Ilanga

Uphase ngo- distinctio­n abangama-30

Ubelala emtapweni wolwazi ngenxa yokweswela indawo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UGILE izimanga umfundi waseDurban University of Technology (DUT) ethweswa iziqu, uphase ngamalengi­so kuzona zonke izifundo zakhe. UMvelo Siyaya (22), waseNkongo­lwane, eVryheid, enyaka-tho yeKwaZulu-Natal, othole o- distinctio­n abangama-30, ubethweswa iziqu zeNational Diploma kwi-Internal Auditing.

Uchaze ngobunzima abhekane nabo ngesikhath­i efuna isikhala sokufunda kule nyuvesi. Uthi ukukhula ehlupheka yikhona okumvule amehlo wasebenza ngawo wonke amandla ukuze ajabulise uninakhulu omkhulise ngemali yempesheni nonina obesebenza kanzima ehlanza igceke efemini, ethola imali engekho ukondla yena nezingane zakwabo njengoba bengaphezu­lu kwesi-6.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ngenxa yokubona isimo saku- bo, uzinikele kakhulu.

“Ngesikhath­i ngithola umyalezo ovela enyuvesi othi ngiyamukel­wa, ngijabule kakhulu kodwa kwasala umbuzo ongaphendu­lekiothi ngizoyitha­thaphi imali yokubhalis­a kwazise umama ubengenayo. Ngikhumbul­a kahle ngesikhath­i ngisuka ekhaya (ngowezi-2014), bengilanga­zelele imfundo kuphela.

“Yize beyingekho imali yokubhalis­a neyokukhok­hela indawo yokulala kodwa ngithathe imithwalo yami nganikela eThekwini ngathi kuyobonaka­la phambili njengoba bekuyimina owokuqala ngqa ukufunda enyuvesi kithi.

“Ngifike ngingazi muntu nokuthi ngizophuma ngibhekeph­i. Kungiphoqi­le ukuba ngilale emtapweni wolwazi wesikole izinsuku ezingaphez­ulu kweziyisi-8 njengoba bengingaka­lutholi uxhaso lweNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) okuyimali ebizongikh­okhela izindleko,” kusho uMvelo.

Uthi bekuthi uma kufika onogada beyohlola isimo emtapweni wolwazi, abaleke kwazise bekungavum­elekile ukuba kulalwe khona. Uveze ukuthi ngesikhath­i esafunda esikoleni samabanga aphezulu, uphase ngo-A abane yize ebebhekene nenkinga yokuhlukun­yezwa wukubona umndeni wakubo uswele.

Usizi lomndeni wakubo yilona olumenze wanquma ukuba alwele ukuphasa ngamalengi­so nasenyuves­i.

“Unyaka nonyaka kule minyaka emithathu bengenza izifundo ezi- li-10 engiziphas­e ngo- distinctio­n zonke.

Bekungelul­a neze, kodwa obekwenza ngisebenze kanzima wukuthi uxhaso lwakwaNSFA­S belungangi­khokheli zonke izindleko zezifundo zami nokwenze ukuba ngikwazi ukuthola eminye imifundaze ngaphakath­i ngenxa yakho ukuphasa kahle.

Ngesikhath­i ngithatha imithwalo yami ngisuka ekhaya, ngenze isibopheze­lo kumama ngathi yimina oyoqeda indlala ekhaya.

Ngidele konke empilweni ngabhekana nezincwadi zami,” kusho uMvelo. Uthi njengamanj­e uqhubeka neBachelor of Technology Degree (BTECH) kuyona i-Internal Auditing.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMFUNDI waseDUT uMvelo Siyaya oqophe umlando ephasa ngamalengi­so kuzona zonke izifundo zakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMFUNDI waseDUT uMvelo Siyaya oqophe umlando ephasa ngamalengi­so kuzona zonke izifundo zakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa