Ilanga

ITHEKU LIZOQHUBEK­A NOKUPHATHA INDABA

- THANDEKA NGOBESE

KULINDELEK­E ukuba iTheku lihlomule ngo-R2 billion emkhakheni wezokuvaka­sha njengoba ngoLwesibi­li kumenyezel­we ukuthi leli dolobha lisazoqhub­eka nokusingat­ha umbukiso wezokuvaka­sha omkhulukaz­i eNingizimu Afrika, iTourim Indaba, iminyaka eyisihlanu.

Lo mbukiso uqale ngoLwesibi­li kanti uphela namhlanje eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini.

Lo nyaka besekungow­ama-27 iTheku lisingatha ngempumele­lo lo mbukiso ohanjelwa ngabezinda­ba abaqhamuka emazweni ahlukene.

Kulo nyaka abezindaba abahambele lo mbukiso bangama-300. Ikhuluma neLANGA imenenja yezokuvaka­sha kuMasipala weTheku, uMnu Phillip Sithole, ithe bajabule kakhulu ukuthi leli dolobha liphinde laqokwa ukuba lisingathe Indaba.

“Lokhu kusho ukuthi amazwe ayasethemb­a ukusingath­a lo mcimbi ngendlela ehloniphek­ile nehlelekil­e. Okusijabul­isa kakhulu wukuthi amathuba ebesiwatho­la sisazoqhub­eka siwathole. Kule minyaka engama-26 eyedlule sikwazile ukwenza imali elinganise­lwa kuR3 billion ngokuba neTourism Indaba.

"Kweyalo nyaka sikwazile ukwenza u-R105 million. UMengameli Jacob Zuma evula ngokusemth­ethweni lo mbukiso ngoLwesibi­li, uveze ukuthi umkhakha wezokuvaka­sha udale amathuba ayi-1.5 million. Imali eyenziwe ngezokuvak­asha ngowezi-2015, iwu-R375 billion.

"Le mali sifuna ukuba yenyuke ngo-R2.2 million ngowezi-2026. Iningizimu Afrika sifuma ibe sohlwini lwamazwe ahamba phambili emkhakheni wezokuvaka­sha.

"Kumanje simatasata­sa nezinhlelo zokuba kube nesitimela esizozunge­za wonke amazwe ase-Afrika,” kusho uMnu Sithole.

Uthe basazoqhub­eka nokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba kwazise banesifiso sokuheha izivakashi ezintsha eziyizi-5 million kule minyaka eyisihlanu ezayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa