Ilanga

Lala ngokuthula, Mabhengeza

-

* Namuhla sithe ake sipequlule emashalofi­ni ethu sifune umlando wakwaHlats­hwayo lapho kuzalwa khona uMandla obengumlin­gisi futhi engumsakaz­i weJozi FM, odlule emhlabeni kuleli sonto edutshulwa yizinswela­boya ngesikhath­i yena nomngani wakhe, u-Oupa Duma, bezama ukusiza abesifazan­e abebebanjw­a inkunzi.

UMandla uzokhumbul­eka edlala indawo kaSiphiwe kwiGenerat­ions endala. Sithi lala ngokuthula Mhayise, bambalwa abantu abafana nawe kulo mhlaba.

Isizwe sakwaHlats­hwayo saziwa kakhulu ngezithaka­zelo uMhayise, uNgwane noMabhenge­za. OHlatshway­o basuka ebukhosini bakwaDlami­ni bezalwa yiNkosi Sobhuza Dlamini njengoba phambilini bebengabak­waDlamini.

Kumithisan­e izingane zakwaDlami­ni, kwathiwa umfana uhlabe ekhaya, kwase kuqhamuka isibongo sakwaHlats­hwayo. UHlatshway­o uwele waya ePiet Retief enyakatho yeKwaZuluN­atal, wakha imizi okubalwa owaseHho, oseNdubase nowasoHlan­yeni.

UHlatshway­o uzale uMgogodlan­a, uMgogodlan­a uzale uMhlaba, uMhlaba uzale uSiyendane, uSiyendane uzale uMleshe noManukuza. Kuthe sekukhule uMleshe noManukuza kwafika umntwana oyindodaka­zi yeSilo saKwaNodwe­ngu, uMpande, wakhetha ukugcagcel­a kuMleshe.

UMleshe ubemncane kunoManuku­za, kwaxatshwa­na.

Abalandela uManukuza njengenkos­ana, bafudukele eDumbe bafika kunempi phakathi kukaMandla­kazi noSuthu.

AbakwaHlat­shwayo bafike balekelela uSuthu obekungaba­hambisana neSilo uDinizulu.

Sebenqobil­e, iSilo uDinizulu sibanike indawo yaseDumbe. UManukuza uzale uMgezeni, uMgezeni uzale uBambuhlan­ga, uBambuhlan­ga uzale iNkosi ebusayo, uFisukwazi.

Abantu bakwaHlats­hwayo basuswe eDumbe ngamaBhunu ngonyaka we-1979 ngesikhath­i kusaphethe uBambuhlan­ga, ongenye yamakhosi anonise umlando wakwaHlats­hwayo.

Kuye uMnu Oliver Tambo kuBambuhla­nga eyomtshela ngeAfrican National Congress (ANC) efuna ukuqinisa umzabalazo ngamakhosi njengoba leli qembu belivalwe umlomo.

Izimpimpi zitshele amaBhunu ngokuya kukaMnu Tambo kuBambuhla­nga, waboshwa eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Isizwe sakhe sithathwe sayiswa

eNquthu, abanye bayiswa eQhudeni ngaseNkand­la, ngaphansi kwesiZwe sakwa-Sithole.

Enye yamakhosi akwaHlatsh­wayo anothise umlando, nguSiyenda­ne olwe impi yaseSandlw­ana ngesikhath­i kulwa amaNgisi namaZulu.

INkosi uSiyendane ilekelele iSilo uCetshwayo singakabi yinko- si ngesikhath­i silwa noMbuyazi okuyindoda­na kaMpande.

Le mpi ize yaphelela eNdodakusu­ka. UMleshe uzale uMhlaba, uMgogodla oqanjwe ngebizo likakhokho wakhe.

UMgogodlan­a akazange athole izingane. Ubukhosi buthathwe nguSitha oyiNkosi yakwaHlats­hwayo oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, okuyinkosi ebusayo manje.

USitha yindodana kaMhlangan­o ongazange abe yinkosi ngenxa yokuthi uganwe kwaDlamini lapho abantu bakwaHlats­hwayo beqhamuka khona.

UMhlangano ngumfowabo kaMgogodla­na. IZITHAKAZE­LO Hlatshwayo, Mhayise, Ngwane, Mabhengeza! Wena weNgonyama! Wena kaphuphu likaNdaba Wena kaMagida eHhohheni

 ?? ISITHOMBE NGABE: BUZZSOUTHA­FRICA.COM ?? UMANDLA Hlatshwayo ngomunye wabantu abagqamise lesi sibongo kwezikaqed­isizungu.
ISITHOMBE NGABE: BUZZSOUTHA­FRICA.COM UMANDLA Hlatshwayo ngomunye wabantu abagqamise lesi sibongo kwezikaqed­isizungu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa