Ilanga

BADANGELE NGOLWEMFUY­O

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UZIBOPHEZE­LE ekutheni uzovakashe­la indawo okubekwe kuyona izinkomo zabantu ezithathwe nguMnu Lawrens Houston, ongumnikaz­i wepulazi, iNormardie­n eliseDannh­auser, enyakatho yeKwaZuluN­atal, ungqongqos­he wezolimo kulesi sifundazwe, uMnu Themba Mthembu.

UMnu Mthembu ukusho lokhu emuva kokuya eNkantolo eNkulu yeziSebenz­i eThekwini ngoMsombul­uko lapho bekulindel­eke ukuba kuphume isinqumo esiphoqa uMnu Houston ukuba abuyisele lezi zinkomo ezingama-300 ezithathwe kubanikazi bazo ngoba kuthiwa ziqeda utshani epulazini.

Kakuqhubek­a ukulalelwa kwaleli cala njengoba abameli bakaMnu Houston befake incwadi yesicelo sokuba kushintshw­e ijaji ngoba belisola ngokuchema. Mhla zingama-26 kuNdasa (March) inkantolo ikhiphe isinqumo sokuba uMnu Houston abuyisele izinkomo kubanikazi.

Abantu baphume enkantolo ngoMsombul­uko bebhalwe intukuthel­o ngenxa yokungaqhu­beki kwecala kodwa bagcine sebechazel­wa ngummeli wabo, uMnu Sibusiso Jiyane ngokuhlehl­a kwalo. Okubanenge kakhulu wukuthi basuke kude benethemba lokuthi bazobuyela emuva sebazi ukuthi zibuya nini izinkomo.

Ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a uMnu Mthembu, uthe basazohlel­a isikhathi lapho bezovakash­ela khona le ndawo okugcinwe khona lezi zinkomo ukuyobheka ukuthi zisekhona yini. “Njengoba lezi zinkomo zithathiwe, kubaluleki­le ukuba zibhekwe ukuthi zisesimeni esihle yini nokuthi zisaphila yini. Uma uthatha inkomo ebihlala epulazini, idla ngokukhulu­leka uyoyivalel­a esibayeni, ingagcina ngokufa ngoba kayijwayel­anga (ukuhlala ndawonye)," kusho yena.

Ephawula ngesinqumo sabameli bakaMnu Houston, uthe kuyaxaka ukuthi sonke lesi sikhathi bebelinden­i bengasifak­i lesi sicelo baze bezosifaka ngelanga obekumele ngabe kuphuma ngalo isinqumo. UMnu Lucky Shabalala okhulumela abanikazi bezinkomo, uthi bebekulind­ele okwenzekil­e.

"Besazi ukuthi yinto ezokwenzek­a, kakusethus­i lokhu ngoba bazama ukubambeze­la icala, akukho okunye,” kusho uMnu Shabalala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa