Ilanga

Umnikelo nevangeli

- Bonginkosi@ilanganews.co.za

INDABA yemali nomnikelo ezinkonzwe­ni ibukeka ingasoze yaphela kuze kubuye iNkosi uJesu. Ngokudlule sike sakhuluma ngokuthi ingcebo nevangeli kumelene yini na.

Silithinti­le nephuzu elithi mhlawumbe lo msindo okhona njengamanj­e, kokunye obuye udale ungabazane ukuthi mbala ngabe zonke izinceku zibiziwe ngempela noma ezinye ubufundisi sekuyithub­a nje lokuzicebi­sa, mhlawumbe ususwa yindlela osetshenzi­swa ngayo umnikelo.

Siyayeseka indaba yokunikela kwabazalwa­ne ezinkonzwe­ni. Indaba-ke isiyoba kuyona inceku enomthwalo wokwalusa umnikelo nokubona ukuthi wenza lokho oqoqelwa khona, angangeni kuyona mzalwane kuyona.

Lapha sibheka isizathu sokucela nokwamukel­a iminikelo emabandlen­i. Incazelo enhle yokucelwa kweminikel­o yileyo enikezwa nguMphosto­li uPaul encwadini I KwabaseKor­inte 9:1-14.

Sizoyicaph­una kabanzi le ndima yeZwi leNkosi ukuze sihlambulu­lane kulolu daba lomnikelo ngoba lona ngokwalo luhle futhi lubusiseki­le. Inkinga ivela ekusingath­weni kwezindaba zokunikela kanjalo nokusetshe­nziswa kwawo umnikelo njengoba sekushiwo.

Nokho wona ngokwawo uyisiko lenkonzo elihle kakhulu nelifanele­kile. Nanamuhla zikhona izinceku ezikulo msebenzi ngoba zibiziwe ngokwempel­a, ezinye zayeka imisebenzi - eholela kangcono - ezaziyenza ukuze zondle imindeni yazo zalalela iphimbo likaNkulun­kulu.

Kwelanamuh­la sizozama ukuveza isidingo esisobala somnikelo, kakusiyona indaba yethu ukuthi uye usebenze kanjani emuva kwalokho. Ngeke sijule ngokuthi ungenye yezindlela zokudumisa uNkulunkul­u. Amazwi esizowacap­huna njengalokh­u enjalo eBhayibhel­ini, ayimpendul­o enhle ngenceku ekusebenza kwayo kungasolek­i ndawo kulo mbandela wokuphathw­a kweminikel­o.

Asiyibuken­i le ngxenye yeZwi leNkosi njengempen­dulo kumfundisi odele konke wemukela ubizo kodwa enesidingo naye sokondla izingane zakhe.

Nanko-ke amazwi ayichaza kahle le ndaba: “Angikhulul­ekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonan­ga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphosto­li bami eNkosini yinina.

“Lokhu kuwukuziph­endulela kwami kwabangiso­layo. Asinalunge­lo yini lokudla nokuphuza na? Asinalunge­lo yini lokuhamba nomzalwane­kazi ongumkethu njengabany­e abaphostol­i, nabafowabo beNkosi noKhefase na?

“Yimi kuphela noBarnaba esingenalu­ngelo lokuyeka ukusebenza na? Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini angazidli izithelo zaso na? Ngubani owalusa umhlambi angadli ubisi lomhlambi na? Lokho ngikusho ngokwa- bantu nje na? Ngokuba kulotshiwe emthethwen­i kaMose ukuthi: 'Ungayifaki inkabi isifonyo nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkul­u ukhathalel­a izinkabi na? Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye. Uma thina sihlwanyel­e kini okomoya, kuyinto enkulu yini uma sizovuna okwenyama na?'

“Uma abanye behlangany­ela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asiliseben­zisanga lelo gunya kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithi­yi ivangeli likaKristu. Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempe­li nokuthi abakhonza e- althare bahlangany­ela ne- althare na?

“Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezel­a ivangeli baphile ngevangeli."

Icaciswe kahle yonke indaba lapha, ngisho nokusebenz­ela iNko- si ngokugcwel­e (ivesi 6) nokuthi umfundisi uthola isabelo (ivesi 10), okungasho khona ukusebenzi­sa wonke umnikelo ezidingwen­i zakhe luqobo.

 ??  ?? UMNIKELO uyisiko lasenkonzw­eni elisekelwe yiBhayibhe­li njengendle­la yokukhonza nokweseka ivangeli.
UMNIKELO uyisiko lasenkonzw­eni elisekelwe yiBhayibhe­li njengendle­la yokukhonza nokweseka ivangeli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa