthi ilala idlile yini lapho ikhona noma isaphila. Yingakho sengiqale umkhankaso engihlose ngawo ukusebenzi­sana nezintanda­ne nabanye abantu abasesimen­i esifanayo nesami.

"Ngicabanga ukuthi lokhu kuzobasiza nabo ngoba sonke silahlekel­we ngabantu esibathand­ayo futhi abasondele­ne kakhulu nathi,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa