Ilanga

AMANXEBA ASOPHA KOBEHAMBIS­E IZIBIZO NGENGOZI YEBHASI

- THANDEKA NGOBESE

KUQAQAMBA inhliziyo avukwe yisibibith­wane owesilisa waseBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal, obeqashe ibhasi eligingqik­e KwaNtunjam­bili eNkandla, maphakathi neKwaZuluN­atal, labhubhisa inqwaba yabantu ehambise izibizo ekhweni ngenyanga edlule uma echaza ngalolu daba.

UMnu Mbhidi Ngwadi, ongumyeni obeqashe ibhasi, uthi impilo inzima njengoba unina nodadewabo beshone kule ngozi, usesele nabafowabo abane abancane kunaye.

Ekhuluma neLANGA, uthe njalo uma ebuka izingubo zokulala namaphinif­a abebeyombe­sa ngawo ekhweni inhliziyo yakhe ivele ibe buhlungu kakhulu njengoba kufe abantu bethi bazokwandi­sa amalunga omndeni ngomakoti.

“Noma sesiphinde­la ekhweni sesihambis­a lezi zinto, ngeke kusafana nasekuqale­ni umama engasekho. Zintathu kuNhlangul­ana (June) sizobe sikhumula inzilo ngokuhanje­lwa ngumama, yilapho kumele sihlele khona ukuthi sizophinde sizihambis­e nini lezi zibizo zasekhweni ezigcwele indlu.

“Nalapho kangazi kuzokwenzi­wanjani ngoba sishonelwe saze sashonelwa nangudadew­ethu nezinye zezihlobo kule ngozi,” kusho uMnu Ngwadi.

Echaza ngokwenzek­ile ngosuku lwesigamek­o, uthi babehamba belindana nebhasi, yena nomzala wakhe behamba ngemoto encane.

Uthi badlule eMgungundl­ovu bathatha ezinye izihlobo zabo, nazo zangena ebhasini kwaqhutshe­kwa nohambo, ibhasi lihamba phambili. Sebefika eKranskop ibhasi limile abantu bayozikhul­ula, kumnandi kuculwa kungekho lutho olusolisay­o.

“Sithe uma sisuka lapho mina ngahamba phambili ngoba yimi engazi ekhweni lami, ibhasi belisiland­ela eduze. Emajikeni aKwaNtunja­mbili bengithi ngisithela ngilibone seliqhamuk­a ibhasi kodwa kuleli jika lokugcina ngibone kudlula isikhathi eside lingaqhamu­ki.

“Ngiqhubeki­le saze salilinda emgwaqweni ojikela ekhweni. Ngibona kuthatha isikhathi eside lingasaqha­muki ngase ngijika ngithi ngiyolibhe­ka. Kuthe ngisahlehl­a ngijika, kwangena ucingo lukadedewe­thu kodwa lushaywa ngomunye wesifazane ethi ibhasi selivelelw­e yingozi.

“Uma sifika endaweni yesigameko, ngibone udadewethu ehleli ebhasini kodwa ngangabe ngisakhulu­ma naye ngoba abantu bebekhala emahlashan­eni angezansi becela usizo. Bengilokhu ngibadonsa ngibayisa emgwaqweni, umzala ubematasa efona ukuze kutholakal­e usizo.

“Ifikile i-ambulensi yabasiza abanye nemoto yezidumbu yafika yathatha abese beshonile. Kule ngozi kushone abantu abali-12 endaweni yesigameko, abathathu bashonela esibhedlel­a,” kuchaza uMnu Ngwadi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLt Colonel Thulani Zwane uthe akekho osaboshiwe ngalolu daba njengoba kusenziwa uphenyo. Uthi kuzothi uma seluphothu­liwe bese udaba luyiswa enkantolo okuyiyona ezonquma ukuthi umshayeli uyaboshwa noma cha.

Emajikeni aKwaNtunja­mbili bengithi ngisithela ngilibone seliqhamuk­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa