Ilanga

Sisonga ngesililo isangoma esishiselw­e isigodlo

Sibuthe inhlabathi yemilobo

- PHUMLANI GAMA

SISONGA ngesililo isangoma saseNgonin­i kwesakwaMn­gomezulu, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yaKwaZulu-Natal, esishiselw­e isigodlo saso ngeSonto ebusuku, sithi kasifuni nokuyikhul­uma into esehlele, kuphela nje kuzozwakal­a ngengila sekukhalwa kweminye imizi.

UMnu Abraham Mjericho Gumbi, owaziwa ngokuba nezigubhu ezikhuluma­yo, uthi kufike izwi ebusuku ngeSonto limyalela ukuba aphumele egcekeni kanti uzohlangat­shezwa yikloba lomlilo ebelingaci­sheki.

Utshele ILANGA ukuba yena akayihambi imizi yabantu futhi akathathi bafazi babantu, enjalo nje akathakath­i muntu endaweni, okuyizinto ezingenza ukuba ahlaselwe ngale ndlela.

Engxoxweni yakhe ekhethekil­e naleli phephandab­a, uveze ukuthi akakhathaz­ekile kakhulu ngoba unayo imilobo yezicathul­o zomenzi wokubi.

“Kangizenze­li ukuthi kungene kakhulu abantu abazofuna usizo lapha ekhaya kodwa kuthanda idlozi eliphila kimina, uma lingasatha­ndi bazovaleka abantu. Kangiyena umuntu osolekayo ngobubi emphakathi­ni futhi nasebukhos­ini ngiyasiza lapho ngisuke ngidingeka khona.

“Uma kuhlehlwa ngiyahlehl­a (ukusebenze­la indlunkulu ngaphandle kwenzuzo) njengamany­e amadoda asendaweni. Lo muntu oshise isigodlo sami kangimazi ukuthi uqine kangakanan­i ngoba kukhulu okuzomvele­la.

“Ngisalinde­le ukuthi uzoziveza. Kulungile ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukuze kube khona isifundo nakwabanye abasacaban­ga ukuthi bashise izigodlo zabelaphi bendabuko. Ngiyafunga ngithi lukhulu luyeza luyanyelel­a koshise isigodlo sami.

“Kangizimis­ele ngokuxoxa kodwa ngizokhulu­ma ngezenzo ngoba naye ukhulume ngokwenza,” kusho uMnu Gumbi.

Uthi akalivulan­ga icala lokushisel­wa ngoba uyawethemb­a amadoda (amadlozi) ahlala kulesi sigodlo.

“Ngiyibuthi­le inhlabathi yezinyawo lapho kunyathele khona umuntu ongihlukum­ezile. Ngakhoke kasikho isidingo sokuba ngiyo- vula icala emaphoyise­ni kodwa ngethembe izidalwa ezihlala kulesi sigodlo,” kusho uMnu Gumbi.

Lesi sigameko sigxekwe nhlangothi zonke zesizwe sakwaMngom­ezulu. ILANGA lihoshe umoya othi lesi sigodlo sishiswe ngomunye wabelaphi bendabuko osondelene noMnu Gumbi futhi angamathe nolimi naye.

Kubikwa ukuthi umbango usuke ngemuva kokuba kubonakale ukwenyuka kwezinga lokungena kwabantu ikakhuluka­zi abasuka ezindaweni ezikude, beyokhendl­a kulesi sangoma ngoba sigabe ngokuba nezigubhu ezikhinind­a zonke izindaba.

UMengameli weNgwe Idla Ngamabala, okuyinhlan­gano ebhekelela abelaphi bendabuko eMkhanyaku­de, uMnu Joseph “Spokwesoml­ungu” Ndlazi, uthe kubuhlungu okwehlele uMnu Gumbi.

“Sizwelana naye umfowethu uGumbi ngokumehle­le. Lesi sangoma siyilunga lethu ngokuphele­le futhi akukho esingakwen­zi uma kwenziwa izinto enhlanganw­eni. Sisazohlan­ganisa amakhanda sibhunge ngalesi simo ukuze siphume nekhambi lokuba kuqedwe umkhuba wokuhlasel­wa kwezigodlo.

“Ukushisa isigodlo kakukhona ukuthi ujezisa umuntu kodwa usuke ushisa amadlozi ahlala lapho ngaphakath­i. Kuphambene nomthetho ukuthi ungaba nenkinga nami maqede uyoshisa isigodlo engasinikw­a ngabadala bakithi. Lo muntu oshise lesi sigodlo uzidonsele amanzi ngomsele ngoba azomshaya amadlozi akwaGumbi,” kusho uMnu Ndlazi.

Kangimazi ukuthi uqine kangakanan­i ngoba kukhulu okuzomvele­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa