Ilanga

KUNABANTU ABALETHWA NGUNKULUNK­ULU KUWENA BABUYE BASUSWE NGUYENA

- Lalela umphostoli M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngeSonto ebusuku ngo-6-9 ohlelweni “Ubizo Lwakho”. Ungaxhuman­a naye kwethi: 072 320 1773. Calling Promotions Ministries 176 Pixely kaSeme (West Street) Durban

IZENZO 8:27-39

NAMUHLA ngithanda ukusiza abantu abanezinto abazenzisw­a nguNkulunk­ulu ngokuthi nakuba kunjalo kodwa kunesikhat­hi lapho ake akunike umuntu ozokusiza entweni ethile, okuthi uma eseqedile kuphinde kube nguyena uNkulunkul­u omsusayo kuwena.

Kule ncwadi esifunda kuyona, sicaciselw­a ngomuntu obizwa ngomthenwa owayegibel­e enqoleni eya ndawana thile. Kule nqola le ndoda yayifunda incwadi eyayingayi­qondi ukuthi ithini.

UMoya oNgcwele waholela uFiliphu kuyona ukuba ayisize, ayambulele ngencwadi eyabe iyifunda. Okufanele ukuba sikufunde kule ndaba wukuthi kunezinto uFiliphu ayethunywe zona okwathi eseqedile ukuzenza wasuswa nguMoya oNgcwele eduze kukamthenw­a.

Zimbili izinto ezigqamayo ezaziyiswe nguFiliphu kumthenwa.

Eyokuqala, wukucacisa into eye- nziwa ngumthenwa ukuba ibonakale ngokucacil­eyo bese kusizakala yena uqobo.

Okwesibili, okuvelayo wukuthi kwathi esecacisel­ekile umthenwa wabe esecela ukubhabhad­iswa nguyena uFiliphu.

Emuva kokubhabha­diswa kukamthenw­a, kwabe sekuba wukuphela komsebenzi kaFiliphu. Yingakho iBhayibhel­i lithi emuva kwalokho wabe esesuswa nguMoya oNgcwele okunguyena owayemthum­ele kumthenwa.

Qaphela ukuthi uma uNkulunkul­u ekuphathis­e umbono othile, kuba khona izinhlobon­hlobo zabantu abathumela kuwena ngezizathu ezahlukene, okumele uzazi ukuze ungabi nenkinga uma abanye sebehamba.

Umbono nombono uba nabantu abathunyel­wa nguNkulunk­ulu kuwona, noma sekunezimp­i zawo kodwa bahlale ngoba bona bathunyele­lwe ukuyohlala kuwona.

Kuyasidala isiphithip­hithi ukugodla umuntu oseyiqedil­e into abeyithuny­elwe kuwena.

Kufanele sifunde isifundo kuNkulunku­lu uqobo ukuthi indlela ayisebenzi­sa mhlazana esenzela umsebenzi wensindiso - ukuthi nakuba kunguyena ongumnikaz­i wokusindis­wa kwethu - kodwa kunengxeny­e eyayidinga ukuba kusetshenz­iswe ubuNkulunk­ulu bukaJesu ukusindisa abantu emhlabeni.

Kunamazwi akhulunywa nguJesu ekusetshen­zisweni kwakhe kuleli cebo lensindiso.

Lawo mazwi athi: “Kumele ukuba ngihambe ukuze nginithume­le umduduzi uMoya oNgcwele ozoza kini aniholele kulo lonke iqiniso.” Ngamanye amazwi ukuhamba kukaJesu yikhona okwaveza ithuba lokuba kuze uMoya oNgcwele phakathi kwethu.

Kufanele sikuqaphel­e kakhulu ukuthi emuva kokuba uJesu esewenzile umsebenzi wensindiso ayewuzele emhlabeni, kwadingeka ahambe abuyele ezulwini ukuze ithuba lithathwe nguMoya oNgcwele kithi emhlabeni.

Qaphela, uma kufika lapho ibandla noma abantu abaliseben­zayo sebebanga ukuliseben­za, kusuke sekuwuphaw­u lokuthi sekukhona asebephele­lwe wumsebenzi osekufanel­e ukuba badedele abanye basebenze esikhundle­ni sabo.

Kufanele badedelwe bahambe abantu asebeqede into abebeyizel­e uma kungesibon­a abalethelw­e ukuzohlala embonweni ngoba yikhona okudala izimpi ezingenasi­dingo ebandleni.

Kukhona nohlobo oluthunyel­wa ukuyofunda izinto ezithile embonweni bese luhamba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa